Kusuka kwingunaphakade kuya kwingunaphakade - Amahubo 90.
Kunengoma engangijwayele ukuyilalela eminyakeni eyadlule. Kunendawana lapho oculayo ethi; “hlala phansi, thobeka”. Ngizizwe kanjalo ngenkathi ngifunda incwadi kumahubo 90. Ngibekwe endaweni yami.
Esikhathini sokuba matasa nokungabi nasiqiniseko empilweni yami, kuvelile ukuthi ukungakholwa bese kuthathe indawo ngempakamo enhlizweni yami. Kuziveze ngokukhathazeka, ukusaba nokusebenza kuze kweqe Kanye nokuyekelela empilweni yami nasekusebenziseni isikhathi. Isono sami sivezwe ngukukhanya kobukhona bakhe nezwi. Bengikufanele ukuthukuthela kwakhe nolaka ngokuzibeka endaweni yakhe, endaweni “kaNkulunkulu yokulawula”. Kunalokho, ngomusa, inkosi ingibeke endaweni yami (hlala phansi) ngokungikhumbuza ukuthi ingubani: ukuthi ingophakade, mina ngiwuthuli nje (thobeka).
UNkulunkulu ungunaphakade
Inkosi ingunaphakade. “Kusuka kwingunaphakade kuya kwingunaphakade unguNkulunkulu”. Inkosi yenza umhlaba nezwe, yenza izintaba (Ivesi 2). Wabona isiqalo, khona manje kumi ngaye, futhi ukugcina entandweni yakhe. Ungaphezu kwakho konke. Futhi uNkulunkulu ube yindawo yokuhlala kwizizukulwane ngezizukulwane (Ivesi 1). Ubonile ukuza nokuhamba kwezizwe, ukuvuka nokuwa kwamakhosi nababusi. Akukho okusha kuye, akukho okumumangazayo. Kukho konke, ungaphezu kwamandla onke, uyalawula, wazi umhlaba, izikhathi zawo Kanye nabantu.
Siwuthuli
Kwesinye isandla wena nami, sikhona namhlanje, asisekho ngomuso. Singaphansi kwendawo nesikhathi. Sinomkhawulo, silapha okwesikhathi esikaliwe. Asazi inkosi isinike isikhathi esingakanani. Inkosi inesihawu ukuba isinike usuku lwanamuhla ukuba siphile sihloniphe yona. Kepha-ke, sinayo leyomkhawulo, inhliziyo yethu ifisa ukuba ngo ‘n’ nkulunkulu abancane ngenxa yemibuso yethu emincane. Sifuna kuphumelele indlela yethu nemicabango yethu kunentando kaNkulunkulu elungile. Sifuna ukulawula izimpilo zethu, senze okubukeka kukuhle emehlweni ethu. Siyakhathazeka, sikhononde noma sikhungatheke uma izinto zingahambi ngendlela yethu sengathi kuzoshintsha isimo sivune thina.
Ukuba ngonkulunkulu bethu bemibuso yethu emincane kuncisha uNkulunkulu indaweni okungeyakhe njengenkosi ephezu kwakho konke nomdali owazi konke, omandla akhe nobuhlakani bakhe busanele. Kuncisha indalo ubudlelwane nomdali. Siba ngabangabongiyo, abangazweli, izigqila konkulunkulu abasenhlizweni.
Ukuba ngonkulunkulu abancane kusincisha ithuba lokuhlehlela emuva (ukuthobeka) sikhumbule ukuthi lokhu kuphila esikunikeziwe kuyisipho esivela kuNkulunkulu – ukuthi siphathisiwe noma sinikeziwe isikhathi nezipho. Kuphinde kusincishe ukubukisisa ubufishane bempilo. Isidingo sokubuka lezi zinto asibikhona ngokuba sicabanga ukuthi singunaphakade. Ngakho-ke sizibeka engcupheni yokubhekana nolaka lukaNkulunkulu ngokuba sicabanga ukuthi asinaso isidingo sokusindiswa.
UMose emkhulekweni wakhe uveza ukwazi ukuthi akekho phakade uma kuqhathaniswa nokuba phakade kukaNkulunkulu. Uyayibona indawo yakhe maqondana nobudlelwane bakhe noNkulunkulu. Uyabona ukuthi angeke akwazi ngisho ukulinganisa okungenziwa nguNkulunkulu. Iziphambeko zakhe nezabantu bakhe ziveza ukungafani kwabo nenkosi engcwele, abafiki kulobo bungcwele futhi bafanelwe ngukuba ngaphansi kolaka lwakhe. Ebuncaneni bakhe ucela ukudatshukelwa nomusa.
UMose uphendula ngokuncika kuloyo ophakade. Okokuqala, ukwenza lokhu ngomkhuleko. Uphawu oluyisiqiniseko sokwazi i9ndawo yakhe phambi kwenkosi. Ekhuluma noNkulunkulu owazi konke, onamandla onke, omdalileyo. Emkhulekweni wakhe ucela inhliziyo yokuhlakanipha kulowo onamandla onke nobuhlakani obungenamkhawulo, ukuze ezophila impilo yakhe ngokwentando kaNkulunkulu – hhayi ngeyakhe. Ucela injabulo nokwethaba enkosini eyaziyo okulungile nokuletha ukwaneliseka ngothando lwayo olumiyo. Ucela umusa, nokuthi impilo yakhe nomsebenzi wakhe ube ngothela izithelo ngesikhathi asinikiweyo. Ufuna ukuhlala ngokuthobeka ekuhambeni nenhlamvu yokuyintando kaNkulunkulu onamandla onke kwindalo.
Ake siphile nokuhlonipha okukhulu kokubuka uNkulunkulu, sizibuke nathi ngokweqiniso; ubuncane bethu nokwehlulwa yisigaba noma yizinga likaNkulunkulu. Umuphumela, ekubukeni ukwehluleka kwethu, kwangathi isidingo sethu sakhe nesidingo somusa wakhe kuJesu kungakhula kakhulu ekuncikeni kuye. Kwangathi singathola inhliziyo yobuhlakani kwinsindiso asibizele kuyona kuKristu Jesu, ukuze singazithole singaphandle kwentando yakhe, singaphansi kolaka lwakhe, kepha kubudlelwane obunzulu naye njengabantwana abathandiweyo.