Izinto ezinhlanu ekumele uzazi uma ukhuluma nama Afrika.
Izethameli nezathameli kunento ezisuke ziyibhekile uma uphambi kwazo, lokho kusho ukuthi kukhona izinto okumele uziqaphele uma ukhuluma nezithameli ezithile.
Uma ukhuluma nezethameli zase-Afrika, kukhona izinto umuntu okumele aziqaphele, izinto okungenzeka ukuba zahlukile kunalezo umuntu azejwayele, izinto ezingathatheka kancane. Indaba yobuntu ibaluleke kakhulu emphakathini wabantu abamnyama njengokuba esho u Dennis (Kilama, 2017). Uthi “Umuntu ngumuntu ngabantu”. Ngamanye amazwi, kusho ukuthi ngikhona ngoba sikhona.
Izindatshana zidlala ingxenye enkulu ekukhuleni kubantu basa Afrika, ngakho kumele lokho ungakukhohlwa uma ushumayela kubo (Gertzen, 2020). Amaculo, ahlobene nalokho okukhulunywa ngakho adlala ingxenye noma indima enkulu, kanjalo nemibungazo idlala enye ingxenye empilweni yabantu okusuke kushunyayelwa kubo (Gertzen, 2020).
Kubaluleke kakhulu ukuthi ube nempilo kwintshumayelo yakho ukuze labo oshumayela kubo ungaze ugcine usubafikisela ngomzwangedwa. Kumele uzame izindlela zokuhambisana nalabo oshumayela kubo, hlampe ingxoxo. Ukukhuluma undende kugcina sekungathi ungumfundisi ofundisa ekilasini futhi leyo akusiyo indlela engingaluleka ukuthi uyisebenzise kubantu base Afrika (Gertzen 2020).
Kufanele futhi uqaphelisise ukubaluleka komlando kuma-Afrika. Uma sikhuluma ngomlando asikhulumi nje ngokufika kwabamhlophe kanye nalabo ababezoshumayela kepha sisho ngaphambi kokufika kwabokfika. Indima eyadlalwa yilabo abantu bokufika abamhlophe kanye nababebusa ngobandlululo (uma ubheka ezwenikazi iNingizimu Afrika) angeke sikwazi ukuyiziba, yize noma kuyinkulumo noma ingxenye ebucayi yomlando, ikakhulukazi uma ushumayela ngengxenye lapho kungekho khona ubulungiswa, ukucindezelwa kanye nokuxolela (Gertzen, 2020). Ubozama ukugwema ukusebenzisa amagama amakhulu esingisi ngoba ukufunda kusayinkinga ngoba abanye abantu abakaze baye esigabeni semfundo ephakeme (Gertzen, 2020).
Thinta kwizinto zanamuhla njengobuphofu, izinto ezithinta abantu usuku nosuku, impilo yabazalwane yansukuzonke, uphinde futhi ubuke indaba yamadlozi njengoba kubizwa wona njalo kufunwa indlela noma inkombandlela uma kubhekenwe nezinto ezinzima. (Gertzen, 2020). Kulokhu okungenziwa abantu ngoshumayela ngakho, shumayela ngethemba nezindlela eziphathekayo, kwizinkathazo zansuku zonke nezimo ezinzima, kungabi nje ukuthi uzokhuleka noma uzobakhulekela, phinda uveze ukubakhathalela, ube nesihawu nokuzwelana nabo ngezindlela eziphathekayo, Ubuntu kubukeka kanjalo, nencwadi yezenzo 2:42-47 iyisibonelo esihle salokhu.
Ukuhlonipha noma inhlonipho idlala ingxenye enkulu kakhulu emphakathini wama Afrika nakumasiko, ngakho-ke indlela umuntu aziphatha ngayo uma ushumayela, kanjalo namagama owasebenzisayo uma ukhuluma nomuntu omdala ibaluleke kakhulu (Gertzen, 2020). Uma ukhuluma namalunga ebandla, ukuwabiza ngamagama kuyinto enyusa izinhlonze uma kungabantu abadala, abantu abashadile noma abadala kunawe. Amagama abachazayo njengomama nobaba noma bazalwane iwona amagama ongawasebenzisa uma ukhuluma noma ushumayela, kumele udlalele kude nokubabiza ngamagama abo noma ubabize ngabangani nibe ningalingani, abantu abadala bakubona njengokudelela lokho uma umuntu ongaphansi kwabo ebabiza ngabangani.
Indawo okuyo idlala indima enkulu kakhulu kwintshumayelo yakho ngoba iyakukhumbuza ukuthi zihlele kanjani nokuthi yikuphi okumele ugxile kukho ngokwengxenye osuke ushumayela ngayo ebhayibhelini, kungenzeka ukuba leso sigatshana esifundiwe singokukhathazeka, ukuthokoza noma iyakhuza, hlampe ibuyisa ithemba, ngakho-ke kumele ngisho indlela ogqoke ngayo kufanele iveze okuthize ngengxenye yebhayibheli oshumayela ngayo uma kungenzeka.