Kungabe umkhuleko wesoni wenziwa ngokwebhayibheli noma uholela ophathe?
Siyakuthanda ukuthola imibuzo efana nalona ongaphezulu kubafundi! Futhi sizimisele ukuyiphendula ngokukaKristu, ngaphansi kwezwi likaNkulunkulu, neso elibheke kwimvelo esizungezile manje.
Nanku omunye waleyo mbuzo:
“Ngifisa ukwazi ukuthi umkhuleko wesoni wenziwa ngokwebhayibheli noma uyindlela eholela ophathe noma engukuduka yokusindiswa?”
1. Okokuqala, kuncike ekutheni uchaza ukuthini uma uthi “wenziwa ngokwebhayibheli”.
Okokuqala ongakhetha kukho: Kungabe ubuza ukuthi umkhuleko wesoni usuka ngqo ebhayibhelini? Ngamanye amazwi hlampe kwivesi noma ingxenyana ebhayibhelini esingayicaphuna?
Okwesibili ongakhetha kukho: Noma uqonde ukuthi uyahambisana nebhayibheli?
Uma usho lokhu okokuqala (ingxenye yebhayibheli), lapho impendulo ingu: qha, umkhuleko wesoni awukho ebhayibhelini ngaleyo ndlela.
Lokhu ngukuthi, ayikho ingxenye ethize njengomthandazo omkhulu (baba wethu osezulwini), eyenza umkhuleko wesoni.
Kukhona izingxenye ebhayibhelini ezingukhuleko wokuvuma isono – Amahubo 51, ukwenza isibonelo – Kepha angikaze ngilizwe lelihubo lisetshenziswa njengomkhuleko wesoni licashunwa njengoba linjalo. Siphinde sithole encwadini ngokukaLuka 18:13 lapho uJesu esebenzisa umfanekiso, lapho umthelisi ekhuleka ethi “Nkulunkulu, ngihawukele mina soni”. Ibandla lama-orthodox eliseMpumalanga linesihumusho salo salokhu esibizwa “ngomkhuleko kaJesu” lapho khona bethi “Nkosi Jesu Kristu, ndodana kaNkulunkulu, ngihawukele mina soni”. Kepha ngisho nabo ngobubanzi (ngokwazi kwami) basebenzisa noma bakhuleka lomkhuleko ekudlinzeni kwamakristu nasemthandazweni.
Akusikho kuphela ukuthi umkhuleko wesoni awuveli ngqo ebhayibhelini, hlampe nawe futhi uyazi, umkhuleko uyashintsha ezimweni nezimo zabazalwane. Lokho kungukuthi, awukho umkhuleko wesoni owodwa kepha lomkhuleko uyashintsha kumabandla ngamabandla, noma kumshumayeli nomshumayeli, kusukela ekutheni yimaphi amazwi abafuna ukuwasebenzisa. Abanye basebenzisa amanye amazwi ebhayibheli, abanye abawasebenzisi. Yize noma ukucaphuna amazwi ebhayibhelini kungaqinisekisi lutho (akusiso isisho esiguqula izinto samlingo), eminye imikhuleko yesoni ayisondele nje ebhayibhelini – ngukwenza umkhuleko kuNkulunkulu omelene nenhlamvu yezibhalo.
Uma hlampe ubuza ukuthi umkhuleko wesoni uyahambisana yini nebhayibheli (okungokwesibili ongakukhetha) impendulo ithi: yebo, ungahambisana.
Ake uhlehlele emuva.
UnoKristu emqondweni, siyayalwa nguNkulunkulu ukuba siphenduke sikholwe yizindaba ezimnandi zikaKristu (NgokukaMakhu 1:15 – buka noPetru encwadini yezenzo 2:38). UPawulu ukubeka kanjena encwadini kwabaseRoma 10:9: Ngakho-ke labo abeza kuKristu, ngokusebenza kukaMoya kubo, bazobona/bavume izono zabo bakholwe nguJesu.
Phambi kukaNkulunkulu, sikwenza lokho ngomkhuleko – singakwenza buthule noma ngokukuphimisela, singakwenza ngasodwana noma Kanye nabanye – sikhulume naye ngesono sethu, sithembe kuJesu. Umkhuleko wesoni ungaba yingxenye yokukhuleka kokuphenduka (sivume izono zethu), nokukholwa (sivume ukukholwa kuJesu).
Hlampe ukuvama kwethu ukuthi ‘yithi noNkulunkulu’ kumele kuphoselwe inselelo ukuze sizobona ukuthi esikhathini esiningi uNkulunkulu usebenzisa abanye ukusisiza ukuza ekukholweni. Kungesikho ukuthi basitshele ngoJesu nje kuphela, kepha bekhuluma nathi ngokuthi kubukeka kanjani ukukhuluma noNkulunkulu ngalokhu akwenzayo kithi sikukholwa. Lokhu kuyahambisana nencwadi kaMathewu 28: 18-20 lapho siyalelwa khona ukuba senze abafundi – thina siza eduze kwabanye.
Ngakho-ke, angisiboni isizathu sokuthi kungani umuntu noma abantu abaningi (umngani, umfundisi eqonda ngqo, noma amagama bhalwe ngemuva encwadini) engeke amsize omunye ukuveza lezo zinto – kubasize ngalawo mazwi. Futhi, ngicabanga ukuthi kumele kubhekwe isimo ngesimo, kanti futhi angeke kube yindlela yokuqala engiyikhethayo ukwenza izinto kwezinye izindawo, kodwa ngingangabaza ukuthi umuntu okhuleka umkhuleko wesoni angakwenza (ukukhuleka) kepha kungengokweqiniso, okungukuphendula ngokweqiniso kukaNkulunkulu edonsela umuntu kuKristu.
2. Kepha-ke okwesibili, sengikushilo konke lokhu okunye, nanka amazwi okuxwayisa maqondana nomkhuleko wesoni.
Ngicabanga ukuthi abaningi bethu bayazazi izindlela lapho khona umkhuleko wesoni ungasetshenziswa ngokungafanele, ikakhulukazi kwizimvuselelo nasezinkonzweni zamatende nakwezinye izinkomfa, nakwamanye nje futhi amabandla uma kuhlangenwe.
Futhi abanye bethu bazi abantu asebeke bawukhuleka umkhuleko wesoni kaningana – bedliwa ngukungabi nesiqiniseko sokuthi abagcine bewukhulekile yiwo ‘onguvala’.
Kanti futhi, ikakhulukazi eMzansi Afrika, lapho khona izinga labazalwane abangamakristu ngokwesiko nje liphezulu, kungenzeka sazi abaningi abangathi bona bake bawukhuleka umkhuleko wesoni (ikakhulukazi emvuselelweni). Kepha siyazi ukuthi kubo akukho ukulungazelela ukulunga okukhona kubo okufuna ukubalekela isono kuthole ukulunga ngenxa yokuba yisidalwa esisha kuKristu.
Nalokho engqondweni, nanka amazwi okuqwashisa maqondana nomkhuleko wesoni:
1. Sidala izinkinga uma sizenzisa noma sigqugquzela ukuthi umkhuleko othize yiwona wodwa oyindlela yokuphenduka ukholwe yizindaba ezimnandi.
Lokho kungukuhamba ngaphezu kobizo lukaJesu lokuphenduka ukholwe yindaba emnandi yempilo yakhe, ukufa kwakhe Kanye nokuvuka kwakhe. Labo abazizwelayo isono sabo, nokulunga, nokwahlulelwa nguMoya Ongcwele (NgokukaJohane 16:8) badonseleke kuJesu, bazokhuleka kuNkulunkulu – Kepha awukho umkhuleko othize oveza lokho.
2. Sidala izinkinga uma kwesinye isikhathi siphoqa noma senze indawo lapho khona abantu abenziwa ngandlela thize ukuthi beze phambili bezokhuleka umkhuleko wesoni.
Noma indawo lapho kuzoba khona isilingo sokuthanda ukubukwa (umuntu oza ngaphambili ukuzokhuleka kukhona izihlwele ezibukele hlampe ezimubongelayo zimjabulela), kunokuba abuke azihlanganise nesiphambano esikuJesu phambi kwezwe elizondayo. (1 KaJohane 3:13).
Ngiyacabanga lapha ngigqugquzela abantu ukuba bahlulele kahle. Thatha ngokusemqoka ukubiza kukaJesu abantu ukuba bamlandele – nakho konke okuza nalokho (isib. Incwadi NgokukaMakhu 8:34-38), Ezinye izimo/izinto esizenzayo zisebenza zimelene nalokhu – uma sinyakaziswa kakhulu ngumculo noma ukumemeza noma ukubukwa kunoKristu.
3. Sidala izinkinga uma sahlulela amandla ezwi likaNkulunkulu noma intshumayelo eshunyayelwe ngokuthi bangaki abantu abakhuleke umkhuleko wesoni.
Kumele silindele ukuthi abantu basindiswe ngomyalezo kaJesu – abanye bethu abanathemba elincono ngekusasa lapha! Kepha futhi kuliqiniso ukuthi lena akusiyo kuphela indlela ekushunyayelwa ngayo izwi likaNkulunkulu esebenzayo. Isibonelo, umyalezo kaNkulunkulu ngoJesu uyasindisa futhi uhlulele abantu. Lapha, abantu abaphumela emnyango bangaba ngubufakazi bokuthi umyalezo kaJesu washumayelwa abantu beza ngaphambili. (noma ungaba yisiwula nje esishumayela ngendlela yobuwula).
Noma labo abasindiswayo, bengangasindiswa ngaleso sikhathi – uNkulunkulu angathatha esinye isikhathi ukusebenza kubo.
Iphuzu? Ungahluleli amandla okusebenza kwezwi likaNkulunkulu noma intshumayelo eshunyayelwe ngokuthi bangaki abantu abakhuleke umkhuleko wesoni.
4. Okokugcina, sidala izinkinga uma siguqula umthandazo, okumele uveze ukukholwa kwethu kuJesu kulale kuwo ukukholwa kwethu.
Hlampe lokhu kuyingxenye enkulu yokukhathazeka maqondana nomkhuleko wesoni.
Ngiqonde lokhu: ukusho umthandazo (kona uqobo lwakho) akukusindisi! nguJesu okusindisayo, noma sikhombisa ukuthemba kuye ukuthi asisindise ngokukhuleka kuye.
Umkhuleko lapha ngukuveza ukwethemba/ukukholwa nguye. Ngumehluko ongagqamile kepha obalulekile. Sithemba kuJesu, asithembi umkhuleko yize noma umkhuleko ungaba yindlela yokuveza ukukholwa kuJesu. Lena yinto edinga ukuthi lowo okhuleka ephinda phinda umkhuleko wesoni adinga usizo ukuyiqonda noma ukuyibona – ungathembi umkhuleko, themba loyo okhuleka kuye. Nguye okubambayo, akusiwo umkhuleko.
Kanti impela, kunezinye izindlela esingenza ngazo umkhuleko wesoni ube yingqikithi yokukholwa kwethu kunoJesu. Isibonelo, Umuntu ophila impilo embaxambili olokhu evusa umkhuleko wesoni awukhuleka ndawanathize noma ngenkathi ethize unokwenza umkhuleko wesoni ube yingqikithi yokukholwa kwakhe kunoJesu ongagcini ngokusisindisa kuphela kepha ngoMoya Ongcwele uyasiguqula ngokuphenduka okuqhubekayo nokukholwa. Futhi izindawo eziningi (emibhalweni) kwisiHebheru zibuza noma zingabaza impilo ephilwa ngokuzenzisa kwabanye abakhuleka umkhuleko wesoni ukuthi iphilelwa uKristu ngokukholwa kuJesu na.
Ngakho-ke, kungabe umkhuleko wesoni ungokwebhayibheli noma uholela ophathe?
“Umkhuleko wesoni” ungasetshenziswa ngezindlela ezihambisana nezibhalo. Ngamanye amazwi, singasebenzisa indlela ethize yomkhuleko wesoni esiza abantu ukuvuma izono zabo bavume nokukholwa kuJesu. Kepha kunezindlela ezibonakalayo ongasetshenziswa ngazo ngokungalungile – siyobe senza kahle ukukuqaphela lokho.