Umyalezo awuveli kithi
Njengomsebenzi we-bible talks, ngisenhlanhleni noma emseni wokukhuluma nabantu abaningi abahlukene, ikakhulukazi abafundi basenyuvesi. Ngolwezine ekhampasini sibuza abafundi imibuzo ezobenza bazibuze ngabakukholwayo, lokho sikwenzela ukukwazi ukukhuluma nabo sibe nengxoxo, lokho kusiholela ekutheni size sigcine sithola ithuba lokuveza ivangeli likaKristu, sesibonile ukuthi abafundi banezinto abazikholwayo; okuyizinto abazizwile nabazicabangayo ngamaKhristu nenkolo yobukhristu ngenxa yezindawo abahlala kuzo nabakufundisiwe. Kukhona abakwaziyo ngenkolo yobukristu, ikakhulukazi okuhambisana nesimilo nendlela yokuziphatha.
Lokhu kubenza bakholelwe ukuthi inkolo yobuKristu ingesimilo noma ukuziphatha kahle, kepha lokho akusilo iqiniso eliphelele, kodwa imiphumela yokukholwa iyavele endleleni yokuziphatha. Uma ivangeli likaJesu limtholile umuntu, impilo iyashintsha, kubonakale izithelo zikaMoya, abantu baphile impilo eqondile. Kepha lowo akusiwo umyalezo walenkolo. Sishumayela uKristu ebethelwe. Nguyena oguqula izimpilo.
Kwincwadi yabaseThesalonika 4:1-12, ikakhulukazi ivesi 3-8, uPawula uncenga abazalwane ukuba bazigcine bengcwele ngokocansi. Uyachaza ukuthi abazalwane kumele bazithibe kwizinkanuko, futhi lokho kuyintando kaNkulunkulu (Ivesi 3), kwivesi 8, uvala ngokuthi, “…owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena onika uMoya wakhe Ongcwele”
Abafundi abaningi ekhampasini bakholwa ukuthi ukuba umkhristu ukuba “umuntu olungile, owenza kahle”, bayazi ukuthi bona abanjalo. Bacabanga ukuthi kumele baqale “balunge” ukuze bezoba amakristu, noma bayeke imikhuba ethize abayenzayo ukuze bezoba “abazalwane”. Kepha bagejile ngoba igxathu lokuqala ukuthi uzibone ukuthi awulungile futhi angeke ukwazi ukuzuza ukulunga ngokwakho. Kunalokho, kumele ubheke kuJesu yena olungisa ababi. Kuyothi uma umoya wakhe usuhlala kuwe, ube ngolungile, nalapho, hhayi ongenasici kepha olungisiwe.
Injongo yaleliphepha akusikho ukuthi ungasindiswa kanjani, kepha ukugcizelela umthombo womyalezo esiwuphathisiwe. Ukuthi abantu mabaphile ngokulunga kuvela kuNkulunkulu. Njengokuba abizela isizwe sakwa-Israyeli ukuba sehluke, labo ababiza igama lakhe babizelwe ukuba baveze izithelo zikaMoya, izithelo zokulunga, baphinde bahambe ekulungeni uma bethi bangabakholwayo. Lolubizo alikufaki futhi angeke kwenzeke ukulunga uma ungakholwa nguKristu. Akukwazi ukuthi uphile impilo yokulunga ungenaye uKristu kuwe ukuze ezoguqula izimfuno, izifiso kanye nezenzo zakho.
Kuliqiniso ukuthi abazalwane kumele baphile impilo engasoleki, siyakubona lokho uma umphostoli uPawula ubhalela uThithu nebandla elise-Krete, labo ababizwa ngegama lenkosi kulindeleke ukuba bahluke ngendlela abaphila ngayo. Kubalulekile ukuba sazi ukuthi lena akusiyo imithetho yokumele kwenziwe nekumele kungenziwa, kepha lemiyalo iphuma kumdali wezulu nomhlaba. Yena lo odale abantu uyabatshela ukuthi mabaphile kanjani. Leyo yimiyalo yenkosi, akusiyo eyomphakathi, akusiyo eyabazali, akusiyo eye “bible talks” noma abazalwane, kepha ivela enkosini.
Uma sishumayela noma sidlulisa izwi lenkosi maqondana nezono ezithize, akuthina ababeki-mthetho; uNkulunkulu loyo. Uma kukhona ongawuzwa kahle umyalezo, kumele abhekane noNkulunkulu. Ngoba uma usucabangisisa nje, ubani ongaxabana nesithunywa ekhona umnikazi wendaba? Ukuqonda ukuthi siphethe umyalezo kaNkulunkulu kusinika isibindi sokukhuluma, sazi ukuthi ayikho into esiyitshela abantu ngokwethu, kepha uNkulunkulu okhulumayo, futhi unalo lonke ilungelo ngokuba “ungokaJehova umhlaba, nokugcwala konke kwawo”, konke okukuwo kungokwakhe, siyanxusa abantu ukuba babuyisane noNkulunkulu, ukuba beze kumlamuleli phakathi komuntu noNkulunkulu; umuntu uKristu Jesu.