Ukuthola ithemba levangeli enyuvesi yaseNingizimu Afrika
Ngonyaka wezi-2020 uNompumelelo waqala ukufunda kwinyuvesi yaseThekwini, eMzanssi Afrika, wayengakulindele ukuhlanganyela nebandla lama-Orthodox elifundisa nezimfundiso zomlando wenkolo yobuKristu.
UNompumelelo wakhulela ebandleni lakwaShembe, inkoleloze yamazulu edumile kwisifunda. Yena njengabanye abaningi kulenkolo, wakhula ekholelwa ekutheni umphrofethi wabo, u-Izaya Mdliwamafa Shembe, wathunyelwa nguNkulunkulu e-Afrika ukuzoshumayela umyalezo ohlanganisa inkolo yobukristu Kanye namasiko nezinkolelo zase-Afrika. Wayekholwa ngukuthi umholi wabo wayenogcobo lwaphezulu nokuthi inkonzo yakhe yayingukuqhubeka kwezimfundiso zikaMose Kanye nezikaJesu.
“Ngangikholwa ngukuthi uShembe wayefana nonkulunkulu wami futhi ungumholi. Ngafundiswa ukukhonza/ukudumisa yena Kanye nokukhuleka kuye,” kusho uMzimela.
Lokhu akumuvimbanga ukuba abuze imibuzo, yize noma, “ngisengumntwana, nganginemibuzo ngabakaShembe namasiko ethu, kepha nganginqandwa ekubuzeni imibuzo ngoba kwakubonakala sengathi anginayo inhlonipho. Kunalokho, ngangigqugquzelwa ukulandela konke engikutshelwayo ngale kokunanaza,” eqhubeka.
Abantu abaningi kaShembe babhekana nokufanayo. Bafundiswe ukuthi inkolo yobukristu ayanele ukubasindisa, kepha abanikezwa ithuba elanele lokuthola izimpendulo kwimibuzo yabo.
Ngenkathi eya enyuvesi yaKwa-ZuluNatali, wamenywa kumhlangano owawuhlelwe yi The Bible Talks, inhlangano yamaKristu evangelayo, engaphakathi enyuvesi. Wazikhethela ukuya, ngenkathi evakashele I The Bible Talks, wahlangana noYasmine Mamboleo, osebenza kulehlangano. Ngaphakathi enyuvesi, uYasmine ujwayele ukukhuluma ngevangeli kwabakaShembe futhi unogqozu nesihe esenza ashisekele ukubabona bekholwa kuKristu. UYasmine uchazile ukuthi uma exoxa ngevangeli nabakwaShembe ngaphakathi enyuvesi bajwayele ukuphendulana ngokubili nje okusoqhulwini.
UKristu wanele bonke abantu
Okokuqala, bathi uJesu akasiye umsindisi owanele ukubasindisa ngokuba wayengumuntu omhlophe (umlungu) Ngakho-ke akakwazi ukuba ngumlamuleli wabo phambi kukaNkulunkulu ngokuba bona bangabantu abamnyama. Bathola ithemba labo kuShembe, ongumuntu omnyama, abakholelwa ngukuthi uyabanxusela. Okwesibili, baveza ukuthi uJesu wasetshenziswa ngabacindezeli ukuzokwenza inkolo yama-Afrika kube sengathi amadimoni ukuze bezobusa bona phezu kwabo. Babona ukuthi ukulandela uJesu kusho ukuthi kumele bashaye indiva amasiko abo njengamazulu, njengokwenzela amadlozi (asebalala) imicimbi. Ngokuba lamasiko abacindezeli bathi yizinto zemimoya emibi, abathandi ukuzishiya lezi zinto.
Ngokusobala, lezi zinkolelo ziyadumaza kubalandeli baJesu. Ngebhadi, ibhayibheli eMzansi Afrika lasetshenziswa ngendlela eyacekela phansi abantu abamnyama. Lokhu kwakungalungile, futhi akumele kugxotshwe ngezinyawo noma kubuyiselwe eceleni. Kepha, abakwaShembe ekungazini kwabo bathembekile eqenjini elibambelele kwisithombe esingesiso sikaJesu. UJesu wayengesiye umlungu owayenezinwele zabelungu namehlo aluhlaza, owayezele ukuzosindisa abelungu. WayengumJuda, ezalelwe eBhethlehema, owayezele ukuzosindisa abantu bezinhlanga zonke, izilimi zonke, izizwe zonke.
UJesu weza ukuzosindisa labo, kwizinhlanga zonke.
Ngenkathi abakwaShembe benciphisa umnikelo kaJesu, ibhayibheli liveza isithombe esehlukile. Incwadi ngokukaJohane 3:16, hlampe ivesi elidume kakhulu ebhayibhelini, lifingqa ivangeli kahle “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade”. Inkinga enkulu yoluntu yisono, ibhayibheli liveza uJesu njengesixazululo kulenkinga. Encwadini yeZenzo 4:12, ngesibindi uPetru uveza ukuthi “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimele ukusindiswa ngalo”. Ngenkathi abakwaShembe bebona uJesu njengomsindisi wabelungu, ibhayibheli lisifundisa ukuthi uze ukuzosindisa abantu bezinhlanga zonke.
Ngonyaka wezi-2021, uNompumelelo waqala wabona ukuthi yize noma ibhayibheli wakhula elifunda, indlela ayebuka ngayo uJesu yayihluke kakhulu kunendlela uYasmine namanye amakristu amveza ngayo uJesu. Ekukhulumeni kwakhe noYasmine, waqala wabona indlela uShembe ahluleka ngayo ukubona umungo wenkolo yamakristu ezibhalweni (ebhayibhelini). Esalwa nalemibuzo kuye, waqala wathola ukuthula evangelini. Ekugcineni, imibuzo ayekade eyibuza yathola ukugcwaliseka kuJesu Kristu.
Ivangeli liholela kuguquko
“Ivangeli likaJesu laguqula impilo yami ngokupheleleyo. Kunzima ukuchaza ngamazwi ukuthi ukugqama kweqiniso lebhayibheli kungisizile, laletha ukuphumula engqondweni yami nasenhlizweni yami,” esho uNompumelelo.
Wabona ukuphelela komsebenzi kaKristu esiphambanweni ngenxa yezono zakhe. Ngenkathi uYasmine efunda naye ibhayibheli emfundisa, useqalile ukuthola noma ukubona ukuthi ungubani yena kuKristu emva kokuba abe nesibindi sokushiya inkolo yakwaShembe. Emva kokukholwa kwakhe, wabe esehlangana nebandla laseTrinity, ibandla eliseThekwini, endaweni yaseMorningside. Kulapho ekhula khona enkosini, ngaphansi kwezifundiso zezwi likaNkulunkulu, eqhubeka ukufunda noYasmine. Ebandleni, usethole ikhaya lapho ekhula khona ekwazini nasekuthandeni uJesu.
Umhlaba ugcwele izinkolelo eziningi ezisusa uKristu, ezingamufuni Kanye nezengezayo phezu kwakhe. Abanye abantu bathi akaze abekhona, abanye bamehlisela phansi, bathi ungumphrofethi, khona manjalo abanye bathi banguye. Ibhayibheli noma lifundwa akugxilwa kwelikushoyo ukuze abantu bezovikela lokho abakushoyo ngaye njengokuba benza nabakwaShembe.
UNkulunkulu usasebenza emiphakathini yethu
Indaba kaNompumelelo isinikeza isiqiniseko sokuthi uNkulunkulu usemsebenzini emhlabeni ngisho kunganzima kithi ukukubona lokho emiphakathini yethu, emabandleni noma kwizingxoxo zevangeli. UNkulunkulu uyaqhubeka nokukhipha abantu kumbuso wobumnyama ebayisa embusweni wendodana yakhe (KwabaseKholose 1:13-14)
Indaba yakhe igqamisa isidingo esiqhubekayo sokuba kushunyayelwe ivangeli ngesibindi nangentobeko. Yize noma akhula elazi igama likaJesu efunda nebhayibheli, wayekholelwa kokungesilo iqiniso ngoJesu. Izizwe zethu nomakhelwane bethu badinga abantu abasindisiwe nguJesu ukuba bashumayele ukuthethelelwa nenkululeko etholakala evangelini.
Simemezela ivangeli ngokuphuthuma, sikhumbula isithembiso sikaJesu sokubuya njengesela ebusuku. Izingxoxo zethu kumele zigcwale ukwahlukanisa, uzwelo Kanye nomkhuleko sisabafisela ukuba bazi uJesu webhayibheli.
Khulekela ukuqhubeka kwevangeli kwabakaShembe.
Njengabazalwane, kumele sibakhulekele labo abasayingxenye yebandla lamaNazaretha. Laba abesilisa nabesifazane bazungezwe yizwi likaNkulunkulu, kepha bakholwa ngokungesilo iqiniso ngoJesu ezingqondweni zabo. Bangalazi izwi lenkosi, kepha bafile ezonweni zabo.
Hamba vangeli!
Lesiqephu siqale sashicilelwa ku Radical.net (ngolimi lwesingisi) Lesi yisihumusho sesizulu.
https://radical.net/article/finding-gospel-at-a-south-african-university/