Ukufa kokufa (KumaHebheru)
Mangicabanga amaholidi ka December ngicabanga izixuku zabantu. Emakhaya ziningi izinto ezihlanganisa abantu; kungaba ingoma, noma imidlalo yebhola likakhisimuzi, noma imishado, noma imincwabo. Lakunhlangana khona abantu, inxabano ayivamile ukuphutha.
Enye yezinto engiyake ngiyiqaphele ngalezinxabano, ilokhu: ave edelela umuntu onesibhamu. Uba nomlomo omude, agawule abhekise le enganaki. Labake abanezinhliziyo ezincane o 'ngelusa-mina' bayake benyatheleke ozwaneni uma kukhona umuntu odelela ngoba nakhu ethembe isibhamu.
Ngithe ukuyihlaziya lento ngayibona iwumfanekiso omuhle wesifundiso samaHeberu 2:14-18. Umbhali kulamavesi ulandisa kabanzi ukuba kungani uJesu kwakumele enziwe abe ngumuntu njangathi. Uma ufunda, zimbili izinto aziphawulayo umbhali, zibonakala ngokuthi zilandele isihlanganiso 'ukuze':
V14 -15 "ukuze ngokufa amchithe obenawo amandla okufa onguSathane, abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni."
Njengalabantu abashada ubuqhwaga ngokuqoma izibhamu, noSathane naye inye vo into agabe ngayo, ukufa. Kusukela kwasekuqaleni, uSathane elakhe elimandla elokuholela abantu bakaNkulunkulu kude noNkulunkulu, okuwukufa kwaphakade lokhu ajeziswa khona futhi asazogwetshwa khona (Rev 20:10).
Okwamanje, uSathane akakhethi bala. Abadala nabancene, Abaswele nabacebile. Abafundile nabangafundile. Aba hurt'abanye naba hurt’ wayo. Abashadile nabangashadile. Bonke basilelwe ukufa. Ukufa kuyibukela phansi yonke imisebenzi yabantu, namakhosi imbala phambi kokufa ayakhothama.
Kodwa uJesu, wazehlisa wazenza buthaka ezisondeza nokufa ngokuba athathe isimo somuntu. Lokhu wakwenza ukuba athi esefile, ngokuba wonke umuntu ozelwe ngowesifazane uyafa, abe eseyavuka futhi anqobe isiqwaga esinguSathane ngokusiphuca isikhali asisebenzisa kubantu bakaNkulukulu. Ukufa kwafa ngokufa nokuvuka kukaJesu.
Uma isiqhwaga sesiphuciwe ithuluzi laso lenkani abantu bayaye bahlale ngokukhululeka. Kanjalo, noJesu wakhulula abantu bakaNkulunkulu ukuba bajabule ngokukhululeka ngaphandle kokukhathazwa ukufa. Kodwa kuphela laba abakholwa nguye.
Umbuzo ube usuthi: mangabe uSathane simufanisa nomuntu onesibhamu, ubanike esizomufanisa no 'ngelusa-mina' onenhliziyo encane?. Lowoke singathi yinoma imuphi umuntu ophilayo. Imina, nawe ofunda lombhalo.
Bheka futhi isizathu sesibili uJesu waba ngumuntu:
V17 "Ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kubeyinhlawulo yezono zabantu."
Into esuke idale inxabano ukuthi uma esedelelile umuntu wesibhamu, akakwazi nhlobo ukuthula u 'ngelusa-mina'. Usuke afune ukuzibonakalisa amandla akhe abamethwesa wona ekwaluseni. Kanjaloke kube sekuliwa.
Nathi, ngenxa yesono esikithi, ukungafuni ukulalela umthetho kaNkulunkulu, sibe sesiheheka uma uSathane esiholela ekoneni, emgodini-ethuneni, ekulahlweni kwaphakade ngaphandle kwasethempelini la kugcwele khona usizi. Kunzima ukungamulaleli uSathane ngenxa yesono esikithi. Kufana nokuthula komunt' owelusa uma kukhuluma umuntu ogabe ngeisibhamu, uncamela ukufa.
Kodwa uJesu, ngokokumisa kukaNkulunkulu, waba ngumuntu ukuze abe yinhlawulo yezono zethu. Sivamile singabantu ukuzikhandela onkulunkulu bethu abazosonika ithemba ekufeni. Noma thina uqobo sizenze onkulunkulwana ukuzimisa ithemba ekufeni. Abanye bayaye bathi uma umuntu efa ubuye abuye kodwa, eseyisidalwa esihlukile. Abanye bathi uma ufa, kucima izibani kuthuleke udu. Abanye bathi uma ufa uya kwabakini abangasekho. Yonke lemizamo iyize.
Indaba yokufa emhlabeni ekaNkulunkulu noSathane owasilethela ukufa. Indaba okuyona engabe sizixaka ngayo, sithule kuyo, le yesono. Yokuthi sithi sazi ngokwemvelo yethu ukuba sidalwe nguNkulunkulu omuhle nongazwani nokungcola nokona, sibe sikhuthazelana sonke ukungamulaleli uNkulunkulu. Phezu kwalokho simubeke amabala, yena owasidalayo. Yibona bubi benhliziyo yethu lobu obenza sikhothame kuSathane. Isono.
Isono kasigezwa ngamanzi agelezayo emfuleni. Isono asihlatshelwa imbuzi. Inhlawulo yesono ukufa kwethu uqobo. uJesus wafa njengoba eyinhlawulo yesono.
Okuqala umbhali akaphawulayo ukuthi, waba ngumpristi ohawukelayo. uJesu uyena okwazi ukusimela phambi kwesigwebo sethu ebe ezwelana nathi. Okwesibili akuphawulayo umbhali ukuthi, ukuzwelana kwakhe nathi, akufani nokwabantu. Imvamisa thina uma sikhombisa ukuzwelana, siyake siwushaye indiva umthetho. Kodwa uzwelo lukaJesu luthembekile emithethweni kaNkulunkulu. Akaxoleli isono ngaphandle kwenkokhelo yaso. Yingakho waba yinkokhele yesono (ngokwethembeka kuNkulukulu) ukuze abe yinhlawulo yethu (ngokwesihawu sakhe).
Ngamafuphi, akusisizi ukuba sibe ngonkulunkulwana noma sizakhele onkulunkulwana abasinika ithemba (elingethemba) ekufeni kodwa bengasisizi ngalutho ngento esiholela ekufeni, isono. Kodwa uJesu owafa wanqoba ithuna ngokuvuka kwabafileyo, nguyena osithembisile nathi esikholelwa kuye uvuko lwaphakade uma sifa. Ukuthi noma sifa, ukufa kwendlela, kodwa asiyukufa naphakade, kuphela uma sikholwa nguye (John 11:25).