Inhliziyo iphethe amazwi asivezayo ukuthi singobani (NgokukaMathewu 12:33-37)

Ezinye zezingqinamba enkolweni yobukristu  akusiyo inkolo yamasulumane, eyabakhonza izithombe noma abakhonza amadlozi, kepha ukukholwa okungaqondakali obugcwele inkolo kodwa kungesibo ubudlelwane obuchazwa yilenkolo, okungamanga; okuphambene neqiniso.

Inkolo yobukristu yangempela wuthando lukaKristu nokulandela uKristu okulalela izwi lakhe liphilwe (ekaJakobe 1:25). Inkinga nje ngukuthi inkolo ingabukeka iyinhle ngaphandle kepha kukhona ukungazimiseli enhlizweni, ukungalaleli uNkulunkulu okungaphakathi. Ukuzinikela kwezenkolo yangaphandle kungenzeka kuvele njengesibuko sokungabi ngcwele. Lokho kungukuba ngumzenzisi nokuzikhohlisa wena.

Njengokuba iso liyiwindi lomphefumulo womuntu – amazwi ayiwindi lenhliziyo. Kuthiwa umuntu wesilisa ojwayelekile ukhuluma amagama angama-25000 ngosuku, owesifazane yena ukhuluma angama 30000. Leli yiphuzu uJesu alibekela abaFarisi kulesiqeshana. Uvesi 37 uthi “ngokuba ngamazwi akho uyakuthethelelwa, nangamazwi akho uyakulahlwa”. Kungani kuthusa ukuthi uJesu ukhuluma ngalendlela? Ake sibuke sibone ukuthi kungani?

Kuvesi 24 wesahluko 12, abaFarisi bathi uJesu unosathane noma amadimoni. Bahlambalaza inkosi Kanye noMoya Ongcwele ngokuthi uJesu wenza imimangaliso ngomoya kabhelzebhuli. UJesu, kunokuba azilande ukuthi ungubani, uveza bona ukuthi banjani. Uyaphendula kuvesin 33 ngokuthi, “yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.” UJesu uthi laba abaFarisi abakwazi ukuthi wenza akwenzayo ngomoya wamadimoni ngoba akwenzayo kuhle. Into enhle ayihambisani nemvelo kasathane. Ukucabanga kwabo kwakungawenzi umqondo ngoba ububi abuzali ubuhle kanti nobuhle abuzali ububi. Ungajabula yini mengase utshale isihlahla sama aphula ebese siveza ama aphula amnandi kulonyaka, siveze amabi kolandelayo?

UJesu ubhekana nabo ngqo kuvesi 34, “Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ukuhlambalaza okwakusezindebeni zabo kwakungubufakazi obucacile bokwakusezinhliziyweni zabo. Kungani bengakusho okulungile? Kulula, bangabazenzisi abenza izinto zenkolo nabahlela ukuzenzisa. Ngawo wonke amandla abo  bazama ukuzenza abahle ngokukhomba uJesu njengomubi. Kahle hle, akekho umuntu ongakholwa ongaveza izithelo ezinhle ngokuba izinhliziyo zethu sonke noma zonke zimbi. Singaveza izithelo ezinhle kuKristu kuphela, ngale kokwenza izinto ezithile zenkolo. Kepha abaFarisi bamziba uJesu, bancamela ukumbiza ngomubi.

UJeremiya uyasisiza ukuba siqonde lokhu uma ethi “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke”. (uJeremiya 17:9) Lokhu yikho kanye uJesu athi kuyinkinga lapha – inhliziyo. Uyabona kodwa ukuthi abaFarisi babemdinga kanjani uJesu nokuthi nathi simdinga kanjani namhlanje?

Uvesi 34 uthi “ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo”, kithina inhliziyo isho imizwa, kepha umqondo lapha ngowokucabanga, noma intando, omthombo wayo usenhliziyweni. UJesu uyakuveza lokhu kuMathewu 15:18 uma ethi, “kepha okuvela emlonyeni kuphuma enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu”. Ngamanye amazwi, umuntu ungcoliswa ngokuphuma enhlizweni yakhe. Ivesi 19 “ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza”. Umlomo ukhipha kuphela lokho okusenhliziyweni.

Abaningi bethu sebeke bezwa noma basho lokhu uma kuphuma amazwi abuhlungu nahlabayo, Kuthi kungakabi nasikhashana esitheni abuye umuntu esezothi “bengingakuqondile” ngokuba kunzima kuleso sikhathi, ngenxa yokuthi sisho izinto ezimbi kwesinye isikhathi, kepha uJesu uthi, ungabi nokuzithethelela ngalawo mazwi ngoba nguwe uqobo lwakho losho lawo mazwi.

Inhliziyo ingumthombo wakho konke okuphuma ngomlomo wethu. Sinaye lowomngani olimi lwakhe lungasokiwe, kwenye inkathi onyathela abanye izinzwane. Lokho kungasokwa kolimi lwakhe kungukuzenzisa okuvela kuphuma phakathi enhlizweni yakhe okuhleliwe. Ekubeni nomzwangedwa, ukucasuka, ukungakwazi ukubekezela, ukuba wedwa bengekho abazalwane, lokho okusenhlizweni yakho kuzovela. UJakobe 1:26 uthi, “uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, angabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.” Kungakho uJesu ebalahla abaFarisi kuvesi 36 no 37.

Singakuqonda kanjani ezweni lethu lokwahlulela uJesu akhuluma ngakho?

Kungabe uJesu uthi silungisiswa ngokwemisebenzi yethu na? noma ngamazwi ethu njengokuba sifunda lapha. Qha akunjalo. Encwadini yabaseRoma isahluko 2 uthi “uNkulunkulu uyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe” lokhu akusho ukuthi asisindiswanga ngomusa. Imibhalo ikuveza kucace bha ukuthi sisindiswe ngomusa kungesiyo imisebenzi ukuze angabibikho ozozibonga encwadini kwabaseEfesu isahluko 2:8-9. Kepha sijwayele ukumkhohlwa uvesi 10 “ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe Kuyo.”

Ngokuba singabazalwane, sisindiswe ngomsebenzi kaKristu sanikezwa inhliziyo entsha ethela okuhle njengokuba uJesu ethi “kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhlizweni”

Kepha kuyenzeka ukuthi umlomo wethu uqale ukhiphe okuzwakala njengomuntu omdala yilapho ke amazwi eNkosi esibamba khona, lokhu kumele kusivezele ukuthi simdinga kangakanani ngamandla kaMoya oNgcwele, ukusisiza ukuthi sikhule ngokuba siyakuzilanda ngawo wonke amazwi esiwakhulumayo. Yize noma singeke silahlekelwe yinsindiso yethu, siyalaywa futhi singalahlekelwa imivuzo.

Kongakholwa ekukhulunywa ngaye kulesi siqeshana, abaFarisi bagxilisa inkolo yabo ekungathembekini nasekujabuleleni isono kanye nokuziveza njengabangcwele. Lokhu kwakungesikho ukuthi bayona lapha nalapha njengabazalwane kepha babekuhlela ukuba abazenzisi.

Kungabonakala sengathi banomusa nesihawu neqiniso, besho namazwi anokuhlakanipha, kepha kungekudala ayavela namazwi amabi kanye nezenzo ezimbi okuveza ububi obufihlwe enhliziyweni. Inhliziyo engaguqukile ayihlezi imboziwe, inendlela yokuziveza. UJesu uthi abangakholwa bayakulahlwa ngenxa yalokho. Lokhu kubi impela ngoba kunokuba baphendukele ku Kristu oweza wafela izoni ukuze izinhliziyo ziguqulwe zithethelwe ziqede ngempilo yokuzenzisa, abangakholwa bazama ukuzihlanza babalekele amazwi amabi aphuma enhlizweni embi, kunokuba baye kuKristu.

Kungabe amazwi akutshelani ngenhliziyo yakho? Kungabe amazwi akho avezani ngobudlelwane bakho noJesu-enhlizweni?

 

Previous
Previous

Reflections: The Greatest Commandment - Love of God and neighbour

Next
Next

If salvation was truly free, wouldn’t we keep sinning?