Ukubuyekeza

32 “Umbhali wayesethi kuye: “yebo, mfundisi, ushilo ngeqiniso ukuthi yinye, ayikho enye ngaphandle kwayo; futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.” NgokukaMarku 12 vs 32.

Ngibuyekeza isiqephu engike ngasibhala esikhathini esedlule – Kwahlala kimi indlela inkosi uJesu echaza ngayo uthando. Lapha esifunde khona ngaphezulu, kubukeka sengathi ukhuluma ngo “kanjani” wothando: ngakho konke okwakho nanjengakuwe.

Ngakho konke okwakho:

Uthando akumele lungapheleli. Futhi akufanele kube yinto nje, kumele lube nokuzimisela. Kunjalo nakuthando lukaNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna ukuba simazi, sifunde izwi lakhe – simunxanele yena, futhi uthando lakhe lunyakaziswe siseza ukuzomazi ukuthi ungubani. UNkulunkulu ufuna ukuba simuthande ngayo yonke ingxenye yempilo yethu, kungasikho kancane nje. Izinhliziyo zethu kumele sizihlanganise naye futhi sizinikele kuye. UNkulunkulu usibizela ukuba sihlanganyele ngokomqondo wethu – imicabango, nokusebenzisa amandla ethu ukumthanda.

Njengakuwe:

Singakusho kugcwale ukuthi siyazithanda. Kahle hle, vele kumele kube njalo: senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu; senziwa ngesidima nangokudala kwaphezulu ngaphansi kobudlelwane bomtrinithi, owesilisa nowesifazane. Ukungazithandi kungukunganakekeli impilo nomuntu okwenziwe nguNkulunkulu. Kumele sizinakekele, sizigqokise, sidle, sibe ngaphansi kophahla ukuzivikela engozini. uJesu usibizela ekuphatheni umakhelwane wethu njengoqobo lwethu. Sibaphathe ngesidima nenhlonipho njengokuba senza kithi.

Loluhlobo lothando, uthando lukaNkulunkulu nothando lukamakhelwane alukho lula. Libiza ukuthi noNkulunkulu sihlukane nabantu nezinto ekungasizo ezikaNkulunkulu. Kubiza ukuthi kungabi bikho ukuzicabangela wena wedwa maqondana nomakhelwane, kepha ukubuka abanye ngendlela uNkulunkulu asibuka ngayo mhla esidala, mhlazane esiletha ekuphileni ngendodana yakhe uJesu. Loluthando luyaveza ukuthi akwenzeki ngaphandle kosizo lenkosi noMoya Ongcwele osebenza kithi.

Kithina, ukuthanda inkosi ngalendlela ngukubeka konke okunye emvakwayo. Inegunya kukho konke maqondana nempilo yethu. Loluthando lutholakala ngokuthemba uJesu osenza sibe ngabombuso wakhe, ngakho-ke ukuthanda ngalendlela kungenzeka ngokuba abantu benkosi, abayingxenye yombuso waphakade, abanethemba likaMoya Ongcwele obangcwelisayo abafundise ukuthanda, kungabi ngukuzithanda thina  kuphela, ngendlela ethokozisa uNkulunkulu.

UJesu akasibizeli ukuba sithande ngendlela kwayena angakaze athanda ngayo. Kukhona izigaba eziningi ebhayibhelini ezikhombisa uthando lukaJesu nobudlelwane noNkulunkulu ubaba, ukuzidela, ukuzimisela, ukuthobeka, isihawu, umusa nothando.

Previous
Previous

Progressive Role of the Holy Spirit from The Old Testament to the New Testament

Next
Next

Reflections: The Greatest Commandment - Love of God and neighbour