Ithemba kwabangenathemba lokuhle (uGenesise 3)
Muva nje, bengibukabuka ukungalungi kwempilo. Hhayi lezinto ezinkulu ezimangaliszyo. Lokhu nje okujwayelekile, ubunzima bansuku zonke bokuphila nokuba ngumuntu kulelizwe. Izinto ezikuphatha kabi emzimbeni, ukungabi nomdlandla, ukulwisana nezimfuno zethu eziphikisanayo phakathi kwalokhu engikwazi njengokulungile nokuhle Kanye nokubukeka kuyindlela engenazingqinamba, ingcindezelo yezezimali, ubunzima bomsebenzi Kanye nobudlelwane, amaphuzu angaqhubeka nje. Angisiye nokho umuntu onesasasa ngekusasa elihle nje emhlabeni. Abanye babangani bami nomndeni wami bangangibona njengomuntu onesasasa ngokuhle ngomuso. Abanye babangani bami nomndeni bangazi njengemeya “yokubuka ngukulindela okungekuhle” okubi. Kunezinto zangempela lapha, kepha ngiyazi ukuthi angingedwa. Hlampe nawe uyakwazi lokhu.
Ukungabi nethemba kungaya kungena uma ubuka izimo ezinzima neqiniso lempilo. Kepha kunenduduzo engajwayelekile encwadini kagenesise 3. Hleze indawana eyaziwa kakhulu ebhayibhelini, futhu nje kunesizathu. Iveza okwenzeka okwaholela kwesikwazi noma okwaziwa kakhulu ngokuthi “Ukuwa koluntu”. Yingakho nje ngithi yinduduzo “engajwayelekile”. Uma kungenzeka ukuthi awukwazi lokhu engikhuluma ngakho, awuthi ngikufingqele:
Ekuqaleni kwesikhathi, uNkulunkulu wadala konke – umhlaba, isibhakabhaka, izinkanyezi, izilwane, abantu – konke. Ibhayibheli lithi konke kwadalwa kukuhle, kwakungenasici, yonke into yasebenza njengokuba kumele isebenze. Lokhu kusho ukuthi umhlaba wadalwa, wanikwa konke okuzogcina impilo, nokuthi impilo ichichime. Abantu badalelwa epharadesi elihle/eliphelele, nakho konke abakudingayo. Okubaluleke kakhulu, babenzelwe ukuba babe nobudlelwane noNkulunkulu, baphile ngaphansi konakekelo lakhe nokubusa kwakhe ngenkathi bedlala indima yabo. Impilo yayiyinhle, yayingekho nzima futhi kwakungekho ukungazi ukuthi ulindeleni ngoba yonke into yayinjengoba kumele ibenjalo, ngaphansi kolawulo lukaNkulunkulu lothando.
Kepha-ke, izinto zashintsha ngenye indlela kwisahluko sesithathu ngenkathi abantu bekhetha ukungalaleli imiyalo ababeyinikwe nguNkulunkulu. Lesi senzo sokungamethembi uNkulunkulu saholela kwimiphumela engemihle; ububi/ukubola koluntu lonke olalandela (olwaqhubeka kuwo lomgudu wokungalaleli) Kanye nokufa, nokuhlupheka. Lokhu kungibuyisela empilweni namuhla.
Uma ufundisisa okwenzeka kwisahluko sesithathu, siyabona isiqalo sempilo le esiyaziyo. Uma uqhubeka nokufunda kwincwadi kagenesise uyakubona ukwehla kwezinto zibheke phansi. Kona kunzimana ukukufunda. Kepha uma ngifunda isahluko sesithathu, ngaduduzeka ngenxa yezizathu ezimbili.
ESokuqala ngukuthi lokhu kusitshela ukuthi kungani izinto zinjengoba zinjena. Kuveza ukuthi impilo kwakumele ibe njani nokuthi kwaphazama kuphi. Ngandlela thize kunikeza ukububula kwethu isizathu sisaqhuba kulempilo ngokuba isivezela iqiniso lomhlaba owonwe ngububi Kanye nesono. (Ngicela uqonde, ngisebenzisa igama ‘ukunika isizathu’ ngokuqaphela, angiqondile ukuveza ukunika isizathu sesono, kepha ukuthi ugenesise 3 uhambisana nesibhekana nakho empilweni okungubunzima ngenxa yesono). Impilo inzima, lelo yiqiniso. Ugenesise uyakuqinisekisa lokho futhi uyayelapha inkinga (inking yithi). Asishiywanga ebumnyameni sengathi kwenziwa ucwaningo olunesihluku. Sithola ukwazi amaqiniso ayizisekelo angasisiza impilo yenze umqondo.
Isizathu sesibili sitholakala kwivesi lama-21:
“USimakade uNkulunkulu wenzela indoda nomkayo iziphuku, wabembathisa”
Ukungalaleli kwabantu kwakuyinto engeke ithathwe nje kancane, futhi kwaholela kwimiphumela yesikhathi eside impela. Kepha inkosi yabembathisa, yaba nomusa kubo. Lokhu kuletha ukukhanya kwethemba endabeni ngokuba kuveza isimo sikaNkulunkulu, engenabo ubulungiswa nje kuphela, kepha futhi enomusa. Hleze uzoba nomusa kuluntu lonke.
Kungabe-ke uyawuveza? Isexwayiso – yebo. Njengoba iqhubeka indaba kagenesise, ngisho nebheyibheli lambula, sibona umusa kaNkulunkulu ulokhu wengezwa, unzulu kakhulu futhi ucebe ngaphezu kwesingakucabanga. Umongo nguJesu nokulunga kwakhe ehlazweni labo kwisahluko sesithathu. Kepha uNkulunkulu, kuJesu, wembathisa lowo nalowo ngokulunga kwakhe, loyo ozoncika emseni wakhe. UJesu walenga esiphambanweni, ehlutshuliwe izingubo zakhe wenziwa ihlazo ukuphindisa emuva isiqalekiso eseza phezu koluntu kwincwadi kagenesise isahluko sesithathu.
Ngakho-ke yebo, impilo inzima impela manje, futhi iyasabisa. Kuyingwijikhwebu ukuthola ukududuzeka kwisahluko sesithathu (Ikakhulukiazi uma ungenalo ithemba lokuhle ngomuso!) Kepha, siyayibona inhlasana yethemba endabeni yoluntu. Futhi kuJesu, sibona ngokugcwele ukuceba komusa kaNkulunkulu kwizoni ezingawufanele. Ngenxa yomusa wenkosi, ngisho ongenathemba ngokuhle ngomuso angaphila impilo yethemba nenjabulo phakathi kobunzima, uma kuphela ebengabuka lomusa, azilahlele kuwo.