Kungabe uNkulunkulu uyabajezisa abakholwayo?

Ngake ngaba nengxoxo nomngane wami owayedlula esikhathini esinzima, ngiyakhumbula ekhala kakhulu ngenkathi ebhekene nezimo ezinobuhlungu emva kwezinqumo ayezithathile. Wathi kimi, “Ngicathi uNkulunkulu uyangijezisa.” Ngifisa ukumduduza, ngazizwa ngikwa ngqingetshe. Kungaba uNkulunkulu umujezisela isono sakhe? Akuzwakalanga kukuhle ukusho njalo ngenkathi emi ephukile emoyeni. Kepha akasiye yini umntwana kaNkulunkulu, ngakho-ke izono zakhe zonke zabalelwa kwisijeziso sikaJesu? UNkulunkulu angamujezisa kanjani? Ngiyathokoza ngalemibuzo eyavuka engqondweni yami ngoba yaletha iqiniso elingukukhanya engangingalinakile njengomntwana kaNkulunkulu. Futhi-ke njengawo wonke amaqiniso kaNkulunkulu, ngenkathi siqhubeka sifunda, yingenkathi sithola ingcebo enikeza impilo, ikhula, isipha amandla futhi isiduduza.

Yebo, Uma ulandela uJesu, izono zakho sekubhekenwe nazo futhi angeke usalahlwa ngenxa yazo. Kubaluleke kakhulu ukubona ukuthi  kunomehluko phakathi  kokusola kukaNkulunkulu nokulahlwa. Wonke umuntu ophendukela kuJesu, abeke ithemba lakhe kuye, izono zakhe ziyokuthethelelwa, enziwe umntwana kaNkulunkulu, ngenkathi labo abamalayo behlala belahliwe.

Okholwayo yiyo akehlulelwa, kodwa ongakholwa, usevele wehlulelwe, ngokuba engakholwanga endodaneni kaNkulunkulu ezelwe yodwa.” (NgokukaJohane 3:18)

Kepha-ke, uma ungumntwana kaNkulunkulu, kungenxa yaleliqiniso elingejikwe elimnandi ukuthi uzothola ukusolwa nguNkulunkulu.

“Ndodana yami, ungakudeleli ukuyala kwenkosi, ungadangali nxa yona ikusola; ngokuba inkosi iyamyala emthandayo, ishaye leyo naleyo ndodana eyamukelayo.” (KumaHebheru 12:5-6).

Ukuyala kwenkosi kungenzeka ngezindlela eziningi, kepha incwadi kumaHebheru 12 iyasazisa ukuthi kumele sibekezelele ubunzima obungukuyalwa. Lokhu kuchaza ukuthi akuhlezi kuyimiphumela yezono zethu eholela ekuyalweni noma ekusolweni yinkosi. Kunalokho, igama elithi “ukusola” lisho ukuthi siyalungiselelwa silungiswa; senziwa sibe ngumfanekiso wakhe uma sidlula ebunzimeni. Akusibo bonke ubunzima obungumphumela wesono, kepha bonke ubunzima bungathathwa ngokubekezela njengokuyala. Kepha, siyabona ukuthi ukusola kwenkosi kungeza njengendlela yokusilungisa uma siphambuka.

Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa aphuze indebe yeNkosi engafanele, unecala kuwo umzimba negazi leNkosi. Kepha umuntu makazihlole yena, bese edla lesi sinkwa, aphuze le ndebe. Ngokuba odla aphuze, uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi. Ngenxa yalokho, abaningi phakathi kwenu babuthakathaka, bayagula; nabaningi sebafa. Kepha uma sizehlulela thina, ngeke sehlulelwe. Kepha ngokwahlulelwa yinkosi, siyayalwa ukuze singalahlwa Kanye nezwe.” (1 KwabaseKorinte 11:27-32)

Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSmakade uyakuba ngukukhanya kwami. Ngiyakubhekana nolaka lukaSmakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.” (UMikha 7:8-9)

Kukhona nezinye izibonelo zalokhu ebhayibhelini (Amahubo 32, Amahubo 38, 2 USamuweli 12:13-18).

Uma ngibuka emuva, ngibuvuma ubuhlungu ayekubo, hlampe iqiniso lokuyala kukaNkulunkulu lalingasebenza ukugqugquzela nokunikeza umngane wami isiqiniseko. Inkosi iyasisola ngokuba iyasithanda futhi ifuna sihlanganyele nayo ebungcweleni bayo. Kungakho sivuselelwa ukuba singalahli ithemba ngokuba kumele kusigcwalise ithemba nesiqiniseko. Siyathandwa futhi samukelwe njengengxenye yomndeni. INkosi izoqhubeka nokusebenza kithi uma nje sisaphila.

Previous
Previous

Take Refuge Under His wing - Luke 13:34

Next
Next

Abangane abathembekile, abalimaza ngokunakekela