Uma kungekho kwenza umqondo
Ezikhathini zokudideka nokungaqondi, ngithola induduzo kuye omiyo. Zikhona izivunguvungu bubude ubusuku, nginesiqiniseko sokuthi uyangiqinisa uma ngisebumnyameni. Kukhona isiphithiphithi, ulawula njalo enze indaba omiyo.
Ngisho izinto zingahlangani, ngiduduzwa ukwazi ukuthi impi inqotshiwe. Esiphambanweni waveza uthando ekupheleleni kwalo. Enhlungwini yami, umusa wakho uyanganelisa. Yize noma ngingaqondi, ngizwa imikhuleko yami sengathi ayiyi ndawo. Nginokukholwa ukuthi uNkulunkulu angeke angiyekelele. “Ungumelusi wami uma ngilahlekile kwisiphithiphithi, ngesineke uyangihola lapho ngingayiboni indlela”.
Ngizothembeka ezwini lakho noma kunzima, ngazi ukuthi izinyembezi zami ziyizicelo kuwe. Ngisho noma izinto zingasawenzi umqondo, umusa kaNkulunkulu uhlezi umiyo. Ukhuluma lapho kuthe cwaka khona ehlise ukwesaba kimi.
Lenkondlo ngayibhala ngethemba lokuthi umfundi ongumkristu abuke uNkulunkulu lapho izinto kungathi aziwenzi umqondo, lapho kunzima khona. Ngebhadi awukwazi ukuzivikela ekutheni udideke ungabi nokuqonda kulelizwe. Njengoba siphila nezinye izoni, sifunda nazo futhi sisebenza nazo, kuningi okungenzeka. Kwesinye isikhathi siyalimazana singaqondile, lobo buhlungu bungagubha imigodi kuyishiye kanjalo, nathi sishiyeke sizibuza imibuzo ngokwenzekayo, lokhu ngiyakwazi ngoba ngikubonile.
Yinye into oyidingayo ngaleso sikhathi ukuze izinto zizokwenza umqondo, yinhlansana nje yokukhanya. Izwe lingaba namakhambi ahlukene alokhu, kukhona nokuzisiza wena. Kepha ngiyakholelwa ukuthi ikhambi leqiniso linye ekudidekeni nasekukhathazekeni kwethu; uNkulukulu nezwi lakhe elisezibhalweni. Enye yezinto engizithakaselayo ngezwi likaNkulunkulu, ikakhulukazi kwincwadi yamahubo ukubona ukuthi okusehlelayo kwakubehlela nababhali, okwakwenzeka, kusenzeka nanamuhla. Ababhali bamahubo babeya kuNkulunkulu nemizwa yabo, kuthi akuthuse uma ngikhuluma iqiniso. Konke lokhu kungikhumbuza iqiniso lencwadi 2 kuThimothewu 3:15-17, alilungele kuphela… “ukufundisa, nokusola, nokuqondisa” kepha “nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle”. Amahubo asifundisa ukuthi size kuNkulunkulu nemithwalo yemizwa yethu.
Amahubo angasisiza uma sididekile, sisenhlungwini noma sikhathazekile:
Amahubo 10
Amahubo 22
Amahubo 44
Amahubo 73
Amahubo 130