Abangane abathembekile, abalimaza ngokunakekela
“Yebo, Yebo!” kusho “umngane”
Engavezi ngaphandle ukukhohlisa kwami
Engakhombi amaphutha ami
Kepha umngane othembekile ulimaza ngokunakekela
Engiphosela inselelo
Ngobumnene ekhuza isono esiqhiyeme
Ngale kokwahlulela
Kepha ngomoya weqiniso
Kungelula nakanye, kujulile kakhulu
Ukuthi kuthuleke
Kucashwe ngemuva kokuba “umngane”
NKosi, Ngizungeze ngabangane abathembekile
Abangani abalimaza ngokunakekela.
Luyadingeka usizo ukugwinya impakamo
Ukulalela amazwi akhuzayo
Amazwi angilungele, yize noma kungabukeka kunzima.
Futhi Nkosi, ngenze ngibe ngumngane othembekile
Ongahluleli ngokugodla
Onesibindi sokusho okuyikho
Ngothando, ngokumlungele, nangenxa yakho.