Thanda, Dlulisa, zibandakanye, Ulandele? (NgokukaMakhu 8:34)
UJesu wayesebiza isixuku nabafundi bakhe wathi kubo: “uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athathe isiphambano sakhe, angilandele.”
- NgokukaMakhu 8:34
Maningi amakhasi ku-youtube Kanye namakhasi ku facebook, namaqembu engiwathandayo nengiwalandelayo. Kepha kwamaningi kulamaqembu – uma kungesiwo wonke, awadlali ngisho engqondweni yami nakanye, ngaphandle uma ngisezinkundleni zokuxhumana. Ngisho khona lapho, uma kwenzekile ngawabona ngidlula.
Esikhathini esiningi empilweni yami ngisakhula, ngangiwuhlobo “lomzalwane” onjalo. Kukhona ibandla engangihlanganyela kulo ngenxa yokuthi abazali bami babehlanganyela kulo. Ngakhula ekulithandeni ngaze ngagcina sengiziyela ngokwami. Ngangingavamile ukukhuluma ngokuhlanganyela kwami kulo lelibandla, sikubeke eceleni-nje ukukhuluma ngevangeli ngaphandle kwasenkonzweni, ngaphandle uma kuthuka kuvela uma kuxoxwa.
Sengihlangane nabazalwane abaningi abakade benjena nabo. Ngaphezu kwalokho, ngokujwayelekile ngihlangana “nabazalwane” abaningi abahlanganyela ngendlela ephinde ibavumele baphile ngendlela yabo yempilo ngisho kungabe ayihambisani nalokhu abathi bayikho. Ngamanye amazwi, “abazalwane” okungathi mekuhlolwa izimpilo zabo batholakale bezilandela bona, izinjongo zabo, izimfuno zabo, imicabango yabo, amaphupho abo Kanye namafilosofi ngaphezu kwakho konke. Kepha akusikho ubuKristu lokho noma umongo wenkolo yobuKristu.
Phakathi kwisiqu senkolo yobuKristu kukhona uKristu, uJesu waseNazaretha. Ukuba ngumkristu kungukuba ngumlandeli wakhe (umfundi wakhe noma olandela izwi lakhe). “Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athathe isiphambano sakhe, angilandele.” (NgokukaMakhu 8:34). Ngaphambi kokuba sikhulume ngokuba ngumkristu, omunye angazibuza, kungani umuntu engafuna ukuba ngumkristu?
Umgqugquzeli omkhulu kakhulu (onomthelela)
Silandela noma singalandeli abantu ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yomthelela wabo kithi. Ngaphandle kwezinkundla zokuxhumana, sincoma sikhulume kahle ngalabo abanomthelela kithi, ekutheni sibe ngabantu abancono. Labo esikhetha ukungabalandeli abanamthelela ezimpilweni zethu. Kepha lokho angeke kushiwo ngoJesu.
UJesu ngandlela thize, “unomthelela” kulabo abamlandelayo Kanye nabangamlandeli. Labo abamlandelayo, bazi okuthile ngaye okwenza bafise futhi benze kulokhu kufisa ukumlandela nokwenza. Bayazi unguMesiya (Loyo okhethiwe nguNkulunkulu), wathunyelwa kubantu ukuba abakhulule ebugqilini besono (NgokukaLuka 4:17-21; NgokukaJohane 4:25-26; NgokukaJohane 8:31-36). Ngakolunye uhlangothi, labo abakhetha ukungamlaleli bakholwe yizwi lakhe, belazi noma bengalazi, basenethuba lokuba abe nomthelela othize kubona. “Ukuba bengingezanga, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono. Kepha manje, abanazaba.” (NgokukaJohane 15:22). Ngamanye amazwi, akukho lapho kungagqamile khona kahle, kwabekwa ngembaba; Ekuvumeni noma ekunqabeni kwakho isimemo, ekumamukeleni uJesu noma ekungamamukelini, ngandlela thize, unomthelela empilweni yakho, khona manje nakwingunaphakade. Uyamamukela umlandele kube ngukusindisa umphefumulo wakho noma ukhethe ukuziba, wale, umuphike ulahlekelwe ngumphefumulo wakho (NgokukaMakhu 8:35-38).
Lokhu-ke kusiyisa kumbuzo obalulekile wokuthi kungani ungamlandeli uJesu usindise umphefumulo wakho kunokumphika?
Omunye angabuza, Umuntu umlandela kanjani uJesu manje sibe singamuboni yena uqobo lwakhe njengokuba abafundi bakhe bakudala bambona? Ngiyajabula uwubuzile lowo mbuzo. Kukhona izinto ezimbili ezibalulekile kumlandeli kaJesu weqiniso: ukuzidela Kanye nokuthabatha isiphambano.
Zidele ngenxa kaJesu
Abazali banokunqabela abantwana babo izinto ezithize ngenxa yokwazi kwabo imiphumela yengaphambili. “Bengikutshelile” yikho lokho okuzwayo uma sebevela njengababeqinisileyo. Ngamanye amazwi, kunokwazi okuthize ngezinto abazinqabayo. Kumele sizazi kuqala ngaphambi kokuba sizidele.
Kwisahluko esedlule kwivangeli ngokukaMakhu, uJesu ubese enikezile isifundo ngalokho okungalungile kithi (wena nami). Akusikho nje ukuthi siziphatha ngokungenasidima ngokocansi, noma ukuthi singamasela, noma ukuthi siqamba amanga, noma ukuthi sinomona nomhawu, inkinga isenhlizweni yomuntu – “Ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yomuntu…zonke lezi zinto ezimbi zivela…ziyamngcolisa umuntu.” (NgokukaMakhu 7:21-23). Kumele kusukele kulolu lwazi ukuba sizidele. Ulwazi lokuthi uma singashiyelwa kithi uqobo lapha ezweni, asinalo ithemba lekusasa elincono ngokuba izinto ziya ngokunyuka ebubini. Kepha akumele kube njalo, uJesu usinikeza okuncono.
Ngenkathi ngenza izifungo kunkosikazi wami phambili kwi Althare, ngangithi yebo kuyena kuphela, ngithi cha kwabanye ababenganginika ithuba. Ukuthi yebo kokuthile kungukuthi cha kokunye, ngale kwalokho, besingeke sibe khona isidingo sokuthi yebo noma cha. Ukuze silandele uJesu, akumele sithi cha kithi kuphela kepha kumele sithi yebo endleleni yesiphambano.
Inkulumo yokuthabatha isiphambano yake yaba ngokwenziwayo ebandleni engangihlanganyela kulo ngisakhula. Ukugqoka isiphambano, ukusisebenzisa mekuthandazwa nokuthinta izinto nabantu ngaso uma ubakhulekela. Kude naleso siphambano, lapha kukhulunywa ngalesi sokufa uJesu ayezokufa. UJesu wafa ukufa okunehlazo elikhulu nokunenhlungu esiphambanweni. Kumele sikuqonde lokhu, akafanga ngenxa yokuthi wayengamukelwa nguNkulunkulu noma ngenxa yokuthi wayenze okufanelwe yilokufa. Iqiniso liphambene nalokhu; uhlobo lokufa akufa lwaluhleliwe nguyise kangangokuthi uPetru nabo bonke abafundi babengakucabangi lokhu (NgokukaMakhu 8:31-33; NgokukaLuka 22:24).
Uma sifuna ukulandela uJesu, kumele sibe nalokhu engqondweni, ukuthi uJesu wafa loluhlobo lokufa ngokwentando kaNkulunkulu, injongo yakhe, ukuhlakanipha kwakhe, ulwazi lakhe, umusa wakhe omninginingi ukuze kutuswe inkazimulo yakhe (Kwabase-Efesu 1:3-14). Ngakho-ke ukuzidela ukuthola ithemba ohlelweni lakhe lwensindiso oluveza amandla kaNkulunkulu. Impela lingamandla kithina esisindiswayo, libe ngubuwula kulabo abangeke bamlandele uJesu (1 KwabaseKorinte 1:18).
Uma sesinolwazi oluyiqiniso ngathi, isimo senhliziyo yethu, kube khona esikwaziyo mayelana nombuso kaNkulunkulu, maqondana nenkosi, sisuke sesisendaweni elungile ukuba silandele uJesu.
Ukulandela uJesu
Kujwayeleke ukuthi kube namaqembu amabili athi alandela uJesu. Elokuqala, elalabo abamthandayo nje uJesu. Abazithanda ezinye zezifundiso zakhe futhi bayakuthakasela ukuzisebenzisa uma kubalungele. Abadela imali yabo, isikhathi sabo Kanye namandla abo, bazame ukuba ngabantu abalungile. Abaya enkonzweni, babele nabampofu okuthile ngezikhathi ezinye. Noma uthole laba abamandla kakhulu, labo bazincisha injabulo esiyiphiwe nguNkulunkulu egameni lendodana yakhe. Bazila ukudla kube khona izinto abangazenzi, abazidelayo noma abazincisha yona ngale kokuthabatha indlela yesiphambano, ukuhlupheka okuholela enkazimulweni. Labo yilabo abagcina kuhamba hamba babe ngaphezu kwalokho ababeyikho ngaphambi kokuba bathi sebehlangene noJesu. Ngokuba baba matasa ngezinto zenkolo bayeke umsebenzi kaNkulunkulu, ekwenzeni abafundi ngomyalezo wevangeli.
Abesibili yilaba; Abantu abangaba ngabazalwane beqiniso, abake ekuqaleni basithabatha isiphambano sabo bakhetha nokulandela uJesu, bangagcina bekuyo yonke into ngaphandle kokuthabatha isiphambano kwansukuzonke. Bayahlanganyela kwizifundo zebhayibheli, bahole inkonzo uma kukhonzwa, bahlabelele ebandleni futhi babe ngabaholi noma abafundisi ebandleni, ngale kwezithelo ezimpilweni zabo. Isizathu sokungabi nalezithelo ukungabikho kokuthabatha isiphambano “nsuku zonke”. Lokhu kukhuluma ngezinto ezincane nje zansuku zonke, ukukhetha uJesu ngazo zonke izinsuku, ufunde kuye, uncike kuye, wenze lokho akufunayo empilweni, kungesikho uma kuthanda wena noma uma kukhona abazokubona. Kepha kube ngusuku nosuku. Akusikho ukuba ngabafundisi kuphela, abaholi, naphambi kwabantu. Kungukwamukela ukusolwa nokuzazisa. Akusikho ukufika enkonzweni ngesikhathi ekuseni ngeSonto. Kufaka nokufika uzimisele ukukhonza nokuzwa uNkulunkulu ekhuluma ngezwi lakhe. Akusikho nje ukukhuluma ngokufunda ibhayibheli nsuku zonke. Kungukudela ubuthongo, okuqhubekayo kumabonakude, isikhathi sokuzivocavoca, nanoma yini ukuze uzokwenza isikhathi sako.
Umlandeli wangempela kaKristu akeve ethanda isiphambano kepha engasilandeli. Ukulandela uJesu akufani nenye into esiyazi ngokuchazwa kusetshenziswa amagama asezinkundleni zokuxhumana. Asilandeli uJesu Kanye nabanye abaningi abanomthelela empilweni yethu abakhona lapha phandle. Asilandeli uJesu sibe sigijimisa izimfuno zenhliziyo yethu. Abalandeli bangempela abengezi lutho kuJesu, babambelele kuye, ulithemba labo ekuphileni Kanye nasekufeni. Abalandeli bangempela badela izimpilo zabo, amathemba abo Kanye namaphupho abo ngenxa yombuso. Balandele loyo owadela inkazimulo yakhe ukuze ezozuza bona, ahlanganyele nabo enkazimulweni yakhe ngesiphambano. Alukho uthando olwedlula lolo noma oluncono empilweni ngaphandle koluphilwa nalokho emqondweni.