Wena uthi ungubani?
Usuke wacabanga ngokuthi kungabe ukotapeya uyisithelo noma imifino. Langa limbe mina nodadewethu sake saba nenkulumo mpikiswano evuthayo ngaleso sihloko. Sasingakakwazi ukuthi singabheka kusolwazi u-google ngalesiya sikhathi owayengasixazululela inking yethu.
Ngasohlangothini lami kwakungesiyo ingxaki ngaleyo ndlela. Kahle-hle ngangingenandaba noma ngabe yisithelo noma ngabe yimifino. Yayingekho nento eyayingivimba ukuthi ngiwudle njengokugula, ngakho-ke ngangizidlela ukotapeya ngiziqhubekele nempilo. Kwakungenzi mehluko nje.
Manje ngiyazibuza ukuthi kuyenzeka yini umqondo onjalo siwubhekise kuJesu.
Angiqondile ukuthi simubuke njengesithelo noma imifino, kepha ukuthi simubuka njengomdali noma njengengxenye yendalo. Uma nginamabhokisi amabili, elinye libhalwe “umdali” elinye labhalwa “indalo” ungamufaka kuphi uJesu?
Kepha kungani lokho kunendaba? – Omunye angabuza
Kungenxa yalokhu:
UJesu endleleni eya eKhesariya wabuza abafundi bakhe “abantu bathi ngingubani”?
Bamunika izimpendulo ezahlukene: “Ungomunye wabaphrofethi (U-Eliya, uJohane umbhabhadisi)”
Namuhla, abantu bangaphendula: “Ungunkulunkulu wabantu abamhlophe, ungumfundisi wamaJuda ngesimilo, ungowenza kwenzeke noma ungukwazi”.
Emva kokuba bemunikezile impendulo, wabe esephendukela kubo wababuza, “nina nithi ngingubani?” Ukuba waphenduka wabuza wena, ungathi ungubani?
Buka ukuthi impendulo ophendula ngayo lombuzo ivela ekutheni uyiphila kanjani impilo yakho, njengekholwa, noma ongesilo ikholwa. Indlela ocabanga ngayo ngoJesu izobonakala kwindlela ohlela ngayo unyaka wakho nokuthi uzifezekisa kanjani izinhlelo zakho.
Yilokho esikubonayo kwincwadi KwabaseKholose
Ngenkathi umphostoli uPawula ebhala lencwadi ebhalela ibandla laseKholose, kukhona ababefundisa okuphambene nomyalezo wensindiso ngokukholwa kuphela kuJesu Kristu (lokhu okwakushunyayelwa ngumphostoli), bethi, ukuze umuntu ezomazi kahle uNkulunkulu athole nensindiso kuzomele:
Akhonze imigomo yakamoya ethize (esekelwe emasikweni abantu) Isahluko 2:8.
Agcine imithetho ethize yesabatha, ukudla, Kanye nokunye. Isahluko 2:8.
Akhonze abanye ababusi bakamoya namagunya athize. Isahluko 2:18.
Ekuphenduleni kwakhe uPawula ukhomba izinto ezimbili ezisemqoka ngoJesu ukudalula ukuba lula nokungabilutho komyalezo wabafundisi bamanga.
Ubukhulu bukaKristu ngaphezu kwemvelo nobukhulu bakhe ngaphezu kwebandla. Kusukela lapho ube eseveza ukuthi lokho kusho ukuthini kumuntu othemba kuJesu, nokungenakugwemeka kuloyo ongakholwa kuJesu.
Sizogxila kokokuqala, ubukhulu bukaKristu ngaphezu kwendalo.
“Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, iyizibulo lakho konke okudaliweyo. Ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona. Yona ingaphambi kwakho konke, zonke izinto zibambene zimi ezindaweni zazo ngayo”. (KwabaseKholose 1:15-17).
Kungabe uqaphele yini imvelo yalobudlelwane umphostoli uPawula aqala ngabo: “Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo” kukunika umqonjwana. UJesu ungumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo. Wena, nami, nawo wonke umuntu esimaziyo sakhiwe ngomfanekiso kankulunkulu. Kepha akunjalo ngoJesu, unguNkulunkulu ovele kithi samubona, UNGUMFANEKISO KANKULUNKULU – uyengeza, iyizibulo lakho konke okudaliweyo. Nakhu lapha sivezelwa ubungunaphakade bukaJesu. Okumenza ahluke kukho konke okudaliwe. Izibulo lakho konke okudaliweyo.
Abanye bangabuza, “kungabe izibulo lisho ukuthi waba ngowokuqala ukuzalwa noma owadalwa kuqala nguNkulunkulu?
Ukuqonda ukuthi kusho ukuthini ukuthi “izibulo” kusho ukuthi, kumele siqonde ukuthi akusho ukuthini; ngiqinisile ngithi akusho ukuthi uJesu wadalwa ngaphambi kokuba konke okunye kudalwe. Njengokuba abanye bethi wadalwa kuqala noma uyingelosi eyenziwa nguNkulunkulu. Buka ukuthi lithini ivesi elilandelayo:
“Ngokuba konke (okusezulwini nokusemhlabeni) kwadalwa ngayo. Impela, akakwazi ukuba ngodalile konke uma naye adalwa, akunjalo? Kungabe-ke kusho ukuthini ukuthi uyizibulo? Ake sibuke kwezinye izingxenye zemibhalo. Lawa kwakungamazwi kaNkulunkulu, ekhuluma ngoDavide;
“Ngiyifumene inceku yami, uDavide… vs 27 ngiyomenza abe yizibulo nophakeme kumakhosi omhlaba.” (Amahubo 89:20-27)
Kulelivesi siyabona ukuthi kuchazwa ubukhulu noma ubukhosi/ukubusa. UDavide wayeyinkosi enkulu kakhulu eyabekwa nguNkulunkulu. Siyakwazi lokho ngenxa yethestamente elidala. Futhi siyazi ukuthi kukhona akwenza okunengayo nokushayisa ngamahloni phambi kukaNkulunkulu. Waphinga futhi wabulala indoda engenacala.
Kepha, uJesu uyizibulo, inkosi ephakanyiswe ingunaphakade eyayingenasici kuze kuba namuhla. Ngale kwalokho wayengeke aze abizwe ngomfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, umdali wakho konke.
Vs 16 futhi:
“16 Ngokuba konke kudalwe ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona”.
Angazi ngawe, kodwa mina ngithatheka ngezinto ezincane. Ake sithathe ikhamera nje. Kuyamangalisa ukuthatha kwayo izithombe. Ukuthatha umzuzu uwuphanyeke. Ukuqonda ukuthi lokho kwenzeka kanjani kungadingeka sifunde kabanzi hlampe izinyanga ezithi azibe yi-12 ngezindlela zekhamera. Manje ngicabanga ngezinye izinto, njengokuthi ingqondo yomuntu isebenza kanjani. Kwenziwa kanjani ukuhlinzwa kwenhliziyo. Isikhathi sokubunjwa/ukwakheka komntwana Kanye nokuzalwa kwakhe, umculo, amandla asemagameni, izilimi ezahlukene Kanye nokunye. Yingakho sinabantu abagxile emkhakheni ethize ngoba akekho ongafunda ngakho konke.
Kepha uJesu, akusikho kuphela ukuthi unolwazi lwakho konke. Yena uqobo lwakhe wadala izinto zonke. Okwenziwe ngabantu konke kungokuphathekayo noma okubonakalayo. Ngalokho ngiqonde ukuthi, sidinga okuthile ukuze sakhe okunye. Hhayi lokhu esikwaziyo kuphela kepha nalokhu esingakuboni ngamehlo ethu. Okubonwayo nokungabonwayo, okusemhlabeni nokusezulwini.
Kungabe zona lezi zinto wayezidalela bani vele?
… Konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona.
“Yona”
Injongo yazo zonke izinto itholakala kuJesu Kristu. Konke lokhu okungokwakhe. Ngokuba ngubani ongazi kancono ngaphandle komdali uqobo lwakhe? Impilo yethu Kanye nayo yonke impahla siyikweleta uJesu, ongumnikazi wezinto zonke.
Uma ususa uJesu esithombeni, uqhube impilo ngendlela yakho, kahle-hle ususa uvesi 17 kulesiqeshana.
“Yona ingaphambi kwakho konke, zonke izinto zibambene, zimi ezindaweni zazo ngayo”.
Silibhala kabusha kanjena lelivesi ngendlela esiphila ngayo impilo yethu ngaphandle kukaJesu.
Sithi; “Mina ngi/umlingani wami u/ intombi yami i/ isiqu sami sasenyuvesi si/ imali yami i/ ukuzigqaja kwami ku/ ubuhle bami bungaphezu kwazo zonke izinto. Futhi (noma kuphi okufaka lapha) konke kumi ngakho.
Lohu akugcini ngokwahluleka ukungena kwindlela esidalwe ngayo, kepha kuphinde kulimaze izimpilo zethu Kanye nemiphumela yaphakade.
UJesu kuphela/mkhulu ngaphezu kwakho konke. Kuye kuphela izinto zibambene zimi ezindaweni zazo.
Engabe uyakubona yini lokhu umphostoli uPawula akwenza lapha.
Ukusebenzisa umfanekiso:
Uma ukukhanya Kanye nazo zonke izinto ezisebenza ngogesi zicima, yikuphi ongakwenza? Ungaqala phansi uvule upiyano nesigingci noma ikhompyutha yakho ukuthola ukuthi ikuphi inking kuzo zonke?
Noma
Ungaqala ubheke ukusebenza kukagesi kuleso sikhathi, ubheke ukuthi amaswishi anyukile?
Lokho yikho okwenziwa nguPawula lapha ezingqondweni zabafundi bencwadi yakhe, kunokuba abuke udaba ngalunye maqondana nokwakufundiswa ngabafundisi bamanga, Uqala ngokunyusa iswishi enkulu, okungukuthi kulendawo ngukuqondisisa uykuthi ungubani uJesu Kristu. Ngalokho yonke into ibe seyenza umqondo.
Ngokuba konke kumi ngaye. Yonke into ithola injongo yayo kuye. Ngokuba uJesu ungumdali nomgcini wezinto zonke.
Nayi imibuzo embalwa esingazibuza yona maqondana nalokhu;
Kungabe unayo iswishi enkulu?
Wena uthi ungubani uJesu?
Lokho kubonakala kanjani empilweni oyiphilayo? Kozikhethela ukukwenza, uma kukhona?
Kungabe impilo uyibuka ngokubuka kukaJesu Kristu?
Kungenzeka ukuthi ungumzalwane, kepha ugcine nini ukuzihlola?
Kungabe uKristu usemkhulu ezinhlelweni zakho? Kokukhulumayo?
Yilokhu uPawula ayefuna ayebebhalele bakuqonde ngaphambi kokuba baze babuke kude kokufundiswa ngabafundisi bamanga. Ubukhulu bukaKristu ngaphezu kokudaliweyo, ngisho nempilo yethu.