Lapho kuzwakala sengathi uNkulunkulu ukude – ukhona lapha.
Nganginomngane ngenkathi ngenza ibanga lesithupha esikoleni, wayengolalelisisayo! Ngiyakhumbula wayethula kanjani alalele imicabango yami nokuhhumuzela kwami ngale kokungiphazamisa. Ukuthula kwakhe engaphenduli kwengangikuphimisela kwakungenza ngibe nongabazane lokuthi kungabe ulalele ngempela, kepha ukungibuka kwakhe kwakunginika isiqiniseko. Kodwa ngangibuye ngihlole “aybo mfethu, usalalele?” Wayevuma ngekhanda ekhombisa ukuthi ulalele. Emva kokuba sengiqedile wayephendula. Ngangisuka lapho ngizwa ukuthi impela ungilalele wangizwa umngane wami, yize noma ukuphendula kwakhe kwakungangaba yilokho engangikulindele noma engangikufisa.
Ukufunda umkhuleko womphrofethi uHabhakuki, inkulumo mpendulwano phakathi kwakhe nenkosi ingikhumbuza leziya zikhathi engizichazile nomngane wami.
Kepha, uHabhakuki ukuloluhlangothi lapho ekade ethulula inhliziyo yakhe enkosini ngokungabikho kobulungiswa Kanye nokucindezeleka akubona phambi kwakhe. Isimo siqhubeka kanjalo, futhi kunalokho; siyenyukela. Kubukeka sengathi umthetho awunamandla, ubulungiswa abuqhakambiseki futhi abalungile basemseni wababi.
“Kuyoze kube nini Simakade ngikhalela usizo, ungezwa, ngikhala kuwe kalusizi, ungasindisi na? (UHabhakuki 1:2)
Ukukhala kukaHabhakuki nokucela usizo enkosini phambi kobundlobongela nokucindezelwa okwakukuningi, hlampe kwakungasabaleki. Kungenzeka izwi lakhe lase lihoshozela sekuphele nezinyembezi. Umphefumulo wakhe usudangele elokhu ecela into eyodwa enkosini. Njengombhali wehubo encwadini yamahubo 42, onyembezi zakhe zase zingukudla kwakhe – lapha uHabhakuki, ukukhala nokucela usizo sekwaba ngukudla kwakhe. Kepha kuyaqhubeka kusinda kuyehlela. Kubonakala sengathi uNkulunkulu uthuli. Akenzi lutho futhi akasho lutho. Ngiyacabanga nje esethi “nkosi, kungabe ulalele?” Esho ngenhliziyo edangele. Ngokubuka kukaHabhakuki umhlaba uyagqashuka ezisekelweni, nenhliziyo yakhe iyengeza uma ebheka ukulwa okukuyo ngaphezu kwalobubi obumzungezile. “Kungabe inkosi iyokusho nini okuthize? Kungabe iyobuletha nini ubulungiswa? Iyokuletha nini ukuphumula?” kuliwa enhlizweni kaHabhakuki, kuliwe nangaphandle. Yize noma isimo singashintshi – uHabhakuki uyaqhubeka nokukhala enkosini kaninginingi.
“Kungani ungibonisa ububi, uthalalise ngenkathazo na? Imbubhiso nobudlova kuphambi kwami; kukhona ukulwa nombango okudlangile. Ngalokho-ke umthetho awusathi shu, nokwehlulela akusenziwa unomphelo, ngokuba omubi uhaqa olungileyo; ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe.” (UHabhakuki 1:3-4)
Ukuphi uNkulunkulu enhluphekweni nobudlova? Kwenzekeni emthethweni wakhe nasezwini lakhe akubekele ukuba kulawule imvelo yakhe? Abantu abazidlayo sebenza ngokuthanda kwabo, bezenzela. Ukuzidla noma impakamo yabo ithi “uphi uNkulunkulu wakho? Buka thina, siphethe!”
“Siklolodela amakhosi, ababusi bayinhlekisa kuso; sihleka zonke izinqaba, senze izindunduma ngomhlabathi, sidle izinqaba.” (UHabhakuki 1:10)
Wake wazizwa kanjalo? Sengathi inkosi ithuli ebunzimeni bezimo zakho naseduze kwakho? Kungathi akulungi lutho, isono sikuhlukumeza – uthatha igxathu elilodwa eliya phambila nangamashumi abuyela emuva Kanye nokusindwa. Ububi obuseduze nawe, komakhelwane nasezweni lakho. Izindaba ezimbi ziyalandelana. Ngisho kungaba uzama kangakanani, ngisho ngabe UTHANDAZA kangakanani – akushintshi lutho kunalokho kuyabhebhetheka kuba nzima kakhulu. Kuyaqala kuzwakale sengathi uNkulunkulu ukude. Kodwa kungabe uNkulunkulu ukhona kanye nawe phakathi kwakho konke lokhu? Ububi nesono kubukeka sengathi kuyabusa, ukuthula kukaNkulunkulu sengathi akekho. UHabhakuki uzwa sengathi inkosi ihambisana nobubi bamaKhaldiya nokucindezela kwawo. (UHabhakuki 1:3)
Kepha qaphela ukuthi umphrofethi uphikelela kanjani emkhulekweni wakhe. Yize noma isimo siqhubekela phambili ebubini, uyaqhubeka nomkhuleko ekhala enkosini. Akadikibali, akapheli amandla. Uyaqhubeka nokukhuleka ngenxa yesimo esiphambi kwakhe. Akadibikali noma isimo sinjena, uyaqhubeka nokuthandaza. Okumqhubayo yilowo akhuleka kuye: inkosi. Kungenxa yalowo akhuleka kuye ukuthi ukhuleka engaphezi, ekhalela usizo njalo ethulula inhliziyo yakhe ngokukhululeka kwisimo esimazonzo. Uze umela inkosi ukuba imuphendule:
“Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngime embhoshongweni, ngibheke ukuba ngibone ukuthi uyakukhulumani ngami, nokuthi ngiyakuphendula ngithini ngokukhononda kwami.” (UHabhakuki 2:1)
UHabhakuki uyazi ukuthi inkosi ingaphezu kwakho konke (UHabhakuki 1:12). Iyaletha ushintsho esimweni, futhi akukho okwenzekayo ngaphandle kolwazi lwenkosi. Iyakwazi ukuwisa ububi Kanye namaKhaldiya azidlayo ngokuphazima kweso. Uyazi futhi ukuthi inkosi yinkosi yomusa, ubulungiswa Kanye nensindiso (UHabhakuki 3:2; UHabhakuki 3:13). Inkosi yadala umthetho, yadala nokuhleleka ezweni nakulabo abakhile kulo ukuba baqhakaze. Uyakubuyisela isidima sabantu bakhe ngokubasindisa kwingcindezelo. Uyakubhekana nobubi ngokulungileyo ezimpandeni zako (UHabhakuki 3:14). INkosi ingcwele, izonda ububi. Umphrofethi uyazi ukuthi inkosi izonda isono futhi siyayithukuthelisa (UHabhakuki 1:13)
UHabhakuki unesibindi nethemba lokuthi inkosi ihlezi imile kweyikho. Futhi uyakuthemba lokho. Kungabonakala sengathi uNkulunkulu ukude, kepha into eqinisekile ngukuthi inguye lona ethi inguye. Ngakho-ke ulwazi luka Habhakuki lukaNkulunkulu limgqugquzela ukuba akhuleke futhi alinde uNkulunkulu.
Into esingayifunda emkhulekweni kaHabhakuki ngukuthi izimo akusizo ezikhomba ubudlelwane bethu nenkosi, kepha uqobo lwayo. Kubaluleke kakhulu ukuthi sikhule othandweni nasolwazini lwenkosi ngoba lokho kukhulisa ukukholwa kwethu nokuyifuna inkosi. Ezikhathini ezinzima, siyakhunjuzwa nguHabhakuki ukubhekisa amehlo ethu kuNkulunkulu – ukuthi noma ngabe sibhekana nani, uNkulunkulu mukhulu futhi kufanelekile ukuthi sibeke ithemba lethu kuye ikakhulukazi lapho izimo zingakhombisi ukulunga. Ngaphezu kwalokho, sinethemba elikhulu kuKristu, ukuthi uma izimo zingashintshi kuloluhlangothi esikulo, sinekhaya okothi lapho uKrhristu ebuya, zonke izinto zilunge, zibuyiselwe kulokho ebekumele zibe yikho ngaphansi kombuso wakhe (Isambulo 21:1-8). Kakhulu kangakanani kithi, uma kuqhathaniswa noHabhakuki, sinesizathu sokuthemba nokuthokoza kuleliqiniso ngisho kukhona ubunzima, ukuhlupheka nobubi busizungezile.