Abalenzayo izwi – EkaJakobe 1:22-25

Kungekudala, ngibe nethuba eliyingqayizivele lokuhlanganyela kwenye yezinkomfa ezimnandi kakhulu. Kwakuyizinsuku ezine ezigcwele inhlanganyelo yabazalwane emnandi Kanye nezwi likaNkulunkulu. Ngigqugquzeleke kakhulu, ngakhuzwa, ngavuseleleka ngezintshumayelo kwinkomfa. Sezidlulile izinsuku ngibuyile kanti “ngisavuselelekile emoyeni”. Ngifisa sengathi ngingavele ngikhule nje ngokuphazima kweso, ngiqale ngiphile wonke umzuzu wempilo yami ngiphilela udumo nenkazimulo kaNkulunkulu. Kungukufisa okuhle okunjalo, siyazi ukuthi akuhambi kanjalo. Umuntu akakhuli nje ngokulizwa kuphela izwi, kepha ukulenza Kanye nokuliphila okuqhubekayo. Njengoba ngibhala lokhu, azikakapheli ngisho izinsuku ezimbili ngibuyile kwinkomfa, kanti sengingabhala amakhasi amabili ezinto esezingihlulile Kanye nengingazenzanga kahle phambi kukaNkulunkulu selokhu ngibuyile.

UNkulunkulu usebenzise lokhu kuhluleka ukungikhumbuza sakungithobisa ukuthi ukulalela izintshumayelo akwanele ukuthi kungashintsha indlela engenza ngayo. Kumele ngithobele izwi ngincike kuMoya Ongcwele ngisakwenza lokho.

Kuliqiniso ukuthi uNKulunkulu uyasebenza ngokushunyayelwa kwezwi kwakhe. Kepha, ukulizwa nje kuphela izwi akwanele. Kumele sibe ngabalenzayo izwi. “Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engesiyo olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; uyazibuka, athi angahamba, akhohlwe masinyane ukuthi ubenjani. Kepha lowo obukisisa emthethweni opheleleyo, umthetho weNkululeko nohlala kuwo, engasiye nje olizwayo bese ekhohlwa, kodwa engowenzayo umsebenzi, lowo uyakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe” (EkaJakobe 1:22-25)

Ukuba ngolenzayo izwi akwenzeki nje ngobusuku obubodwa, kumele sizimisele ekuvukuzeni izinto ezithize ezizoletha ushintsho empilweni yethu. Ukukhula emoyeni kubiza ukuqikekela okuyisimanga. Angeke sibe yilaba abakhuleka ngesineke bekhulekela ukukhula, kepha sihlale phansi sizitike ngokukumabonakude. Ukuqikekela okwenzelwa ukukhula emoyeni kusho ukuthi sigxilisa amehlo ingqondo, Kanye nenhliziyo ezintweni ezizoletha izithelo zobungcwele empilweni yethu. Injongo ngukuthanda uNkulunkulu futhi siphilele yena. Ukuze sizothanda uNkulunkulu, kumele simazi, lokho kusho ukuzinikezela ngokupheleleyo ukufunda izwi lakhe. Inkomfa eza Kanye ayanele ukuthi simthobele ngokupheleleyo. Ukuze lokhu esikufundayo kuzoletha ushintsho empilweni yethu, kumele sizindle kulezo zinto futhi sikhuleke. Singakhulekeli ukushintsha intando kaNkulunkulu, kepha sifune ukuyala kwakhe ukuze sizokhula ebungcweleni, silunyulwe ekuthandeni ubumnandi. Ukufisa kwethu ukuba ngcwele kumele kube kukhulu kunokufuna kwethu ukududuzwa. Uma sizimisele ngokukhula kuKristu; sizakuziyisa kuye ngokusebenza kukaMoya wakhe.

UMoya Ongcwele uyena oletha futhi asikhulise. Usisiza ukuba siqonde amaqiniso esiwathola kwizibhalo. Kungenxa yakhe kuphela ukuthi siyakwazi ukukhumula umuntu omdala kithi sihambe komusha. Ukuba ngolenzayo izwi kusho ukuthi asibi lukhuni uma uMoya esilungisa, kunalokho, siyamuvumela ukuba asongamele futhi alawule imicabango yethu, ukwenza Kanye nokukhuluma. Uyasisiza ukuba sinqobe ukufisa ububi futhi simelane nokulingwa. Ukulizwa nje kuphela izwi ngale kokuzinikela ngokupheleleyo kulo akunamsebenzi. Ushintsho lwangempela lwenzeka ngenkathi sithemba futhi sethobela izwi. Hhayi lokho kuphela kepha ngenkathi sithemba uNkulunkulu ozimisele ngokusiguqula.

Ngenye yezintshumayelo kwinkomfa, isikhulumi sithe; “Ibhayibheli alisivezeli isono sethu ukuze lisilahle, kepha ukuze lisihlenge”. Ngenkathi silalela noma sifunda izwi likaNkulunkulu lisikhuza, lisiphonsela nenselelo ukuba sishintshe imikhuba yethu ethize. Kwangathi kungangatholakala lutho ezingxenyeni zempilo yethu esingeke sikwazi ukuyinikela kuNkulunkulu. Kunalokho, kwangathi singatholakala senza lokho okuyimiyalo yakhe, sibe ngabalenzayo izwi.

Previous
Previous

Psalm 16: The Path to Life

Next
Next

Nithandane– NgokukaJohane 13:34