Ugongolo olusesweni lwethu
“Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu” ngokukaMathewu 7:1-6
Lengxenyana ibilokhu ihlezi enhlinzweni yami nasemicabangweni yami isikhashana impela. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uNkulunkulu ube nomusa kimi engidonsela ekujuleni kobudlelwane nomndeni wami obungcono kakhulu ngisho nabafowethu nodadewethu eNkosini. Ngibonile ukuthi iNkosi njengokuba ingigxilisa kulobu budlelwane, ngibona ukuthi ngenkathi ngisondela kwabanye nabo bayasondela kimi. Sengibonile ngafunda lukhulu kunokuba sebudlelwaneni nje obungasho lutho.
Siyabona sifunde okuningi okuhle nokunye okungekuhle komunye nomunye. Kuyindawo enhle yokuvuselelana ngendlela yempilo esenza ukuthi sifane noKristu. kuyithuba futhi elihle kakhulu lokukhomba nokuvusana maqondana nalokho okusivimbayo futhi okuyingozi kwizithelo zethu nenkambo yethu njengamakristu. Lokhu kusebenza kahle kakhulu ebudlelwaneni bomphakathi.
Ngiye ngazithela kokushiwo ngu Dkt. Henry Clouds encwadini yakhe esihloko sithi “boundaries” (imingcele) ngokuhunyushwa. Njengokuba insimbi ilola insimbi, sidinga ukubhekwa ngeqiniso abanye ukuze sizokhula” (kuhunyushiwe). Uyaqhubeka athi, “Akekho umuntu othanda ukuzwa izinto ezingezinhle ngaye. Kepha kusilungele lokho ngokuhamba kwesikhathi. Ibhayibheli lisitshela ukuthi uma singabahlakaniphile kumele sifunde kulo. Ukuyala komngane, noma kunkenketha kepha kuyasiza”.
Mina uqobo sengike ngahlomula ukuyalwa kubafowethu nodadewethu kanye nabathandiweyo bami. Ngizuze ngokukhulu, ngakhula futhi ngingoqaphelayo mayelananezithelo zakamoya Kanye nameva esono akhona kimi. Kungabe ngiphikelele endleleni yokubhujiswa ukuba lomphakathi wami awuzange ukhulume iqiniso engangidinga ukulizwa. Kusukela ekungigqugquzeleni kuya kumaqiniso anzima evela kulomphakathi sengihambela kude impela namanga, nesono Kanye nesitha. Ngiseduze neqiniso likaJesu Kristu. KOnke lokhu ngazi ukujula kokumdinga kwami ngenxa yempi yangaphakathi engiqhubeka nokuba kuyo.
Lapha esifunda khona ngaphezulu kwincwadi (ngokukaMathewu 7:1-6), ngiyakholwa ifaka istembu ekutheni kumele sehlulele njengamakholwa. Ngendlela yokwahlukanisa – sikwazi ukuhlukanisa ngobuhlakani bukaNkulunkulu nokusizwa nguMoya ukuhlukanisa okuhle nokubi enhlizweni yethu ngokunjalo, kuze kube kwabanye. Inkosi isinikeze isikali esithize ekumele sisisebenzise, isikalo somusa esisithole enkosini kwathina uqobo, esasingafanele, kepha kuKristu Jesu sinikeziwe, sibuka kuJesu (1 KwabaseKorinte 13:4-8, KwabaseRoma 5:6-11, 1 NgokukaJohane 4:7-13).
Ngesipiliyoni enginaso, ngibonile ukiuthi kunzima kanjani ukwenza lokhu kwesibili kunalokhu okokuqala. Ukukhomba isono komunye, njengokuba uMathewu ebeka: “ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu”. Ngibone ngami ukuthi kulula kanjani ukuhlukanisa nokubhekana nokubi kwabanye. Kuvame ukuvela endaweni lapho kungathi wena ulungile futhi kungabi nomusa. Kepha kukho konke lokho, ngiphinde ngihluleke ukukhomba isono ngenxa yokwesaba, ukwesaba ukuthi kungenzeka kube ngishaye eceleni nokuthi mhlampe yimina nje obona izinto. Kwenye inkathi kuba yikho nje ukuthi ‘kuyinto edlulayo – angeke iphinde yenzeke’. Kanti kakhulukazi-ke nokufuna ukujabulisa abantu, ukusaba ukuthi abantu abaseduze name bazongibuka kanjani. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokukhomba isono noma imiphumela emibi noma ukuphendula okungasizi, kukhona ukwesaba ukulahlekelwa yinhlanganyelo uma umuntu esekhubeka noma engasakuvumi ukona kwakhe. Ekujuleni ikhona into engafuni kube khona lokho kuhlukana nokubalekela ukuba umuntu omubi nokunyakazisa izinto nabantu kulomphakathi. Hlampe usuke wabhekana nalokhu noma cha. Kwisipiliyoni nokubuka kwami kulomphakathi siyashesha ukukhuthaza kodwa siyaphuza ukulaya sikhulume namaqiniso anzima, ikakhulukazi uma kufanele kwenzeke. Lokhu ngiyakubona nasempilweni yami. Nkosi, siza mina ngiyacela. Nkosi sisize, ikakhulukazi uma umusa wakho nokukhulu ekufaneni noKristu kuza nokuhlanganyela nabangcwele.
Ngokuqhubeka kwesikhathi, ngibonile ukuthi angihlukile nakancane kubafowethu nodadewethu engibona ukuphambuka kwabo. Esikhathini esiningi, ngibone ukuthi uma ngibona iphutha kwabanye, kukhona futhi nokuzazi name uqobo, ukwehluleka kwami, kungaba ngendlela efanayo noma eyehlukile. Lokhu ngikubona njengomusa ovela enkosini uma isibiza ngabazenzisi uma singaqali ngokunaka isono esikithi ngaphambi kokuba sinake esabanye (NgokukaMathewu 7:1-6). Sidinga wona lowo musa inkosi esinika wona kuJesu Kristu. Ngaphambi kwenkosi, impela siyehluleka. Singaphansi kwenkosi futhi siding umusa wayo, ukuthethelela kwayo Kanye nokubuyiselwa yiyi Kanye nabantu. Kumele sibone ukuthi nabanye abantu badinga into efanayo nathi. Ngakho-ke kumele senze ngendlela okuyiyo phakathi kwabantu Kanye nathi. Kumele sisebenzise isilinganiso somusa nothando oluvezwe kuJesu Kristu. Ngamanye amazwi, uma sikhuthaza noma silaya omunye kumele kuphume esilinganisweni sothando nomusa. Ngisho sizibheka thina nezinhliziyo zethu, sisebenzise isilinganiso esifanayo.
Kungabe ushesha kanjani ukuma – uthathe isikhathi, ubheke ukuthii kwenzekani kweyakho inhliziyo, ikakhulukazi maqondana nesono (ugongolo) enhlizweni yakho (iso) okumele kubhekanwe nalo (kukhishwe) ukuze uzobona kahle uqhubeke nento yogongolo olusitha ukwahlulela kwakho Kanye nokuzwisa abanye kanye nawe ubuhlungu? Inkosi isibizela empilweni yesidima, ukuthembeka Kanye neqiniso kithi nakwabanye. Ngale kokulwa kwethu Kanye nokucishe siwele esonweni, izimfuno ezimbi ekumele siziyise enkosini ngomkhuleko, kukhona esingakuboni kithi okudingeka abafowethu bakukhombe kithi basizuze futhi. Njengokuba ukubizelwa ebungcweleni kumile kubafowethu nodadewethu, kunjalo futhi nakithi.
Singathola ukududuzeka ekuthini singasondela kuye owalingwa ngandlela zonke, kepha akasazanga isono. Uyazwelana nathi. Singaphinde sikhuthaze nabaseduze nathi ukuthi nabo benze okufanayo. Ngokuba siyasondela ngesibindi sime emseni nothando oluboniswe esiphambanweni Kanye nasovukweni kuvusa abazalwane bethu ukuze bezoqhubeka ekukholweni (1 kuThimothewu 4:6, ekaJuda 23, kuThithu 2:15). Kwangathi singangaba namahloni okuthi sibone isono sethu Kanye nobubi obusizungeza busihlupha. Singakuyisa enkosini ngokuphenduka nangokukholwa. Khumbula isiqiniseko senkosi, ukukhululwa esonweni okuza nokuvuma izono enkosini nakubazalwane. Khumbula isineke senkosi, kodwa ungakhohlwa ulaka lwayo oluletha ubulungiswa ebubini nasekuhlubukeni. Singakhohlwa ukuqaphela ubumnyama obukhona nobuzulazulayo obusenza singahambi ekukhanyeni beqiniso nasezwini lenkosi Kanye nobukhona bayo nokuhlanganyela kwabazalwane.
“Ngihole Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami, ubone uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade”. Amahubo 139:23-24