Yethabani kuSimakade - Amahubo 33
Yini ekugqugquzela ukuba udumise uNkulunkulu? Kungabe yindlela ozizwa ngayo? Namhlanje ngizizwa kahle, ngakho-ke ngizothatha isiginci ngizidlalele umculo wokholo, ngilalele ingoma yokholo, noma ngisho kakhulu ngephimbo lami ngihlabelele iculo lokholo. Kodwa kwenzekani uma ungazizwa kahle futhi umoya uphansi? Kungabe ukuthola kunzima ukumdumisa? Yini ekugqugquzelayo ukuba udumise uNkulunkulu? Kungenzeka ukuthi yingoba kumele ukwenze? Ngingumzalwane ngakho-ke kuyinto okumele ngiyenze? Kodwa-ke umbhali wehubo 33 unyakaziswa yizinto ezahlukene ukuthi adumise uNKulunkulu.
Udumisa uNkulunkulu ngokuba uNkulunkulu webhayibheli uyakhazimula, wehlukile, muhle kakhulu, unamandla futhi uyingxenye enkulu yempilo yethu. Uyasimema ukuba senze njalo.
Ivesi 1, “Yethabani kuSimakade nina balungileyo, ukudumisa kubafanele abaqotho”. Umusho “Yethabani kuSimakade” akumele uhunyushwe njengokucula ngoshuni, noma ngendlela ehlakazekile yezwi elinhlanhlathayo noma izenzo, kepha ngendlela eveza ukwethaba nentokozo kuNkulunkulu. Ubuye futhi athi, “nibethe kahle”. Ivesi 2-3 “Bongani uJehova nangehabhu; mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi. Mhubeleni ihubo Elisha, nibethe kahle ngenhlokomo” Dumisa uNkulunkulu ngokubethwayo uma ukwazi.
Lokhu ngukuphendula okulungile kubazalwane, labo asebezwile ubuhle nomusa kaNkulunkulu. Kepha umbhali wehubo uphinde ameme abantu kwizizwe zonke ukuba besabe, bathuthumele phambi kwakhe (Ivesi 8).
Kungani?
Nanoma kuphi akushoyo kulungile futhi kuyakholeka (Ivesi 4), Inkosi iyathokoza ezintweni ezilungileyo (Ivesi 5), ungonamandla onke (Ivesi 6-9), Izinhlelo zakhe ziqinile (Ivesi 10-11), uthatha isikhathi aqaphe abantu bakhe (Ivesi 12-19).
Uyabubona ubuhle bukaNkulunkulu wethu? Ubabazeka kangakanani, muhle kangakanani emhlabeni wonke? Ngakho mudumise! Hhayi ngoba kuyinto ekumele uyenze (umsebenzi) noma uzwa kuvuma (imizwa), kepha ngokuba uyamazi ungubani okuthi wenzeni futhi usenzani kuwe. Dumisa uNkulunkulu ngenxa kaNkulunkulu!
Emva kokufunda lemicabago, kungani ungafundi incwadi yamahubo 33 bese uphendula lombuzo ngokuthembeka, yini engigqugquzela noma engikhuthazayo ukuba ngidumise uNkulunkulu?
Sengathi lamazwi angaba yisibusiso enhlizweni yakho!