Ukufuna isinkwa kepha wala isinkwa sokuphila

Siyabona ngesikhathi sokhetho lapha eMzansi Afrika ukuthi osopolitiki baya ezinkundleni ezahlukene benxenxa amavoti. Bavamise ukuya ezindaweni zabadla imbuya  ngothi, emalokishini Kanye nasezindaweni zasemakhaya nezijumbana zokudla. Lokho bakunikeza labo abahlwempu. Ngiyakhumbula iqembu thize libuza owesifazane ukuthi uyakholelwa eqenjini noma kumholi walo nokuthi uzolivotela yini iqembu. Waphendula wathi cha! Angeke alivotele nokuthi akakholelwa kumholi walo, wathi uzoqhubeka nokuthola izikibha zamahhala nezijumbane zokudla ngoba uhlwempu futhi uyazidinga lezinto zamahhala

Njengoquqaba labantu olulandela osopolitiki ngesikhathi sokukhankasa lifuna izijumbana zokudla nezingubo, siyabona encwadini ngokukaJohane 6:1-14 ukuthi uJesu wapha izinkwa eziyisihlanu Kanye nezinhlanzi ezimbili abantu abangama-5 000 uma ungababali abesfazane kanye nezingane. Kuvesi 22-25 bafuna futhi balandela uJesu eKapernawume bagcina sebemtholile ngaphesheya njengoba sibona kuvesi 25

Kunganjengo-sopolotiki abagaqele amavoti ababuza labo abafuna izijumbana zokudla ukuthi ngabe bayakholelwe yini kubo nalokhu abakumele, uJesu ubhekana ngqo nesixuku kuvesi-26, uthi “ngiqinisile ngiqinisile ngithi kini:  aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa nasutha”

abantu kulezi zinsuku balandela uJesu ngezizathu ezahlukene, esikhathini esiningi akusikho ukuthi bayakholwa ukuthi uyindodana kaNkulunkulu oyisinkwa esiyisonasona esininkeza ukuphila (NgokukaJohane 6:40). Abanye beza kuJesu befuna yena ukuze ezobakhulula ebunzimeni babo njengokuba hlwempu, ngakho-ke uJesu kubona uyindlela  yokuphuma enhluphekweni uze embusweni. Kuyisimo esingumshophi nokho ukuthi ukweswela kwabo nendlala kugcine kuminyanisa abakulindele nokubakhuthazayo kuMesiya njengokuba bebona uJesu njengendlela ebakhipha ekuhluphekeni, engesiyo indodana kaNkulunkulu nesikwa sokuphila abakudingayo. Angisho ukuthi angizwelani nesimo sabo esinzima esidinga ukuba kungenelelwe kuso, manje uJesu sebembuka njengendlela ekhiphana ekuhluphekeni engasikho okungaphezulu kwalokho, lokho kuyinkinga futhi kungukubuka okufiphele ukuthi uJesu ungubani.

Njengoba siphila ezweni lesikhashana nezinto eziningi zesikhashana akumangazi ukuthi sibuka kuJesu ukuze ezogcwalisa ukulangazelela kwethu kwesikhashana njengokuthi siyosebenza kuphi ngelinye ilanga, yimuphi umsebenzi ekumele ngiwukhethe, ngishade nobani, nginayo yini imali eyenale ukuphila mina nomndeni wami. Zonke lezinto zinhle ngenxa yomusa kaNkulunkulu okunguyena osinikeza lezinto kumele sizibuke ngeso lokuthi zingezesikhashana, ezingeza ngezindlela ezahlukene. Singaze silahlekelwe ukugxila kwezaphakade njengokuthi kwenzekani uma sesishiya lomhlaba wesikhashana singazithola sisengcupheni yokungagxili kokwaphakade.

Uvesi 35 ungumongo walendaba “uJesu wathi kubo mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.” uJesu uqobo ungukudla- usinikeza umsoco empilweni yethu yakwamoya Kanye nempilo emva kokufa. Ukuphila sikuthola kulesi sinkwa kuphela. Ngokukholwa kuJesu bangathola lokudla okuphakade okunguKristu. Uyisinkwa sokuphila.

uJesu uyimpendulo yezidingo zenhliziyo yomuntu, ngokuba wayengakhulumi ngokudla komzimba. Akukho ukudla ongakudla ungaphinde ulambe. UJesu uthi usuthisa ukulangazelela komoya womuntu okungeke kwasuthiswa ubudlelwane,impahla, isipilioyoni, umlingani, abantwana, imfundo noma umsebenzi kepha uJesu kuphela.

Njengokuba uJesu ethi uyisinkwa esiyiso nesathunyelwa nguNkulunkulu, sehla sivela ezulwini akumangazi ukuthi bonke abeza kuye bezofuna ukusuthiswa kwesikhashana okungokwezisu zabo bagcina sebephika akufunayo nokuthi ungubani, kuba nzima ukukwamukela (ngokukaJohane 6:66)

Kepha siyabona uPetru ephendula uJesu encwadini kaJohane 6:69 uma ethi “Nkosi singasuka siyephi ngokuba amazwi okuphila akuwe.” akufanele sibone uJesu njengosinikeza isinkwa salokhu kuphila esizokushiya ngemuva, kepha uyisinkwa esiyisona esathunyelwa nguNkulunkulu ukusinikeza ukuphila okuphakade ukuze singeke siphinde silambe noma some futhi ( ngokukaJohane 6:35).

 

Previous
Previous

Ngokukholwa (Moses part 1)

Next
Next

Wanting the bread but rejecting the Bread of Life.