Kwabahlelayo: isimemo sokududuzeka, ukuthula kanye nokulunyulwa.
Ngizicabanga njengohlelayo. Angisiye umuntu ohlela kuze kweqe, futhi hhayi ukuthi yonke imizuzu yempilo yami kanye neminyaka yonke yempilo yami sengiyicabangile. Kepha ngihlezi ngihlose ukuba necebo ngokuba kunginikeza isiqinisekiso kwenzakalayo, nokuthi ngingalungisa kuphi uma izinto zingahambi kahle. Esikhathini eside, lokhu bengikucabanga njengesipho esivela kuNkulunkulu ngokuba ngangingaqondi ukuthi abantu bangaphila kanjani umzuzu ngomzuzu bengacabangi ngegxathu elilandelayo. Lokho kwakuyiphutha kimi. Ungangizwa kabi, ngisacabanga ukuthi kuyisipho esivela kuNkulunkulu ukwenza izinto ngale kokuhlala ujule ngazo, izinto ezenzeka zingahlelwanga. Ngisesikhathini sempilo esidinga ukuba ngihlele ngaphambili, kepha lokho ngikwenza nginesiqiniseko esincane sokuzayo. Ngokwami, ayikho nento engingayenza ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zami ziyaphumelela. Yisikhathi esinzima lesi ukuba kuso, kepha uNkulunkulu, ngobubele bakhe usinikezile, wena nami, uma nawe ungohlelayo, isipho sezwi lakhe elinezindawana eziningi ezisibizela ukuba sithembe uNkulunkulu. Kungekudala, ngihlangane nehubo 131. Ngiyakholwa ngukuthi isithombe esivezwa yilelihubo elifishane lizosiza wena nami ukuba ngabantwana baNkulunkulu abalunyuliweyo. Ngihlukanise ihubo ngezingxenye ezintathu.
Ingxenye yokuqala: ukukhukhumala ‘nokuziphakamisa’ (Ivesi 1)
Ngenkathi ngiqala ukufunda lelivesi, ngabona ukuthi ngihluleka kanjani maqondana nalokhu umbhali wehubo akuveza lapha. Kodwa hhayi lendawo ekhuluma ngokukhukhumala nokuzazi. Ingxenye yesibili ikhuluma ngokuzibandakanya kombhali wehubo nezinto ezinkulu kakhulu nezimahlulayo. Umoya walelivesi wangenza ngithi ukucabanga kancane ukuthi mina ngingazibandakanya nani enkulu futhi engahlulayo, nokuthi kuhlangana kanjani nempakamo. Kusobala ukuthi uNkulunkulu nombhali wehubo abakugqugquzeli lokhu, kushukuthi lena yinto enzimana. UNkulunkulu wangisiza wangikhombisa izinto ezimbalwa empilweni yami ezinkulu kakhulu futhi ezingahlulayo, kepha engibandakanyekayo kuzo – Ikusasa, nokuhlinzekwa, ukubala ezimbalwa.
Into yesibili uNkulunkulu angisiza ukuyibona ngukuthi njengokuba kukuye okuzokwenzeka ngomuso, wazi umcabango wami ozakuza, ngingakawucabangi mina, wenza konke kuhambe ngokwentando yakhe (enhle njalo) futhi ngoba unothando, futhi uyakwazi, uthembise ukungihlinzeka ngengikudingayo. Kuyimpakamo nokukhukhumala kimina ukuthi ngizibandakanye nezinto okunguye onamandla kuzo noma ngaphezu kwazo. Kwakukanjalo nje, phambi kobuso bami, ukuxhumana engingakwenzanga ekuqaleni, ukuthi ngingumuntu nje, uNkulunkulu unguNkulunkulu, ngakho-ke kungukukhukhumala kimi ukuzihlanganisa nezinto ezisezandleni zakhe. Yiziphi izinto ezinkulu nezikwahlulayo ozibandakanya kuzo? Cela uNkulunkulu akusize uzibone lezi zinto ukuze uzophenduka kwimpakamo yakho nokukhukhumala.
Manje-ke uma singezobandakanyeka ezintweni ezinkulu kunathi, yikuphi ekumele sikwenze?
Ingxenye yesibili: ukududuzeka, ukuthula Kanye nokulunyulwa (Ivesi 2)
Okungubufakazi bokuzibandakanya kwethu kwizinto ezinkulu kakhulu kungukuveza ngokusobala ukuthi sizethemba thina kunokuthemba uNkulunkulu, noma ukuthi asimethembi uNkulunkulu ngokupheleleyo. Sibuka ukuthi thina siyakwazi ukuhlela, nemiqondo yethu ebona kalufifi lokhu esicabanga ukuthi ikusasa liza nakho sengathi yisiqiniseko sokuthi kuzokwenzeka. Sizibuka thina, ukukwazi kwethu ukuhlela, amakhalenda, amadayari, nohlu lesifuna ukukwenza esikubhale phansi, mese sithi “Manje sengihlele konke, futhi njengoba ngihlelile kanje, kuzosebenza”. Kepha-ke, umbhali wehubo uqala lelivesi ngegama ‘kunokuba’, elihlanganisa ivesi lokuqala nalokhu akushoyo manje. Uthi, esikhundleni sokukhukhumala, nokuzibandakanya ezintweni ezimahlulayo, ududuzile wathulisa umphefumulo wakhe, njengomntwana elunyulwa ebeleni likanina, umphefumulo wakhe unjengomntwana olunyuliwe. Kuchaza ukuthini kona lokhu? Umntwana olunyuliwe wanelisekile, wenele, umphumela walokho ngukuthemba abazali bakhe, umntwana uthule, ududuzekile.
Umbhali wehubo unikezele amandla nokulawula, okwakhe kube ngukuthobeka, ukwaneliseka, nokwethemba njengomntwana elunyulwa ekunina, nathi usibizela ukuba senze njalo namhlanje.
Ingxenye yesithathu: Ukubizelwa ethembeni (Ivesi 3)
Umbhali wehubo uvala ngokusikhombisa ukuthi imiphefumulo yethu ingaba kanjani njengomntwana olunyuliweyo ngokusibizela ekubeni sibeke ithemba lethu enkosini. Manje, naphakade. Lena yinto okulula ukuyiqonda, kodwa kunzima ukuyenza ngenxa yezinhliziyo zethu ezengamelwe yisono ezihlezi zisikhomba emandleni ethu nasekwazini kwethu (okungeyilutho uma ubuka uNkulunkulu ngayikho) futhi isiqinisekisa ukuthi singenza ngaphandle kukaNKulunkulu, noma singamuyeka adlale indima encane ezimpilweni zethu, kodwa zilawulwe yithi.
Yingakho ngicabanga ukuthi umuzwa wami wokuhleleka nokuthanda ukuhlezi ngicabangisisa izinto kuyisipho esivela kuNkulunkulu, ngokuba kulesi sikhathi esidinga ukuba ngihlele, uNkulunkulu ungikhombisile ukuthi ngithemba kuye kancane kangakanani, bese ngithemba ekuhleleni kwami kangakanani nokucabangela ngaphambili kwami. UNkulunkulu ufuna ukugcina wena nami sithobekile sithemba kuye ngokuba lokho kusilungele. Futhi kimina, hlampe nakuwe ngokunjalo, uNkulunkulu usebenzise lezi zici ukukhomba ukuthi ngishoda kangakanani kulengxenye, nokuthi ngimdinga kangakanani.
Manje ngosizo lwakhe, yize noma kuyimpi eqhubekayo, noma nini uma ngicabanga ukuhlelela ingaphambili, ngikhumbula ukuthi ngimethembe, yena yedwa. Ishidi lokubhala izinhlelo zami kwikhompyutha Kanye nezinhlelo zami kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni akuqinisekisi ukuthi izinto zizokwenzeka, noma ngendlela ethize, nokuthi ngizakunikezwa, yinye into eqinisekisa ukwenzeka kwezinto, nokuba nakho engikudingayo ngukulawula kukaNKulunkulu phezu kwalomhlaba omkhulu nothando olukhulu analo ngami.
Ngosizo lukaNkulunkulu, ngiqhubekela ekuhambeni okuya ekubeni nomphefumulo onjengomntwana elunyuliwe, ngithemba ukuthi nawe uzocela uNkulunkulu akusize nawe ukwenze njalo.