Okulindelekile nokuyiqiniso.
Kwesinye isikhathi kuba nzima ukuhlanganisa lokho uNkulunkulu athi kuliqiniso Kanye nokusehlelayo empilweni. Kungaqba nzima ukubona injongo kaNkulunkulu yokufezekisa icebo lakhe elihle empilweni yethu uma kungasekho okwenza umqondo. Kusukela emoyeni owomileyo Kanye nenhliziyo engathi iyihlane. Phakathi kwezimo ezibuhlungu noma ekubhekaneni nezikhubekiso Kanye nezilingo esibhekana nazo nsuku zonke. Siphelelwa ngamandla singasakwazi ngisho ukubheka kuye othembise ukusigcina. Izithembiso zikaNkulunkulu zima ziqinile futhi zingenakunyakaziswa phambi kwemizwa yethu eguqukayo.
Ekuchitheni isikhathi kwincwadi ka-Izaya 40:1-11 ngihlalwa ngukumangalisa kwamazwi omphrofethi. Iziphrofetho zizwakala sengathi zonke zizokwenzeka ngesikhathi esisodwa. Buka ivesi 3-5.
“Izwi liyamemeza lithi: “Lungisani indlela kaSimakade ehlane, nihlelembe umgwaqo kaNkulunkulu wethu ongcwele. Zonke izigodi ziyophakanyiswa, zonke izintaba namagquma kuyokwehliswa; amagebhugebhu ayakuhlelenjwa, nemigoxigoxi iyakuba yithafa.. Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanyekanye ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”
Ukwazi ukuthi lokhu kwagcwaliseka kwithestamente Elisha ngenkathi uJohane umbhabhadisi elungisela uJesu indlela kuletha imibuzwana. Kwaba kanjani ukuthi uluntu lonke lungamuboni uJesu njengokuba kushiwo kwisahluko sesihlanu kulesi siphrofetho esagcwaliseka? Ngifunde izinto ezimbili eziwusizo ukuphendula lombuzo.
Okokuqala nje lezi ziphrofethu zazibhekiswa kubantwana baka-Israyeli ababezothunjwa ezweni labo yisizwe esiyisitha emva kwezizukulwane ngezizukulwane emva kokuba lesi siphrofetho saphuma ngo-Isaya. Sasingakenzeki ngisho ukwenzeka kepha banikezwa lamazwi ukuze bezothola ithemba nokududuzeka esikhathini esizayo. Uma usifunda sonke isahluko 40 sencwadi ka-Isaya uzokubona lokho.
Okwesibili, lezi ziphrofetho kwakungesizo nje ezabo bodwa. Zikhuluma ngalokho uNkulunkulu azokwenza ekupheleni. Indlela ekushiwo ngayo kungathi konke kuzokwenzeka ngesikhathi esisodwa kanti kukhona isikhathi nje impela, buka nje, phakathi kwevesi lesithathu nelesihlanu. uJohane wafika wayilungisa indlela kaJesu, loyo owayezakuza – uNkulunkulu esenyameni. Kepha uluntu lonke lusazoyibona inkazimulo kaNkulunkulu ngokuphelela kwayo mhla ebuya okwesibili, ekugcineni.
UNkulunkulu ngomusa wakhe unikeze amazwi enduduzo nethemba kubantu bakhe emlandweni, kusukela esikhathini sesivumelwane sakhe esidala no-Izrayeli kuze kube manje, ngaphansi kwesivumelwane esisha kuJesu. Ukuza kukaJesu ukuzokwenza isivumelwane esisha kungukugcwaliseka kwamanye awo lamazwi. Kepha kukhulu esikubhekile, ekugcineni uNkulunkulu eqhubeka nokugcwalisa izithembiso zakhe.
Lamazwi alotshelwe ukunikeza ithemba nokugcina abantu baNkulunkulu, ngisho kungabe imizwa yabo Kanye nezimo zithini, ngisho ukuthi umphakathi ubatshelani, emlandweni omude nesikhathi. Angumthombo wenduduzo ngokuba amile; aveza imvelo kaNkulunkulu Kanye nohlelo lakhe, ngakho-ke aqinisekile futhi angathenjwa. Abakwa-Izrayeli bawafunda ngenkathi besekuthunjweni; Abazalwane ngesikhathi sentshushiso (ezisenzeka namanje kwezinye izingxenye zomhlaba) ibandla lisengumntwana, nabazalwane belwa nemizwa yabo nezinhlupheko, belwa nesilingo ezweni lesono. Lezi yizethembiso zenkosi ezinika impilo ezidlula imizwa yethu Kanye nezimo, eziyogcwaliseka ngokupheleleyo ekubuyeni kukaJesu.
Ngolunye usuku siyokubuka emuva, simile ezinyaweni zikaJesu, sibone inkazimulo yakhe, siyokubona ukuthembeka kukaNkulunkulu esegcwalisa zonke izithembiso zakhe. Siyomangala ngokuthokoza ngobuhle bakhe, kuqhume indumiso ingunaphakade. Ukulangazelela kwethu kuyokugcwaliswa kudlulele yinkosi yethu yenkazimulo, uNkulunkulu ogcina izethembiso.