uMalusi oMuhle (uJohane 10:11)
Abakhula bazi bezigabisa njengaba Farisi
Nababhujiswa ukuswela ulwazi becashe ngabaThelisi
Abadayisa imihlatshelo eyaphukile eTempelini engasizi
Nabafuna igolide nesiliva ngaphezu kwensindiso
Abaphukelwe imizimba, izinhliziyo, namalunga negazi
Nabakhokhela imizimba, eTempelini sekwaba nosizi
Wabafela bonke, konke
Ithemba lazo linye zonke
Udela ukuphila kwakhe ngazo
Zona zidela okwazo ngaye uma zikudela konke
Umalus' omuhle ezakhe izimvu uzithanda zonke
Umusa wakhe wanele bonke, konke.
Ubuhle bendoda akusizo izinkomo zayo, izimpande zayo
Ukujula kwazo ngasesiphambanweni emikhulekweni
Noma eseZulwini uyazizwa aziphendule ezakhe izimvu emadlelweni.