Umkhuleko u…

Ngisebenzisa i-app ebizwa nge PrayerMate ukuba ingisize ukukhulekela uhlu labantu Kanye nengihlanganyela nabo, esinobudlelwane nabo.

Kodwa ngaphambi kwabantu bosuku kuvela uhlu, ngiqala isikhathi sokukhuleka nekhadi elingikhumbuzayo Kanye nokuqukethwe, engizokukhulekela ohlwini lami. Inhloso yalamakhadi ngukusiza mina ukuba ngikhuleke ngigxilile, lamakhadi afaka imikhuleko yakwithestamente elisha (njengomkhuleko kwincwadi yabase-Efesu 1:15-23), namahubo ahlukene (njengehubo 62:8 noma 121:1-2), Ukubuka eminye imikhuleko (njengasencwadini 1 EkaPetru 4:7-8 noma uMikha 7:7) Kanye nokucashunwe kweminye imikhuleko (Njengeminye ka Luther, J. H. Jowett, Ryle, Brownlow North njll) Noma okokugcina, elinye lamakhadi lithiwa ‘Okugqugquzela ukukhuleka’, elinemishwana emihlanu ngokuthi uyini umkhuleko. Ngikuthola lokhu kungisiza ukujikisela inhliziyo yami ekukhulekeni.

Pho-ke, uyini umkhuleko?

1. Umkhuleko uyilungelo

Abantwana beza phambi kubaba wabo osezulwini.

Sithola ukukhuluma nobaba wethu osezulwini (NgokukaMathewu 6:6-8; 9-13; 7-11). Abantwana, abagciniwe ngenxa yendodana kaNkulunkulu uJesu (1 NgokukaJohane 2:1-2) ngokusizwa nguMoya Ongcwele (KwabaseRoma 8:15), bavumelekile ukukhuluma nowenze izulu nomhlaba – ngesibindi njengobaba wabo! Kwangathi ngingalibamba ngokuliqonda nangokuthokoza ngisakhuleka lelilungelo elikhulukazi.

2. Umkhuleko ngukubuyekeza.

Ukukhuleka kuNkulunkulu kuveza ukukholwa nokwethemba uNkulunkulu.

Ngokujwayelekile, uma ngingakhuleki ngiveza ukuthi anginathemba kuNkulunkulu. Okuphambene nalokho kuyiqiniso; Umkhuleko noma ukukhuleka kungukuveza ukuthembela kuNkulunkulu – sinika yena izinkathazo zethu nezinkinga (Ukubuyekeza ihubo 46:1; KwabaseFiliphi 4:6; ihubo 112:7; Izaga 3:5-6), Simcela ukuba aqondise ukulangazelela kwethu evangelini lendodana yakhe (NgokukaMathewu 6:32-33), nokunye okuningi. Kwangathi ngingaveza ukuthemba yena ngisakhuleka kuye – Nkosi, ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami (NgokukaMakhu 9:24).

3. Umkhuleko uyisidingo

Uma uJehova engayakhi indlu (Amahubo 127:1-2)…noma aphe, noma asindise noma akhulise…

Zonke izinto ezijulile ezidinga ukwenziwa, kungaba yinsindiso, noma ukukhula, noma ushintsho noma ukupha – Konke lokhu kuyizinto uNkulunkulu okumele azenze uma kumele zivame futhi zibe yiqiniso. Ngakho-ke, ukukhuleka kuNkulunkulu oziqu zintathu kuyisidingo. Kwangathi ngingaphikelela ekukhulekeni ukuze ubaba enze lokhu yena yedwa akwazi ukukwenza.

4. Umkhuleko ungokufanele kwenziwe.

Thwalisanani imithwalo yenu (KwabaseGalathiya 6:2); Khulekani ukuze uNkulunkulu avule iminyango yevangeli (KwabaseKholose 4:3); Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi (Izenzo 6:4).

KuJesu senziwe sabasha othandweni lukaNkulunkulu nasothandweni labanye. Lokhu kufaka ekumele sikwenze, okungukuthandaza, sithandazela imithwalo nokucindezeleka kwabanye abazalwane – Kwaze kwayindlela enhle yokwenza incwadi yabasaGalathiya 6:2 nokuthanda abazalwane bethu, abafowethu nodadewethu enkosini. Noma ukukhuleka ngokwentandondo kaNkulunkulu, ukhulekela igama likaJesu ukuba lihambe – UPawulu wacela lokho KwabaseKholose 4:3. Ikakhulukazi kulaba phakathi kwethu abasemsebenzini wenkosi njengezisebenzi eziholayo, akumele kube siyahlela kuphela sishumayele izwi, kepha kumele sikhuleke izwi, sikhulekele nabantu – Kanye nezwi labaphostoli encwadini yezenzo 6:4, ukuthi sibe yisibonelo ekungabukelwa kuso. Kwangathi ngingakwenza ekumele ngikwenze, emkhulekweni wami nasezinhlelweni zami, ukukhulekela abanye nokukhulekela okufunwa nguNkulunkulu.

5. Umkhuleko ungumkhuba

Zikhuzeni nizithibe, ukuze nikhuleke (1 KaPetru 4:7); Qiniselani ekukhulekeni; nilinde kukho ninokubonga (KwabaseKolose 4:2-4)

Akukho lutho oluhle oluza kalula. Iziphazamiso nokucabanga okungenasdingo kusizungezile. Kodwa-ke, kumele siqaphela izidingo, nokusondela kokuphela (1 KaPetru 4:7) sinxenxwa ukuba siqaphele ukuze sikhuleke! Lokhu, ngomusa kaNkulunkulu kudingeka kube ngumkhuba – Vele kungani kungamele? Kwangathi ngingahamba kulomkhuba ngaphansi kukaKristu nasekwenzeni, ngizinikele ekukhulekeni.

Kuningi esingathi kungumkhuleko noma ukukhuleka, futhi ngicathi nezinto eziningii futhi ezincono! Kanti, kungenzeka eminyakeni ezayo, ngiqhubeke ngengeze amanye amaphuzu ekutheni uyini umkhuleko. Kepha okwamanje, yiloluhlu engivame ukudlinza ngalo noma ukulibuyekeza, ngikhuleke kubaba wethu ongenhla.

Ngokufisa kwenkosi loluhlu lungasiza ukukuvuselela ukuba uthandaze!

Previous
Previous

The Lord is a great God

Next
Next

Prayer is…