Nithandane– NgokukaJohane 13:34

Ivesi 34 “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani-ke thandanani

Iphuzu licacile: Abazalwane kumele bathande abazalwane. Loluthando akusiyo imizwa ekitazayo. Lolu akusilo uthando olunyakazisa imizwa. Ngikhule ngilalela leliculo lesingisi elihunyushwe kanjena;

Ngiyalizwa eminweni yami, 

ngiyalizwa kwizinzwane zami, 

uthando lungizungezile, 

kanjalo imizwa iyakhula."

Leliculo lichaza uthando njengemizwa ezwiwa yiminwe nezinzwane. UJesu akanayo lenhlobo yothando engqondweni (uthando oluzwakala ngokwemizwa). Pho kungaba yiluphi loluthando uJesu analo emqondweni? Uthando lokuzinikela, okungukuthi; uthando lokuzidela kepha olunikeza kwabanye ukuze bezozuza. Loluthando lwabonakala ngokucacile luvezwa nguJesu mhla efela izoni ezinjangami nawe eKhalvari. Manje uyalela ukuba loluthando lifafazwe lifike kithi sonke. Akusiwo umbono kepha umyalelo ovela enkosini yethu. Wena nami kumele sikwenze lokhu.

Manje lokhu singakwenza kanjani kancono phakathi kwethu? Yithi ngikunike imiqondo emine yokuzindla.

1. Yenza isikhathi sokukhuleka nokuzihlola.

Singabantu abamatasa, awuvumelani nami? Abanye bethu basebenza amahora ayi-18 ngosuku. Abanye bethu banemisebenzi yasendlini yansuku zonke, imisebenzi ekumele iqedwe, imisebenzi ekumele iqedwe ngesikhathi esithize, ibhizinisi ekumele lisetshenzwe, okumele kuhlanganwe nabo ngokomsebenzi, eminye imisebenzi eseceleni ekumele yenziwe Kanye nokwasebandleni. Lento ebizwa ngempilo imatasa impela.

Kepha mfowethu nawe dadewethu, asingakuyeki ukudela isikhathi esithize, sime umzuzwana, sithi ukubuyela emuva kulokuba matasa, senze isikhathi sokukhuluma noNkulunkulu simucele abusise  abafowethu nodadewethu, ukuthi abaduduze, abanakekele, abakhulise, agcine ukukholwa kwabo kuze kubuye umsindisi wethu owavuka. Sihambise nomyalezo, sishaye ucingo, sihlanganyele impilo ukubona ukuthi abanye baqhuba kanjani.

Asithande ngokwakha isikhathi sokukhuleka nokubhekana

2. Nibekezelelane.

Sonke sihlukile; ngendlela esibukeka ngayo, iminyaka, ukuma ngisho nangendlela esiyiyo. Abanye bethu banamahloni kanti abanye banokuzethemba. Abanye bethu bakhulumela phezulu ngenkathi abanye bekhulumela phansi. Abanye bethu bafuna izinto zenziwe manje kanti abanye bathatha kude. Ngingaqhubeka ngibale, kepha uyalibona iphuzu, sonke sihlukile.

Kolunye uhlangothi lokhu kulungile kepha kolunye kungadala uqhekeko, ikakhulukazi uma sicabanga ukuthi indlela yethu yiyona ndlela. Ukuhlukana kwebandla, imishado ephelela kwisehlukaniso, umzalwane angakhulumisani nomunye umzalwane, abazali okunodonga olukhulayo phakathi kwabo nabantwana ngenxa yalokhu.

Kepha, uthando aluzifuneli okwalo kepha liyabekezela. Lubekezelela abanye.

3. Yiba mnene kwabaphukileyo.

Sonke siyahlupheka ngokuba siphila ezweni elidunguzelayo, izwe lesono. Uma ungahlupheki, ungakhathazeki; kuyeza. Eminyakeni yami yokubuka abazalwane beduduza abazalwane abasezinhlungwini, nami ngizifaka phakathi, ngike ngezwa futhi ngakhuluma izinto okungamele zikhulunywe. Isibonelo, “Kodwa lokhu kuhlupheka kwakho kuncane kunokwabanye”. “kuyilokhu okuyikho”. Wena nje kholwa”.

Yize noma lokho kungashiwo ngendlela embi futhi kungokuku qunga isibindi, akusiqungi/kududuze.  Ngokuba akucacile (akusikho okwamabomu) ukuthi ukuhlupheka kubizwe nguye lo ohluphekayo ngoba akuhlezi kukanjalo. Ngakho yiba mnene futhi uyeke lezi zinto zenkolo, ungavuli ikilasi lokufundisa, batshele indaba yakho bese uyabuza ukuthi ungabaxhasa kanjani abafowenu nodadewenu khona manje, kepha ngaphezu kwakho konke banikeze ukuyala kukaNkulunkiulu.

4. Bhekana nesono, uxolele.

Sonke siyizoni, ngakho-ke kuyenzeka sigudlane kabana ngesikwenzayo noma ngesikushoyo.

Kepha ungabi usuba muncu, ucikeke futhi uphatheke kabi ngenxa yendlela ophatheke ngayo, kunalokho “kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa. Uma ekulalela, uyobe umzuzile” (NgokukaMathewu 18:15), futhi umxolele, ngokuba uthando lusibekela izono eziningi (1 EkaPetru 4:8) Futhi alunagqubu (1 KwabaseKorinte 13:5-6).

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, egameni lenkosi yethu uJesu Kristu, nginishiya nalokhu: THANDANANI NGOKUBA UNKULUNKULU WETHU ULUTHANDO FUTHI SIMELE YENA.

Previous
Previous

Abalenzayo izwi – EkaJakobe 1:22-25

Next
Next

Ukwenza noma ukufeza - Kufeziwe (NgokukaJohane 19:30)