Injabulo yeqiniso ivela kuNkulunkulu – KwabaseFilipi4:4-7
Iqiniso lithi wonke umuntu kukhona adlula kukho. Siphila ezikhathini ezinzima. Uma singalwi nesono njengabazalwane, kube yingcindezi yomsebenzi, ukungasebenzi, ukufunda, yizinkinga zomndeni noma ezomnotho, Kuningi. Iphuzu lami yileli, kunzima kithi sonke, ngakho-ke ukujabula kuba ngumqansa.
Kwivesi lesine, kwisahluko sesine, uPawulu ugqugquzela, noma uyala ukuba bathokoze. kwakunokungaboni ngasolinye okwakukhona ebandleni. Khona kunjalo, uPawulu ubayalela ukuba bathokoze, nathi ngokunjalo. Kungenzeka ukuba akukho okuhamba kahle khona manje, kepha ukuthokoza enkosini ngalokho eyikho kithi kuzolungisa indlela esibuka ngayo zonke ezinye izinto. Kusenza sigxile endaweni elungile. Kusisiza sibone ukuthi intokozo yangempela ivela kuphi. Ukuthokoza kwangempela kuza ngobudlelwane phakathi kwakho noNkulunkulu ngoJesu Kristu.
Impilo engenakho ukuthokoza iholela ekukhathazekeni. UPawulu unikeza omunye umyalo kwivesi lesithupha, uthi “Ningakhathazeki ngalutho”. Yize noma kungathusa ukucabanga ngalendlela, ukukhathazeka kungukungalaleli uNkulunkulu. Kungukuhluleka ukukholwa izithembiso uNkulunkulu azenzile ezwini lakhe. Ngiyazi lokhu kuyiqiniso ngoba nami uqobo ngilwa nokukhathazeka cishe usuku nosuku futhi ngiyakubuka kuza kanjani. Ezinsukwini lapho ngibuka kimina kakhulu, noma ngithemba amandla ami kakhulu, kulapho okuqonga khona. Kungathi kuyangikhumbuza, “aybo, usuzethembe wena kakhulu muva nje”. Ngikutshele iqiniso, angazi ukuthi ngikuyeke kanjani ukukhathazeka, kepha ivesi 6-7 liveza ikhambi lokukhathazeka. Umkhuleko yikhambi lokukhathazeka. Kulengxenye, lemikhuleko ibhekene nalokho okuletha ukukhathazeka, okuntshontsha injabulo yethu nokuthula. Uthi masingakhathazeki ngalutho. “Ngalutho”, leligama liphethe umqondo wanoma siphi isimo esikhathazayo noma esikuphuca ukuthula kukaNkulunkulu. Kunokuthula okuza nokuthemba uNkulunkulu, uPawulu uthi kudlula ukuqonda konke, futhi lokhu kuthula kuhola inhliziyo yakho nengqondo yakho kuKristu Jesu.
Kulesi sikhathi kufanele ukuba ume kancane ucabange ukuthi yini ebilokhu ikusinda, Yini eyenza kube nzima ukujabula kuNkulunkulu. Kungabe usumutshelile uNkulunkulu ngayo? Noma ngabe kuthiwa ucabanga ukuthi ayisile kanjani, uma ikuphuca ukuthula, yivume kuye namhlanje! Yiba nesibindi ngokuba emva kokukhuleka, ukuthula okuthenjisiwe kwivesi 7 kuzohola inhliziyo nengqondo yakho. Khuleka uthembe uNkulunkulu, injabulo yakho izakukhula.