Umbhabhadiso kwithestamente elisha nokuthi kusho ukuthini kithi namuhla.
Umbhabhadiso uyabalulwa kwithestamente elidala izikhashana nokho futhi kumele uqondwe njengophawu lokuzalwa kabusha. U Vander Zee wachaza umbhabhadiso njengophawu nesigxivizo salokhu uNkulunkulu akwenzayo nakwenzile kuKristu, akusilo uphawu lokukholwa komuntu (kuhunyushwe ngolimi lwesiZulu) – Vander Zee, 2004, p. 123.
Kwiziqeshana ezingama-39 zaseNgilande kukhona esikhuluma ngamasakhramente, umbhabhadiso ungomunye wamasakhramente amabili ibandla eliwaphakamisayo. Umbhabhadiso kanye nesidlo senkosi (Isiqeshana 25, BOP). Umbhabhadiso uphawu lomusa kanye nentando kaNkulunkulu ngathi (Isiqeshana 25, BOP). Uveza ukuhlanganyela nempilo, ukubethelwa kanye nokuvuka kwenkosi yethu uJesu Khristu (KwabaseRoma 6:3-4, KwabaseKolose 2:11-12) Kuphinde kube uphawu esamukelwa ngalo ebudlelwaneni nebandla kanye nabanye abazalwane (KwabaseGalathiya3:27-28).
Nakhu okushiwo umfundi weziqu i-masters u-Alyssa Kleinhans uma echaza umbhabhadiso, “Umbhabhadiso ufaka abantu ababili, lowo obhabhadiswayo nalowo ombhabhadisayo, ngakho lokho kwenza kube yinto ethi ayibe eyomphakathi, ngenxa yokuthi akusiye umuntu oyedwa nje.
(Keinhans, 2002).
Umbhabhadiso unguphawu lwesivumelwano esisha kuKhristu (KwabaseKolose 2:6-15). Igama lesenzo sesiGrekhi esihunyushiwe esisho umbhabhadiso lihlezi likhomba umuntu wesibili, okungulowo obhabhadiswayo, lokhu kuveza ngokusobala ukuthi kukhona ombhabhadisayo futhi kujwayeke ukuthi kube sebandleni.
Inhloso yombhabhadiso
Umbhabhadiso uluphawu olubonakalayo olunikeza isiqiniseko sangaphandle, ngalomyalelo siveza ukuthi izono zethu zixolelwe, samukelwa njengabantwana bakaNkulunkulu, sibe sesiyagxivizwa nguMoya Ongcwele. Inhloso akusikho ukuveza umuntu njengongenasici phambi kukaNkulunkulu kepha uphawu olusho ukukholwa. Njengokuba no-Abrahama akashiwongo ukuba ungongcwele ngenxa yosiko lokusoka, kepha lolusiko lwaluveza isivumelwano ayenaso noNkulunkulu (KwabaseRoma 4:9-11).
Umbhabhadiso kwithestamente elisha uphawu lwesivumelwano esisha kuKhristu (KwabaseKolose 2:6-15). Incwadi yezenzo 16:14 isitshela ngothile, “Owesifazane othile, ogama lakhe linguLidiya, wasemzini waseThiyathira, othengisa ezibukhwebezane, okhonza uNkulunkulu, walalela. Inkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba alalelisise lokho okwakukhulunywa nguPawula. Kuthe esebhabhadisiwe nabendlu yakhe…”
Isiphetho
Umbhabhadiso yisipho esivela kuNkulunkulu ngenxa yokukholwa, uphawu olubonakalayo nobufakazi bokuthi izono zethu zixolelwe senziwa abantwana bakaNkulunkulu, kodwa awusenzi sibe ngabangenasici phambi kukaNkulunkulu, kanti futhi asisindiwa ngombhabhadiso, sishiwo ukuthi singabangcwele ngenxa yokulunga kukaJesu Khristu kuphela.
I-Bibliography (izinsiza zolwazi)
Kleinhans, A. (2022, April 12). https://alyssakleinhans.wordpress.com/. Retrieved from https://alyssakleinhans.wordpress.com/: https://alyssakleinhans.wordpress.com/2022/04/12/why-were-baptising-our-3-year-old/
The Book of Common Prayers. (1662). Cambridge: Cambridge University Press.
Vander Zee, L. (2004). Christ's, Baptism and the Lord's Supper: Recovering the Sacraments for Evangelical Worship. Downers Grove,IL: InterVarsity Press.