Mayibongwe iNkosi Ngesibusiso Esiphindiwe Sokufunda.
[To read this post in English go here]
Ngibe nesikhathi esihle kakhulu ngempela sonto.
Umgqibelo wawunezinto eziningi. Uqale ngomcimbi obufunwa kuvukwe ligamenxe ihora lesihlanu ekuseni, walandelwa eeminye imicimbi emithathu, yagcina isimihlanu ngogcine ngehora lesikhombisa kusihlwa. Yonke yayimihle – eminye imihle kakhulu! Ngiye kuyo ngizizwa ukuthi ayisikho lokhu kuphumula ebengicabanga ukuthi ngiyakudinga.
Kuthe Phakathi nosuku, emcimbini wesine, nendodakazi yami (unkosikazi nendodana yami besasemcimbini wesithathu), ngazitholela amaminishana angama-40 ngahlala emotweni.
Bengidinga ukukhokha umoya, ngithi ukuqhela ebantwini nasekukhulumeni, ngangifuna ukufunda into ezongivuselela.
Ngibe sengiqhubeka ngafunda incwadi ebhalwe umkristu ngenkoLo yamasulumane, ukuthi bambona kanjani uJesu. Ibhalwe kahle lencwadi futhi yangisiza ukuthi ngicabange ngoJesu engimaziyo, engimthandayo nengimethembayo. Ikakhulukazi njengoba ngangimubuka njengokuba bembuka. Lokhu kuphinda kuyangisiza njengoba ngibuye ngixoxe ngezenkolo nawo amasulumane angabangani bami.
Lesi sikhathi sokufunda sasisifushane kodwa kwaba yisikhathi esihle. Wabe usuyaphela umcimbi wesine sabuyela emcimbini wesithathu, sabe sesivala usuku emcimbini wesihlanu owawungukubungaza okuhle. Ngomusa kaNkulunkulu, lokhu okwakubukeka sengathi ukumbondelana kwezinto okunzima, akubanga nzima njengokucabanga kwami.
Ingxoxo yesikhashana
Kwase kuba yisonto.
Emva kwenkonzo yokuqala, ngibe sengiba nengxoxo nosisi ababili engabafica bekhuluma base bengibizela engxoxweni yabo. Babekhuluma ngenkolo yamasulumane neyobukhristu – isuka kwizinto asebeke bahlangabezana nazo. Sabuka nesigcino sesiphelo abheke kuso amasulumane uma ebuka uJesu.
Ungaqagela yini? Ungabuyekeza ukuthi isahluko noma ingxenye engangiyifunda ngayizolo, ngoMgqibelo ibikhuluma ngani?
Usho khona, kungabe amasulumane ambuka kanjani uJesu?
Ngomusa kaNkulunkulu ngakwazi nami ukuphosa phosa engxoxweni, ikakhulukazi ngisazama ukuveza ukuthi lenkolo yamasulumane ihamba ibangana ekukhulumeni ngoJesu, kodwa vele iyashoda uma ubheka ukujula kokuvezwe yibhayibheli ngoJesu.
Angicabangi ukuthi bengingayingenela ngesibindi lengxoxo ukuba ngangingafundanga kahle ngoMgqibelo.
Isibusiso esiphindiwe sokufunda.
Yonke lento eyenzeka yangikhumbuza ukuthi ukufunda kuyisipho – esingazuzisi umphefumulo wami kuphela, kepha kukaphakela nakwabanye bazuze.
Singekuphike ukuthi kungaba khona isizathu esingukuzicabangela wedwa uma ufunda, hlampe kube ukuthi awufuni ukuhlangana nabantu noma uzithole kumele uxoxe nabantu okungukuzibeka obala. Njengomuntu ongasiso isikhulumi kakhulu ngivame ukuzizwa kanjalo – ngakho-ke kuyenzeka ukufunda kucindezele ithuba lokuba nabantu. Noma kungaba yinto yokucasha, kuyenzeka futhi kube nempakamo – njengokufundela ukugcwala ulwazi ebese uyaphakama ube umuntu owaziyo ukuthi uyazi. Singabala okunye okuningi kulokhu.
Njengoba kumele siziqaphelisise lezi zinto ezimbi, mina lapha ngigxile ekubukeni ubhle bokufunda. Lokhu okuphethe isibusiso esiphindiwe; okuzuzisa ofundayo nabanye abaseceleni.
· Ukuzuza kofundayo.
Ukufunda kuvamise ukuphakamisa amehlo ami, kondle inhliziyo yami, kugcwalise ithanko lami lemizwa kuphinde kungihlomise. Izinhlobo zemithombo engiphuza kuyo ngokufunda zisukela ebhayibhelini, ukufundisa abanye ngenkosi, izimpilo zabantu, umlando, ipolitiki, ukubuka ezinye izinkolo – lokhu kuvame ukuba yindlela uNkulunkulu angenzela ngayo umusa lapho ngisuke ngithuli ebukhoneni bakhe., kuvusa imicabango kulethe nenjabulo yokufunda. Hahle hle, ngingazaca mengase ngingafundi, ngenxa yezinto engizi zuza ngokufunda.
· Ukuzuza kwabanye.
Lokhu kungaba ngothando lukaNkulunkulu ekupheleleni kwalo (noma ukugcwalisa umthombo wemizwa) ukases ngizothanda abanye. Noma ngokwembulwa kwezwi likaNkulunkulu noma izwi likaNkulunkulu ukuze ngizokhula ekufundiseni nasekushumayeleni. Noma ngokufunda izwi noma amabili emva kwenkonzo ngesonto.