Inkosi inguNkulunkulu omkhulu.

Kusukela izinto zabuyela “kokujwayelekile” emva kokhuvethe, impilo kungathi ihamba ngokushesha lapha kimi. Kulula nje ukubambeka ezintweni ezenzekayo eduze kwami. Kulula ukuthi ngibambeke kokwenzeka phambi kwami. Singaba matasa ngokukhathazeka ngalokho ingomuso elisilethela kona noma sibambeke kokungemuva ngemizwa yokuzisola okusisibekele nokungaphezu kwethu, noma ukufuna impinda kokudlule, noma impilo ekade sinayo ngaphambi kokhuvethe. Lokho “okujwayelekile” okusha kugcwele izithiyo kanye nokukhathazeka.

Impilo ingaba matasa umuntu aze akhohlwe ukuma abuyekeze. Kuningi okwenzekayo.

Ezikhathini ezimatasa njengalezi. UNkulunkulu kungenzeka nje agcine esebekwe eceleni wakhohlakala. Abantu nabathi siyikho kugcine sekuyikho okuchaza ubuzwe bethu noma ukuthi singobani, nokuthi sicabanga kanjani. Sizizwa singabalawulayo impela uma senza izigidigidi zezinqumo, siye lapha nalaphaya, senze lokhu nalokhuya. Izwe ligcina selimemeza futhi livala amadlebe, uNkulunkulu uba eseba mncane, izwi lakhe lithule tu. Bese siyamangala, simangazwa yizinto esesizikhohliwe, ukuthi ungubani uNkulunkulu, nezimpilo zethu sezisikhombisa ukuthi siphila sengathi akekho.

Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu, uyinkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke. Esandleni sakhe kukhona izinzulu zomhlaba, neziqongo zezintaba ngezakhe nazo. Ulwandle ngolwakhe, walwenza, nomhlabathi owomileyo wawubumba ngezandla zakhe

Amahubo 95:3-5

LoNkulunkulu, uyinkosi, mukhulu – inkosi ingaphezu kwabo bonke onkulunkulu. Ukujula komhlaba kusesandleni sakhe! Indalo yonke ingeyakhe, wenza, wadala konke. Izinhlelo zethu, ukukhathazeka kwethu, izinto esizibona zibalulekile ziyaphasha uma ziqhathaniswa nenkosi nobukhulu bayo. Ngokubona uNkulunkulu lokho ayikho, sizibona thina uqobo lwethu. Yonke into ima endaweni yayo – ngaphansi kukaNkulunkulu. Umbhali wehubo uyasimbulela, esikhombisa ukuthi  ezintweni zonke, impilo nezinkathazo zayo, konke kungaphansi kwesandla somninimandla, inkosi enamandla. Zonke izinto zingaphansi kolawulo lwakhe.

Umbhali wehubo usimemela ukuba sithokoze ngokuthakasa enkosini, ukumemeza kokunqoba ngokuba ulidwala lensindiso, siyakwazi nokungena enkosini ngendumiso nokubonga! Ngaphezu kwalokho, umbhali wehubo usibizela ukuba sehlise ijubane, sidumise, siguqe kuNkulunkulu. Ngokuba siyizimvu zedlelo lakhe, abantu abangaphansi konakekelo lakhe. Umbhali wehubo uyasithobisa ngokusikhumbuza ukuthi inkosi akumele ishuthekwe ekhabetheni ize ikhohlakale, kepha kumele ibe phambili ezingqondweni zethu, sisabheke kuye ngakho konke: insindiso, ukunakekelwa Kanye nokuholwa, ukubala nje okumbalwa.

Masingabi matasa sibambeke kwesikugijimisayo okungasho lutho, kude noNkulunkulu kukho konke, kungaze izinhliziyo zethu zibe lukhuni, sibhekane nemiphumela enzima. Ake ngokuthobeka sifune yena, kuthi konke kube nendawo yakhe ngaphansi kwakhe.

Previous
Previous

True life in Jesus

Next
Next

The Lord is a great God