Umoya wakho wokucabangelana mawaziwe kubo bonke
Umhlaba esizithola kuwo ngo-2024, uhlukaniswe kakhulu kunakuqala. Singabantu sesisebenza ngokwedlulele njalo, wonke umuntu unombono futhi ufuna ukuwuveza. Indlela abantu ababona ngayo umhlaba izungezwe inhlalo yemiphakathi futhi sithola amasiko ethu evuselelwa imibono engenabuhlakani nengamujabulisi uNkulunkulu.
Ngenxa yalokho, kunzima ukubonisana nokuqonda abanye abantu. Sonke sinaye lowo mngane uwenza noma isipho isigame esenzeka ezinkundleni zokuxhumana sibe ihaba. Lo ohlezi abelana ngemibhalo emayelana nepolitiki yobuhlanga, nokuthi singayiguqula kanjani iNingizimu Afrika. Uma singavota, baningi abaPhrofeti bezinsuku zokugcina ababuka impilo nomhlaba senga ungagoqwa noma inini, nemobono iyaqina ibe izimfundiso. Nezinhliziyo ziyaqina zibenobutha wazise befuna ukukholisana ngezinkolelo ezintsha abazitholile mayelana nepolitiki, ezenkolo nangokwenhlalo emphakathini.
Ngeshwa, nathi njengamakholwa singalingeka, sinikeze izimpendulo ezingahlungiwe kanye nezindlela ezisheshayo zokuphila emhlabeni kaNkulunkulu. Kodwa izimpendulo ezikanje azilinganiswa nokufanelekile. Inselele esibhekile ukucabanga ukuthi, iyiphi impendulo efanelekile kulempilo nobunzima bayo. Ngakho ke, umbuzo uba ukuthi, kubukeka kanjani lokho okufanelekile? Incwadi yaKwabaseFilipi besi-4 inesifundiso esicacile ngokweBhayibheli.
“Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.” (KwabaseFilipi 4:5). Igama elithi “okenengqondo” linencazelo yokufanelekile. Kuwumqondo ozinzile, isimo sengqondo esigwema ukwenza izinto ngokweqile. Umuntu oveza umbono wakhe ngokufanelekile esimweni. Ngamanye amazwi, amaKristu kufanele babe abacabangelanayo. Indlela yethu yokucabanga ayisekelwe ipolitiki, kanye neSayensi, isekelwe ukholo neqiniso. Kanjalo, amaKristu ilabo abaphendula ngokuzithoba kukho konke ngenxa yezithembiso zikaNkulunkulu, ubuhlakani neqiniso.
Ngokuvamile, siphendula ezintweni zezwe nemibono yalo ngathi isihlalo sikaKristu sisebungozini. Kwipolitiki ngabe silandela umbono oyi-right-wing, left-wing okanye umbono kaJesu? Ngeshwa, amaKristu namuhla asephenduke ochwepheshe bokucwasa ngokwebala kanye nokuzazi kunezimiso zeBhayibheli. Emhlabeni ogcwele abashisekeli, thina njengamaKristu kumele sibe ilabo abanengqondo nabanomoya omnene/othobekile.
I. Ukucabangelana Kuletha ubunye ebandleni
EBhayibhelini, ukucabangelana kuba impendulo yokungezwani. Isikhuthazo sikaPawuli kwabaseFilipi 4 siza ngemva kokubiza abesifazane ababili abaphikisanayo ukuba baphile ngokuzwana ( Fil. 4:2-3 ). Qaphela kulesiqephu, uPhawuli abanikezi uhlangothi lwakhe. Ukungavumelani ngokwakho akusiyo inkinga. Okuyinkinga enkulu ukungabi munye.
Ukuzwana kwebandla nobufakazi buba sengozini uma singekho nhliziyonye. Incwadi kaJakobe 3:17 ubuchaza kanje ubuhlakani kwaphezulu ”Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.” Akukho lutho olufanele abantu bakaNkulunkulu ukwedlula ukuba nobunye ngakho-ke masenze konke okusemandleni ethu ukuba sicabangelane.
II. Ukucabangelana Kuletha abantu bacabange iVangeli
Njengoba sihambisa iVangeli elisindisa izoni, kufanele sikhumbule ukuthi asizami ukuguqulela abantu kunoma yikuphi ukukhetha kwezepolitiki, kwezokwelapha, noma kwezenhlalo, kodwa sibamukele ngomusa sibashumayeze ivangeli. Incwadi yoku- 1 Petru 3:15 ithi “' kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini”
Ngaphezu kwakho konke amazwi omKristu kufanele abe nokuthula, athandeke, abe nomusa, anambitheke, futhi athandeke. ( Izaga 16:21, 23; 22:11). Noma abanye beyizonda into oyishoyo kodwa abanye bangayihlonipha indlela oyisho ngayo. Ukuhambisa ivangeli akusona kuphela isenzo sokulalela uNkulunkulu kodwa uma sikhuluma ngoKristu ngendlela ecabangelanayo kungumkhonza uKristu ezweni eligcwele ingxabano nenzondo.
III. Ukucabangela kusivumela ukuba sibambe Izinkolelo ezijulile futhi sinakekele abantu
singavama ukuntula umusa sibe sibambe izinkolelo ezifanele zebhayibheli. Kukhona esikuzondayo uma sibhekene nomqondo wokunakekela izidingo kumlaleli wakho.
“Kepha ukuba mnene nokuzithiba akukona ukuwela ezweni, kungukuhlakanipha kweBhayibheli ukuthi nazi ukuthi niphendula kanjani umuntu ngamunye” (kwabaseKolose 4:5-6). Akasho ukuthi beka iqiniso eceleni noma ulidambise, kodwa likwazi ukuhlangana nomlaleli noma ngabe uqhamukaphi. Ngaleyondlela singakhombisa iqiniso ngendlela enothando. INkosi yethu uJesu uyisibonelo salokhu.
Wabamba izinhliziyo zabakholwayo (Johane 3:1-21), abacebile ( Luka 19:1-10 ), abahluphekile ( Mathewu 11:1-5 ), ezamukelwa umphakathi ( Mathewu 19:16-26 ), nalabo abalahlwa emphakathini ( Luka 5:32; 7:34; 15:1-2 ). Bonke abakholwe eGameni Lakhe badonswe ubuqiniso beqiniso Lakhe kanye nobuhle bokuthobeka Kwakhe. UJesu wamemezela umlayezo osimsulwa ovela ezulwini futhi ekugcineni wanikela ngokuphila Kwakhe njengesihlengo esiphambanweni sabaningi.
Njengoba leli zwe liyahlanya, sinamathuba okubonisa ukuqiniseka nokucabangela. Emnothweni kaNkulunkulu, ukucabangela akukhona nje ukubamba isikhundla esifanele endabeni ethile kodwa nokugcina isimo sobuNkulunkulu ngendaba. Kulomhlaba sizokhungatheka impela, njengoba isiko lizozama ukusidida, imibuzo ithi sizophendula kanjani? Kwangathi kungaba impendulo yeqiniso ngenhliziyo ecabangelayo.