Qiniselani ekukhulekeni
Qinisela ekukhulekeni, nilinde nikuwo ninokubonga.
- KwabaseKolose 4:2
Ungathi yilona liphi ilungelo eliyingqayizivele lokuba ngumkristu?
Kimina, Ngingathi kungukukwazi ukuxhumana nomdali wakho konke okungenamkhawulo nangaphezulu (KwabaseRoma 5:2) Lokhuy kunganzima kwabanye ukukukholwa. Kepha ibhayibheli liyasitshela ukuthi labo abakholwa kuJesu babuyisene noNkulunkulu. Lokhu kungukuthi, yize noma phambilini sasiyizitha zikaNkulunkulu, sifanelwe wulaka lwakhe (KwabaseRoma 5:10; Kwabase-Efesu 2:3). Kepha manje sinokuthula noNkulunkulu, singamadodana namadodakazi akhe (KwabaseRoma 5:1; Kwabase-Efesu 2:3), ngakho sinelungelo lokuba noNkulunkulu njengobaba wethu. Nokuncono kakhulu, sinelungelo lokukhuluma naye emkhulekweni. Njengobaba wethu osezulwini, kuyamuthokozisa ukuzwa kithi ngaso sonke isikhathi. Njengokuba uTim Keller esho uma ekhuluma ngalelilungelo esinalo lokuza kuNkulunkulu njengobaba wethu emkhulekweni. “Umuntu oyedwa ovuka njengenkosi ekuseni ngehora lesithathu evukela ingilazi yamanzi ngumntwana. Ngakho-ke nathi njengabantwana baNkulunkulu, sinaleli lungelo lokufinyelela kuye ngomkhuleko.”
Yize noma sinaleli lungelo lokuza kuNkulunkulu, uma ufana nami uyazi ukuthi knzima kakhulu, ngisho nebhayibheli imbala liyakuveza ukuthi ukukhuleka yimpi (KwabaseKolose 4:12) nokuthi akuzizeli nje kithi ngokwemvelo. Yingakho sithola imiyalelo eminingi ebhayibhelini yokuba sikhuleke singaphezi. Futhi kulelivesi elingaphezulu, uPawulu usikhumbuza ngezinto ezintathu sisasebenzisa ilungelo lethu lokukhuluma noNkulunkulu.
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde nikuwo ninokubonga.
- KwabaseKolose 4:2
Qiniselani ekukhulekeni
UPawulu wakhumbuza abazalwane baseKolose ngabakwenzelwe nguNkulunkulu kuJesu (1:13-14) loJesu ungaphezu kwakho konke (vs 15), ungukugcwaliseka komthetho (2:17), futhi nguye ongukuphila kwabo, ithemba lenkazimulo (3:4). Ebayalela ukuba babulale amalungu asemhlabeni (3:5), bembathe ukulunga (3:10), bahlalisane kahle (3:18). Ube eseyabagqugquzela ukuba baqinisele ekukhulekeni, balinde bekuwo benokubonga. Igama ‘niqinisele’ elisetshenzisiwe lapha lisho ukuqhubeka nokwenza into ngokuzimisela okukhulu, zikhona izingqinamba. Leligama liphethe umqondo wokuphikelela ngomfutho nokungaguquguquki okumele sibe nakho emkhulekweni, ukuzinikela kuwo ngaso sonke isikhathi esisitholayo (1 KwabaseThesalonika 5:17). Lokhu kusho ukuthi asikhuleki nje kuphela uma sizizwa sifuna noma sizizwa kahle kepha sikhuleka kuzo zonke izimo. Uma izinto zihamba kahle noma izinto zingahambi kahle.
Nilinde nikuwo ninokubonga
Kwisipiliyoni sami nomkhuleko, inkinga akusikho nje ukuthi kunzima ukukhuleka kepha nokuthi kunzima kanjani ukugxila ungaphazamiseki uma ukhuleka. Kulokho, uPawulu uthi kumele silinde noma siqaphele uma sikhuleka. Kumele senze isiqiniseko sokuthi izinhliziyo zethu nengqondo yethu kuyahlanganyela sisakhuluma nobaba wethu. Anginaso isiqiniseko ngawe, kepha mina kwesinye isikhathi ngithola ingqondo yami ihambahamba ngithi ngiyakhuleka. Ngizithola ngicabanga ngokuthi ngizodlani ngokuhamba kosuku, ngizithole ngicabanga ngalabaya bantu futhi ngicabanga ngezinsuku zami zobungane. Lokhu kungiholela ekutheni ngigcine sengisho izinto ezingenamqondo noma ukuphindaphinda okungenasidingo. Ukugwema lokho, uPawulu uthi kumele silinde siqaphele uma sikhuleka.
Elinye ithuluzi lokubhekana nokuphazamiseka kwengqondo nokuhambahamba kwenhliziyo emkhulekweni ngukuzimisela nokucabanga ngalokhu inkosi esenzele kona, sibe nokubonga kuyo ngalokho. Lokhu kubaluleke kakhulu njengoba abanye abantu beya emkhulekweni nohlu lwalokho abafuna uNkulunkulu abenzele kona. Akusikho ukuthi lokho akulungile kepha ukubuka izimpendulo zeminye imikhuleko yakho kungakugcwalisa ukubonga kuvuselele ukukholwa kwakho kuNkulunkulu useza kuye ngomkhuleko.
Sengiphetha, njengokuba uPawulu wayalela abazalwane ukuba bakhuleke, nami ngigqugquzela thina ukuba siqinisele emkhulekweni. Ekuzimiseleni ukukhulekela thina Kanye nabanye. Futhi uma udinga usizo ngozokukhulekela, nakhu uPawulu akuphakamisayo; Ukubonga uNkulunkulu ngothando nokukholwa kwabanye (1:4). Ukuthi uNkulunkulu abakhulise ekwazini okuyintando yakhe, ukuthi baphile izimpilo ezinezithelo nezithokozisa kuNkulunkulu, nokuthi babe nokubekezela nokuqinisela uma bebhekana nezingqinamba zalelizwe (1:9-11). Kumele sizinikele nasekukhulekeleni ukuqhubeka kwevangeli, ukuthi lishunyayelwe kubantu abaningi ngendlela ecacile eqondakalayo (4:3-4). Kumele sizimisele nasekuzikhulekeleni thina uqobo nokuveza ukubonga kuNkulunkulu ngenxa yensindiso yakhe, ukusebenzisa amathuba esiwanikezwe nguye ukushumayela ivangeli nokukhuluma nabanye ngendlela ekhazimulisa uKristu (4:5-6).
Ngakho-ke, noma umkhuleko ungezi ngokwemvelo kithi, siyalelwe ukuba siqinisele kuwo, silinde siqaphele ngokusondeza izinhliziyo nezingqondo zethu sikhuleke ngokubonga kubaba wethu osinikile ilungelo lokukhuluma naye ngoJesu.