“Ngithanda ukuba nazi bazalwane” kusho uPawuli. kwabaseFilipi 1:12-18

UPawuli esejele ubhala incwadi, ebhalela abazalwane baseFilipi, kunento afuna bayazi. Usuke watshelwa ngumuntu ukuthi ‘kukhona engfisa ukukutshela kona noma kukhona into engfuna uyazi’.Uma lokho kungakwenzi ukuthi ulangazelele impela wehluke kakhulu kunami. lawo magama enza ngifise ukuzwa futhi ngaso sonke isikhathi. Ngicabanga ukuthi uPawuli wawakhetha ngenhloso amagama akhe uma ebhala. Kufana nokuthi NGICELA UKUNAKWA!!

Uma ungase uthole incwadi kumuntu osejele, ungalindela ukuthi akutshele izindaba ezimbi nobunzima bempilo yasejele, kepha kulencwadi kukhona into ejule ngaphezu kwalokhu. uPawuli ufuna ukuba abazalwane bazi “ukuthi lokho okwamehlelayo kugcine kuveza ukuqhubeka kwevangeli” nokuthi ujabule! Lapha siyabona ukuthi impilo yakhe yayigxile ekuqhubekeni kwevangeli, lokho siyakubona evesini le-13. Abazalwane emva kokuboshwa kwakhe bashumayela ivangeli ngesibindi, kungathi bagqugquzelwe yilabo ababe hambile beyobona uPawuli noma amazwi akhe nobufakazi bakhe okwaze kwabacacela bonke abasendaweni yokwahlulela nabo bonke abanye.

Isimo ayekuso uPawuli asikuvimbanga ukuqhubekela phambili kwevangeli, kunalokho saliqhubekisela phambili. Bangaki phakathi kwethu abangama ngesibindi basho lamagama uma besesimweni esifanayo nesika Pawuli? Kwenye inkathi sidonsa kanzima singaphansi kwezimo ezijwayeleki. UPawuli wayefuna labazalwane bazi ukuthi alikho iphutha kuNkulunkulu, nokuboshwa kwakhe kwakungasilo iphutha. Lokho nathi kumele sikuqonde uma singaphansi kwezimo.

Uma singama sizindle ngesifundiso sokuthi uNkulunkulu ungaphezu kwakho konke futhi ulawula konke, ukuthi noma ngabe yisiphi isimo esibhekene naso noma ngabe sikuphi uNkulunkulu usibeke lapho ngokwecebo lakhe. Siyazi ukuthi uNkulunkulu walithanda izwe kangaka nokuthi uthanda ukuthi bonke abantu basindiswe bafinyelele ekulazini iqiniso ngoNkulunkulu. Usebenzisa thina ukusondeza labo ababizayo, ebabizela embusweni wakhe njengokuba kungumyalo kithi ukuba senze zonke izizwe abafundi bakhe.

Asikho emaketangeni njengoPawuli futhi sihlala eNingizimu Afrika lapho sikhululekile maqondana nezenkolo. Asiphili ngaphansi kokwesaba ukushushiswa nokuphonswa etilongweni ngenxa yenkolo yethu. Kepha kukangaki sicabanga ukuthi kungani silapho esikhona, kungaba yisemsebenzini, emphakathini emindenini nanoma ikuphi, sike sime yini sicabange ukuthi sibekwe ukuze ivangeli liqhubeke? Ukuthi iNkosi isifuna lapho sikhona nokuthi sinekezwa ithuba lokuqhubekisela ivangeli? Noma konke esikwenzayo ukukhononda sikhale ngokuthi izimo zethu zinzima futhi sinebhadi, sifune namadlelo aluhlaza? Ebese sithola ukuthi utshani buluhlaza ngale. Ngenxa yokuthi sihlezi sifuna izindlela zokuqhubeza izimpilo zethu size sikhohlwe ukuqhubeza ivangeli

Siyafunda encwadini NgokukaJohane isahluko 4 ukuthi uJesu kwakumele adlule eSamariya lapho ahlangana khona nowesifazane eyokha amanzi, emva kwenkulumo ababa nayo wahamba wayomemezela izindaba zalowo owamtshela konke ayekwenzile, emva kwalokho abantu bahamba bayomfuna uJesu. Siyafunda emlandweni webandla lakuqala elalibhekene nentshushiso ukuthi laze lahlakazeka lagcwala umhlaba kwaba ukuhlakazea kwevangeli, abezizwe bathola ivangeli ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyazisebenzisa izimo zethu, uNkulunkulu wasebenzisa lokho ukuze ivangeli liqhubeke. Kuvesi 15-18 kwincwadi yabaseFilipi 1 kukhona abashumayela ivangeli ngenhloso yokuhlukumeza uPawuli ngokushumayela kwabo, kepha simbona ejabula ngenxa yokuthi ivangeli liyaqhubeka. Nokho nginemibuzo maqondana nalabo uPawuli akhuluma ngabo ngoba kubonakala sengathi akabakhuzi njengoba kungumkhuba wakhe kulabo bazalwane abashumayela ngokungalungile noma izimfundiso ezidukisayo, kunalokho uyajabula lapha. Kuyacaca ukuthi kwakungabalulekile kuPawuli ukuthi bangobani futhi bazokwenzani kodwa okubalulekile ukuqhubekela phambili kwevangeli, futhi yikho lokho uPawuli agxila kukho.

Sinamathuba amaningi okuveza noma okushumayela ivangeli lapho sikhona. Ngikhumbula omunye wezikhulumi owafika kwi-workshop yevangeli waxoxa ngokuthi langalimbe wayezihambela ngasolwandle wazithela kwababili behlezi phansi bekhuluma ngendaba yevangeli nokuthi ungalithemba yini. Njengokuba abaningi kithi babengenza, wayengafuni ukuphazamisa laba bobabili. Waqhubeka wathatha amagxathu amabili amathathu kwamudla ngaphakathi ukuthi unezimpendulo zemibuzo ababebuzana yona, wajika wasondela kubo waxolisa ngokubaphazamisa wabe esondela waxoxa nabo ngevangeli wabe eseyahamba futhi akaphindanga wababona. Umkhuleko wethu ukuthi kwabakhona ukukhanyiseleka okwaba khona kulaba.

Into esingayifunda lapha kuPawuli ukuthi ivangeli lisemqoka futhi kumele sisebenzise wonke amathuba nezimo esibhekana nazo ukuqhubeza ivangeli ngoba uNkulunkulu usibeka ezindaweni lapho kunabantu ababhubhayo abadinga ukuzwa ivangeli lishunyayelwa. Ukuhambisa ivangeli kwabanye kuvuselela umphefumulo wethu futhi njengoPawuli siyathokoza.

Previous
Previous

Christian Leadership.

Next
Next

“There is something I would like you to know” said Paul. Philippians 1:12-18