Umkhululi wethu nethemba lethu eliqinisekisiwe – Abahluleli 13
“Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40.”
Uma uke wayifunda incwadi yabahluleli phambilini uzokhumbula ukuthi uphindaphindwe kanjani lomusho okulelivesi. Isizwe sakwa-Israyeli sasisesimweni sokulokhu sehlela phansi maqondana nomumo waso noNkulunkulu. Konke lokhu kungenxa yesono saso. Njengomusho olokhu ubuyile kwincwadi yabahluleli: “Abakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade”. Kepha, uSimakade evamile ngomusa waqhubeka nokukhulula u-Israyeli kwizinhlupho zakhe nokucindezelwa okwakulethwa ngobundlobongela bakhe. Wabahlenga ngabahluleli abavusayo – Abaholi bempi nabezombuso ababaholela ekunqobeni nasekubuyeleni kuNkulunkulu ngokukholwa. Kepha-ke akusibo bonke abahluleli abaphumelela ukuholela isizwe ekunqobeni isikhathi eside nokubuyisana noNkulunkulu. Lokhu kwehla bekulokhu kuziphinda. Abakwa-Israyeli benza okubi phambi kukaNkulunkulu. UNkulunkulu wabe esevumela izizwe ezingomakhelwane ukuba zinqobe futhi zicindezele isizwe. U-Israyeli wabe esekhala kuNkulunkulu, uNkulunkulu wabathumelela abehluleli babakhulula ngokunqoba. Kwakuziphinda futhi lokwehlela uma umhluleli wakwa-Israyeli esefile.
Incwadi yabahluleli isahluko 13 siletha okuhlukile kulendlela yabo nalomjikelezo wabo. Siqala ngokuzalwa kukaSamsoni, kulandele ukucindezelwa kuka-Israyeli osekuthathe iminyaka engamashumi amane. Isono nokucindezelwa kuyabhebhetheka kepha abakhali benxusa kuNkulunkulu ukuba abahlangule noma abakhulule. Izinto ziqhubekela ebubini. Ukwengeza lapha, uNkulunkulu uthule, hlampe ubayekele ekwenzeni intando yabo: benze lokho abakubona kukuhle emehlweni abo. Kepha-ke, usemsebenzini, ekhulisa umkhululi ozelwe elinazaretha, owahlukaniselwe inkosi.
Ukuthula kusho lukhulu, lesi kwaba yisikhathi eside esibhaliwe sobugqila kulencwadi, ubunzulu nokujula kwesono nokuyekelelwa, kanjalo nothando lukaNkulunkulu olumile, nokubekezela kwenkosi (ngokuletha ukuhlengwa kwisimo esimnyama, kuza ngomntwana uSamsoni), ngisho nomusa kaNkulunkulu. UNkulunkulu akami alindele bona baze babone isidingo sokukhululwa kwabo ngaphambi kokuba alethe umkhululi. UNkulunkulu wayesazimisele ukusebenza ukusindisa u-Israyeli esonweni sakhe nakwingcindezelo, yize noma engakhalanga kuye. UNkulunkulu ungaphezu kwakho konke, umile futhi unomusa ngohlelo lensindiso yakhe futhi kusemandleni akhe ukukwenza konke. Ngenxa yalowo anguye.
Ekuletheni insindiso ku-Israyeli, inkosi iletha umkhululi ogama lakhe nguSamsoni. Indlela azalwa ngayo yehlukile futhi ingubufakazi bokusebenza noma ukwenza kukaNkulunkulu: wazalwa ngowesifazane owayeyinyumba, ingelosi yeza kubazali bakhe izobatshela ukuthi bazoba nomntwana. UNkulunkulu wakumisa ukuthi uSamsoni uzoba linazaretha – owahlukaniselwe inkosi. Kwakungamele aphule ngisho owodwa wemithetho yobunazaretha, abazali bakhe kwakumele bakuqikekele lokho. Kumele ahlale elungele umsebenzi wenkosi nokusetshenziswa yiyo. Uyilowo ovuswe yinkosi ukuba azokhulula u-Israyeli ukuba ngumahluleli ongumkhulului kwingcindizelo yamaFilisti. USamsoni waphumelela, kepha endleleni uyanindeka ebese kufika ukuphela ngaye. Wephula yonke imithetho yobunazaretha waze walahlekelwe ngisho ngamandla akhe njengokuba uDelilah ngokukhohlakala emenza aveze ukuthi amandla akhe asezinweleni, okwenza kube lula ukuba izitha zakhe zimubhozomele. Indaba yobuqhawe bomahluleli yimfishane ngoSamsoni. Njengoba kuke kwavela, lomahluleli wakhulula u-Israyeli isikhashana ngaphansi kwengcindezelo Kanye nesono, nalomjikelezo wesizwe owawulokhu uziphinda.
USamsoni ungukuvela kancane komsindisi nomkhululi owasinqobela ukufa, owasikhululela ensindisweni, wabuyisela ubudlelwane bethu nenkosi. Incwadi yamaHebheru 1:3 ethi “ithe seyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene somkhulu kweliphezulu, seyaba nkulu kunezingelosi njengoba igama eliyifa layo likhulu kunelazo”
Kuphrofethiwe kudala, ozelwe yintombi. Kwavela kuye ingelosi imlethele ezokuthi uzakukhulelwa, umntwana uyakubizwa ngo-Imanuweli – Inkosi inathi. Wahlukaniselwa nguNkulunkulu ukuba alethe insindiso kuluntu lonke, yize noma bamphika, bancamela ukuba sebumnyameni besono sabo (NgokukaMathewu 1:18 – 25); (NgokukaJohane 1:9 – 11). Umoya kaNkulunkulu uhlala kuye (NgokukaMarku 1:10). Lona nguJesu Kristu, owabonakala iminyaka ezosikhulula ebugqileni benyama yethu, ezweni Kanye nasesonweni. Ngaye sinenkululeko, sinethemba lesiqiniseko ngokuba umsebenzi wakhe waqedwa esiphambanweni futhi wanele ukusindisa izwe lonke. Ngokuvuka nokubuya kwakhe sinethemba eliqinisekile.
Bheka, uJesu Kristu, umsindisi wethu. Umkhululi onamandla onke okungaye;
“Siseyizitha zikaNkulunkulu. UKristu wathunyelwa thina, sisangabandlobongelayo, sizonda uNkulunkulu, simufulathele uNkulunkulu, uKristu wathunyelelwa thina. Wena nami: “kepha uNkulunkulu ubonisa ukusithanda kwakhe ngalokhu, ukuthi siseyizoni, uKhristu wasifela” (KwabaseRoma 5:8).
Makadunyiswe osinqobele ukufa, wasikhulula ebugqilini, wasihlenga ukuba sibe ngabantwana bakhe, abakhethiweyo futhi abangcwele.
Masinike udumo umsindisi wethu, umahluleli nomkhululi ophakanyisiwe, wahlala ngakwesokunene sikababa.
Amen!