Isihlalo sokwahlulelwa kwamakholwa

Ngiyazibuza ukuthi yini efika engqondweni yakho uma uzwa ibhayibheli likhuluma ngalokhu:

KwabaseRoma 14:10-12

“Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi, ‘kimina ayakuguqa amadolo onke, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ”Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.”

2 Kwabasekorinte 5:10

“Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu, ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi.”

Ekufikeni wami kuKristu, bengiba nenkinga nemibhalo ekanje, ibingenza uma ngicabanga ngokwahlulela ngikubuke njengesijeziso, kwaze kwaba ngihlangana negama lesi Grekhi elisho ukwahlulelwa elithi “bema”

Esikhathini sakudala ngesikhathi somncintiswano wokugijima, bekuba khona onegunya obekwe esihlalweni esiphezulu, ubebekelwe ukuba ngumahluleli kumncintiswano aphinde anikeze umkomelo kwabaphumelelayo “John macArthur & Richard May-hue, Biblical Doctrine pg. 865-866).

Uma kukhulunywa ngokwahlulela kwamaKristu, ibhayibheli lihlezi lisebenzisa igama “Bema” kodwa kungabe lichaza ukuthini.

Yini elingayichazi – ukujeziswa:

NgokukaJohane 5:24

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.”

KwabaseRoma 8:1

“Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu”

1 EkaJohane 4:16-18

“Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye. Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe. Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.”

Yini eliyichazayo - isikhathi semikomelo:

 

 

Isambulo 11:8

“nezizwe zazinolaka, kepha kwafika ulaka lwakho, nesikhathi sokwahlulelwa kwabafileyo, nokunika umvuzo izinceku zakho, abaprofethi nabangcwele nabesabayo igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”

 

1 KwabaseKorinte 3:12-15

“Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, 13 umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. 14 Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; 15uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni.”

Imisebenzi imibi nemihle eyenziwe ngezinhloso ezingalungile iyakusha. Labo abakhonze uKristu ngokuthembeka bayokomeliswa kakhulu.

Ukuphetha okubili

·       Kukhona ukwahlukahlukana kokuthokoza nesibusiso sasezulwini okukonyeliswa thina (abakholwayo) kepha akusiso isijeziso.

·       Umkomelo awuncikile ekutheni esakwenzayo kwakungasese noma kwakusobala, ukuthi kwakwenziwe umuntu onesikhundla esiphezulu, njengozinikele ukwenza umsebenzi weNkosi kuphela, noma umfundi ophilela uKristu enyuvesi. Lokhu kumele kusigqugquzele ngoba kungenzeka sizibone singelutho, futhi sikhonza ngendlela izwe eliyibona ingafanelwe umkomelo, uNkulunkulu uyayibona yonke imisebenzi yethu, futhi uzosikomelisa ngokulungile.

Lokhu kumele kusivezele ngokusobala futhi sazi ukuthi iNkosi ayibuki esikwenzayo kuphela, ibuka nokuthi sikwenzelani.

NgokukaMarku 9:41

“Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”

Imisebenzi emincanyana ingasenza sithokozele isibusiso ezulwini. Iqiniso elimnandi kakhulu ukuthi singezwa inkosi ithi “Kuhle, nceku enhle nethembekileyo.”

Isizathu sokuthi kuyoke kuthiwe kithi thina zoni siyizinceku ezithembekile, esingwakazi ukwenza into efanele uNkulunkulu, singaze sikhohlwe; kungenxa kaKristu kuphela. UKristu owafa wasixolela izono zethu ukuze sibe ngabalungileyo, esingcwelisela ekulungeni ukuze kuzobamba izenzo zethu, amazwi Kanye nemicabango, ebese ngosuku lokubuya kweNkosi sikhazimule ukuze sizokhazimulisa yena, sihlale naye ingunaphakade.

Oh, yeka umsindisi esinaye kuKristu Jesu iNkosi yethu.

Previous
Previous

“There is something I would like you to know” said Paul. Philippians 1:12-18

Next
Next

 The Bema Judgement of Believers