Singalithemba kanjani ibhayibheli uma linokuziphikisa okungaka?

Kungenzeka lona kube ngumbuzo wakho. Noma hlampe womuntu omaziyo. Lona ngumbuzo omuhle. Kephe-ke lombuzo uveza ngokusobala ukuthi ukholwa ngukuthi kunokuziphikisa okukhona ebhayibhelini, nokuthi ibhayibheli angeke ulithembe. Ngaphambi kokuba size siye kude, kuhle sizibuze lemibuzo emithathu elandelayo:

1. Ungacacisa kabanzi?

Kuyinto eyodwa ukuthi “ibhayibheli ligcwele ukuziphikisa!” Kungenye into futhi uma usuza nezibonelo ezithile. Ngakho, Zibuze wena noma obuza umbuzo: Kungabe ucabanga kuphi ukuziphikisa? Kunokuthi ukhulume nje, noma ubhebhethekise amanga owazwe ngowezwa naye, kuncono sikhulume ngezingxenye ezithile noma imqondo ephikisanayo.

2. Kungabe uzimisele ukuthoba?

Ibhayibheli linomthelela omkhulu emhlabeni kunazo zonke izincwadi emlandweni woluntu. Inqwaba yabantu  bazimisele ngokwethemba ibhayibheli njengezwi likaNkulunkulu lomusa kithi, umbuzo wesibili yilona; Kungabe uzimisele ukuthobeka nokwamukela ukuthi kungenzeka kunezincazelo zalokhu okungathiwa ngukuphikisana nokuthi lencwadi kukhulu ekuqukethe.

3. Ungazifundela ibhayibheli wena uqobo?

Kuyinto eyodwa ukufunda okucashunwe ngomunye ezinkundleni zokuxhumana okwenza ukuthi uzizwe kanjalo noma ucabange kanjalo ngezibhalo. Kepha ngenye into ukuhlala phansi uzinikeze isikhathi nokubuyekeza kulencwadi. Kungabe-ke usuke wazinika isikhathi sokuzifundela lencwadi? Usuke wambuza othile oselazi noma olaziyo ibhayibheli, umcela usizo ukuthi lifundwa kanjani?

Manjeke, ake sizame ukubhekana nalomqondo oqukethwe wokuthi ibhayibheli ligcwele ukuziphikisa. Nanka amaphuzu amane lapha.

1. Akekho umuntu othi kuhlezi kulula ukuqonda ibhayibheli.

Umphostoli uPetru usho lokhu ngomphostoli uPawula:

Bonani ukuthi ukubekezela kwenkosi kuyinsindiso, njengalokhu nomzalwane wethu othandekayo uPawula anilobela ngokuhlakanipha ayekuphiwe. Kanjalo futhi nasezincwadini zakhe uyakhuluma ngalezi zinto, okukho nakuzo okunzima ukuba kuqondakale, okuthe abangenalwazi nabantekenteke bakuhlanekezela, njengalokhu benze kanjalo nangezinye izincwadi, bezidonsela ukubhujiswa.” (2 KaPhethro 3:15-16).

Ngisho nokuthi ibhayibheli alibhalwanga ngesitayela sokubhala esisodwa kodwa eziningi kwenza ukulifunda kuxake kwenye inkathi. Ukubhala kokulandisa ngomlando akufani nezinkondlo/nezaga, nazo azifani neziphrofetho, nazo ezingafani nemifanekiso, imifanekiso engafani nezincwadi.

Ezinye izingxenye zezibhalo kulula ukuziqonda, kepha akusizo zonke. Kukhona ukujula okumangalisayo ezibhalweni kangangokuthi ungachitha iminyaka ngeminyaka umba kulemayini yegolide, ulokhu uthola elisha – kukhona nobunzima obhekana nabo endleleni.

Kanti futhi, ingxenye yobunzima kithi akusikho ukuqonda izibhalo nje, kepha ukwenza lokho esiyalwa yizo ukuba sikwenze. Ngamanye amazwi, imvelo yethu yokungamthandi uNkulunkulu nalokho akushoyo kusho ukuthi senza izibhalo zibe nzima ngaphezu kokumele sikwenze.

2. Ukushayisana akufani nhlobo nukuphikisana.

Ibhayibheli ligcwele ukushayisana. Uma uPawula ethi akekho osindiswa ngemisebenzi kepha ngokukholwa (Kwabase-Efesu 2:8-9), uJakobe athi ngale kwemisebenzi akekho oyakusindiswa (ekaJakobe 2:14-17) – Lokho akusikho ukuphikisana kepha ngukushayisana. Uma ibhayibheli likubeka ngokusobala ukuthi munye uNkulunkulu (Idutheronomi 6:4), kepha ukuthi uziveze eziqu zintathu (NgokukaMathewu 3:16-17) – Lokho akusikho ukuphikisana kepha ukushayisana. Uma abantu bebalulekile njengomfanekiso, kepha baphinde babe yizoni nabandlobongelayo – lokho akusikho ukuphikisana kepha ngukushayisana. Uma umbuso umanje, kepha ungakapheleliswa – lokho akusikho ukuphikisana kepha ngukushayisana.

Ibhayibheli ligcwele ukushayisana. Impilo, ikakhulukazi impilo yobukristu igcwele ukushayisana. Akudingeki kuze kube ngukuphikisana! Kuyasiza ukuqonda lokho.

3. Okuqukethwe yileyo ngxenyana kubalulekile.

Uma sikhuluma, kukhona okungemuva Kanye nokwenzekayo okusiza abantu ukuthi bakuqonde esikukhulumayo. Noma-ke, umusho ongaphambili noma ongemuva kwesiwushoyo. Konke lokho sikubiza ngokuthi ‘umongo’. Ukubuka leyondikimba nomongo kusiza abantu ukuthi baqonde imisho ethile. Kepha ngaphandle kwayo, ungajija noma ungaqondi umusho noma umqondo ngezindlela ezahlukene.

Futhi ungakucabanga kanjena:

Emva kwenkulumo ende nomunye, ungathanda mengase avele athathe okukodwa kokushilo, akuphinde lapho kungangeni nhlobo khona esekusho komunye umuntu?

Ngakho kungani ucabanga ukuthi ukuthi kulungile ukwenza lokho ngamanye amavesi noma imiqondo esebhayibhelini, uzibe nje indikimba yakhona? Kujwayeleke ukuthi lokhu ‘kuphikisana’ kuvele ngenxa yokuthi umuntu akazange awubuke umongo walapho efunda khona. Abanye bethu bangabe benziwa ngubuvila. Abanye bangabe nje benzela ukusheshe balibeke ibhayibheli ngokuthi “ligcwele ukuziphikisa”.

Ukulandela kulokhu:

Umongo webhayibheli lilonke ukhanyisa kakhulu ucacise.

Njengoba sifuna ukubhekisisa umongo, sifuna nokwenza isiqiniseko sokuthi siyaqonda ukuthi ibhayibheli liyincwadi eyodwa enkulu esuka kugenesise (incwadi yokuqala yebhayibheli) ize iyofika kwisambulo (incwadi yokugcina yebhayibheli). Kwenye inkathi ubunzima esinabo ebhayibhelini kungenxa yokuthi asiqondi ukuthi kunendikimba eyodwa, nendaba eyodwa ebhayibhelini lilonke.

Abaningi kithi, ngisho emazweni anabantu abazibiza ngamakristu, bonganyelwe ukungakwazi ukufunda ibhayibheli. Singazi amavesi ethu esiwathandayo amaningana, kepha singalibambisisi ibhayibheli lilonke – ngisho singabalandeli baJesu. Ngakho-ke, Uma sivele sidumela ivesi elilodwa noma ibinzana ebese sithi “Hhayi lokhu akuwenzi umqondo!” ‘ibhayibheli ligcwele ukuziphikisa…’ Lokho kufana nokufika kumngane wakho ebuka ifilimu yamahora amane ongakaze uzwe ngayo, uzwe umugqa owodwa nje ebese uthi “ewu! – yaze yabheda lefilimu!’

Okokugcina, awuthi ngivale ngokukhuthaza okubili uma kuza kwibhayibheli.

  • Gxila esithombeni (umongo) esikhulu sebhayibheli

Ibhayibheli kube ziyabekwa nje, lingoJesu. Kunezindima ezahlukene ebhayibhelini, lokho kuliqiniso! Kukhona amanye amaphuzu aphakanyiswayo. Kepha akukho nelilodwa kuwo elisusa umqondo kumyalezo ngoJesu. Ibhayibheli ekupheleleni kwalo – lahlukaniselwe ukufeza injongo kaNkulunkulu yokwenza insindiso kuJesu yazeke kithi.

Ngakho-ke, uma ibhayibheli lilonke limayelana nalona oyedwa emlandweni obizwa ngoJesu, uzokwenzenjani ngaye?

  • Qonda okuphawulekayo ngebhayibheli

Lahlanganiswa emazwenikazi (continents) amathathu eminyakeni engama-1500, linezincwadi ezahlukene ezingama-66, zibhalwe ngababhali abangaphezu kwama-40. Ngolwazi lwami, ayikho enye incwadi enjengalena emhlabeni.

Amazwekazi amathathu, iminyaka engama-1500, izincwadi ezingama-66, ababhali abangaphezu kwama-40 – baningi abantu abafuna ukusho izinto ngebhayibheli, kepha kungakuhle bakhumbule ukungaguquguquki kokuphawulwa nokuqukethwe yilencwadi!

Previous
Previous

When God feels distant - he is right here (Habakkuk)

Next
Next

How can we trust the Bible when there are so many contradictions?