Ukungashadi

IBhayibheli lisinika isithombe sokuthi sonke sidalelwe ukuba ebudlelwaneni bothando. Uthando nomshado kumenywa uNkulunkulu njengoba sibona u-Genesis 2:18 uthi “UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”

Kuyinto enhle ukufuna ukushada kodwa futhi nokungashadi kuhle nakho njengoba uPawula esitshela kwabaseKhorinte 7:8 ” Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami.” Ukungashadi kuyisipho kwivesi lama-40 njengoba ethi umshado, hayi ukungashadi, Kuletha isinkinga eziningi kwibesi lama-28. Kodwa sijwayele ukubuka ukungashadi njengesipho esingadingeki.

1 KwabaseKhor 7:17-24 usinika isimiso: kumele saneliseke ngesikhundla iNkosi ekubize ukusona. Uma ubizwe ungashadile, yaneliswa ilokho. Isikhundla iNkosi efuna ube kuso kulesosikhathi.

Akusho ukuthi uzohlala kulesikhundla ingunaphakade, kungenzeka udlule kuso, uhlangane nomuntu, nishade. Kodwa okwamanje, kulesikhundla okuso, khonsa iNkosi ngokuthembeka waneliseke ngalapho ukhona. aAkukho lutho olungalungile ngokuba ongashadile, kunalokho, iNkosi ithi kuyisipho (1 KwabaseKhor 7:7).

Izinto ezingesilo iqiniso ngokungashadi

1. UNkulunkulu ukujezisela izono zakho

“Uma ungashadile uNkulunkulu ukujezisela izono zakho”

Le ndlela yokucabanga ngokuvamile iholela ehlazweni, ekuzidabukeleni, ngisho nasekuthukutheleleni uNkulunkulu. Kodwa ayikho kulezi zimpendulo eziwusizo noma eziyiqiniso. Ukungashadi akusona isono, futhi umshado awusona umvuzo. Kokubili kuyizipho ezivela kuNkulunkulu, futhi akukhona ukubonakaliswa kokubaluleka kwakho noma ukuma kwakho naye.

Uma usuwamukele uKrestu, ungaba nethemba lokuthi iNkosi ayikujeziseli izono zakho- uJesu wasithatha sonke isijeziso samacala akho esiphambannweni. Ngakho ke, ukungashadi akuyiso isijeziso, kuyisipho esinomongo esivela kuNkulunkulu okuthandayo.

2. Uma ungashadile awuphelele

Umuntu uvame ukuzizwa engenakuzisiza futhi acabange ukuthi uphuthelwa iminyaka engcono kakhulu yokuphila kwakhe ngenxa yokuthi akashadile. Ngisho noma ngomqondo othile ngeke uhlangabezane nezici ezithile zempilo ezinjengokuba umzali lokhu akusho ukuthi uphuthelwa iminyaka engcono kakhulu yokuphila kwakho noma ukuthi awunayo injongo Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo. Efesu 2:10. Umqondo wokuthi awuphelele lapho ungashadile awuwona oweBhayibheli njengoba singakutholi ukuphelela kwethu emshadweni noma ubudlelwano njengoba ubuthina bukuKristu.

3. Uyngonqatshiwe futhi awufanele muntu ongakuphatha kahle.

Umuntu uvame ukuzizwa ezidabukela, ukuzeyisa, nokungazethembi futhi unomuzwa wokuthi uNkulunkulu wenza iphutha lapho ekwenza. Uvame ukuvumela abantu ukuthi bakuhlukumeze futhi bakusebenzise. Udinga ukukhumbula umuntu ukuthi ungubani kuKristu futhi akuphathelene nesimo sakho somshado. Uyathandwa futhi wenziwa ngendlela emangalisayo futhi akufanele sithole ukubaluleka kwethu ebudlelwaneni.

Ake sibheke ezinye zezizathu ezinhle zokuthi kungani umuntu engase akhethe ukungajoli isikhashana ngisho noma amathuba engase amveze futhi nazi.

Izizathu ezinhle ezikhuthaza Ukungajoli

- Lapho uthatha ikhefu ukuze uphulukise inhliziyo yakho futhi usebenze kweminye yemithwalo yakho.

Lesi yisikhathi esihle sokuthatha ikhefu futhi ugxile ekwelapheni njengoba uthwele ubuhlungu ebuhlotsheni bangaphambilini futhi udinga isikhathi sokuzindla nokufuna iNkosi ukuze ikusize enqubweni yakho yokwelapha. Lesi kungaba yisikhathi esihle sokufuna ukwelulekwa ngokwengqondo, ukunakekelwa kwabelusi kanye nomuntu ozohamba nawe njengoba ululama. Ubudlelwano ngokuvamile abuyona into enhle ukuqala noma ithuba livela yazisa umuntu onentshisekelo ngalokhu futhi uma ezimisele ngokuba nawe, uzokulinda uze ulungele. Khumbula ukuthi bangase bakhethe ukungakulindeli futhi ngokunokwenzeka bathole osesimweni esincono.

- Awunantshisekelo ngalowo muntu

Ngiye ngaphawula ikakhulukazi phakathi kwamaKrestu kukhona le ngcindezi yokuthi kumele uvume ukuthandana noma ukushada nomuntu ngoba nobabili ningamaKrestu futhi nikhonza enkonzweni eyodwa. Akunjalo ngaso sonke isikhathi njengoba uNkulunkulu esenze sahluka futhi ngezinye izikhathi awunantshisekelo ngomuntu.

Kwabesifazane awudingi ukuba nentshisekelo kumuntu ngoba ekucela, kulungile ukwenqaba isiphakamiso sakhe ngoba nje awunantshisekelo ngaye noma engumuntu olungile. Kumadoda ungayizwa ingcindezi yokucela intokazi ngenxa yengcindezi evela kubangani, umndeni, noma isonto noma leyo ntokazi ikuthanda. Ungambuzi uma ungamboni kanjalo. Mhlawumbe ngezikhathi zentshisekelo yazo zombili izinhlangothi zingashintsha futhi ningase nithandane nalokhu kulungile.

- Awupholi ngoba uzwa ukuthi uNkulunkulu ukubizele ukuthi ungashadi okwesikhashana noma kuze kube phakade ngenxa yezizathu zakho noma umsebenzi.

Akufanele ufune ukungashadi ngezizathu zobugovu njengokuthi awufuni muntu endaweni yakho noma ukuthi awufuni ukwabelana ngemali noma izinto ezibonakalayo, futhi awufuni ukuziphendulela komunye umuntu. Lokhu akumele neze kube isizathu sokungashadi njengoba kuwubugovu kakhulu. Ungase ufune ukungashadi njengoba mhlawumbe unomuzwa wokuthi ubizelwe emsebenzini wobufundisi, futhi unomuzwa wokuthi uma ushada noma usebudlelwaneni kuzokuma endleleni yalokhu. Lokhu kungase kube okwesikhashana noma mhlawumbe unomphela. Lokhu akusho ukuthi awukwazi ukuqomisana noma ukushada futhi uye enkonzweni kaNkulunkulu kodwa ngezinye izikhathi kuwukuhlakanipha ukungakwenzi njengoba kwenza izinto zibe nzima njengoba wena nomuntu ongase ushade naye ningase ningaboni ngaso linye futhi ngenxa yomsebenzi, ukuzinikela esikoleni nomndeni bangase bangakwazi ukukuhlanganisa nawe emsebenzini wakho noNkulunkulu.

Sebenzisa ukungashadi kwakho ukuze ukhonze uNkulunkulu ngokwethembeka hhayi ngenxa yezizathu zobugovu njengoba sibona isibonelo sikaJesu nomphostoli uPawulu ababengashadile nendlela ababesebenzisa ngayo ukungashadi kwabo ukuze bakhonze uNkulunkulu nebandla.

Ukungashadi kuyindawo enhle ukuba akusona isiqalekiso futhi ukusebenzise ngezinga eliphezulu ukukhonza uKristu njengoba nawe 1 Kwabase Khor. 7:32 usitshela ukuthi ukhathazeka ngezinto zikaNkulunkulu kuphela hhayi ngezindaba zomndeni. Sebenzisa lesi sikhathi ukukhonza uNkulunkulu nebandla ngokwethembeka.

Previous
Previous

Jesus the Life Giver

Next
Next

Grace for Growth and Obedience