Ibhayibheli libabuka kanjani abesifazane? (isiqephu sokuqala)
Ungawuphendula kanjani lombuzo?
Hlampe awukaze ucabange ngawo. Noma, hlampe njengami ube nemizuzwana yokungakhululeki ufunda ebhayibhelini ingxenyana ekhuluma ngabesifazane, ikakhulukazi kwindima yabesifazane nabesilisa. Hlampe kuyimanje awuhlaliseki ucabanga ukuthi ibhayibheli likhuluma noma libabeka kabi abasefazane. Noma ngabe uzizwa kanjani, ngiyathokoza ukuthi uzizwa kanjalo ngoba uNkulunkulu webhayibheli akathuli maqondana nalokho. Ngiyavuma ukuthi lesi yisihloko esinzima, kepha-ke, yisihloko esibaluleke kakhulu kumasiko anamhlanje lapho kushiwo khona okuningi okungashiwo yizwe, okungase kwenze sigcine sengamelwe ngamazwi akhulumela phezulu, amazwi amasiko ethu nakomabonakude nakho konke okokukhangisa nezinkundla zokuxhumana. Ezwini likaNkulunkulu kucace bha, lapho kutholakala khona iqiniso. (Yisiqephu sokuqala lesi kulesihloko, sibuka ekuqaleni kwesikhathi; lindela isiqephu sesibili emasontweni alandelayo lapho sizobe sigxile khona kuJesu nakwithestamente Elisha).
Uma sifunda ibhayibheli, sizothola ukuthi kahle-hle ziningi izimpendulo ngemibuzo ebalulekile, zitholakala lapho sifunda khona ngokudalwa, esikuthola encwadini kaGenesise. Ubani owadala konke? Kufanele senzeni lapha emhlabeni? Singobani? Yikuphi okungalungile ezweni? Sinikeziwe okubalulekile, okusisizayo ukuqonda uluntu, impela kuyasikhanyisela maqondana nalesi sihloko. Kepha ngaphezu kwalokho, sithola ukuthi uNkulunkulu nguyena osemva kwakho konke, uNkulunkulu osenze samazi, okubaluleke kakhulu.
Sitshelwa ngoNkulunkulu, umdali, sibe sesitshelwa nangokuthi umhlaba wadalwa kanjani. Uma ubukisisa, ufunda isahluko sokuqala sencwadi kaGenesise, kwisahluko sokuqala, kukhona ozokubona izikhathi impela; emva kokuba kudalwe into, kuthiwa “uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle”. Kwathi ekugcineni kwakho konke, emva kokuba esenze abantu, “uNkulunkulu wathi kuhle kakhulu”. Indlela okubhalwe ngayo isahluko sokuqala nesesibili kugenesise 2 iyamangaza; isahluko 1 sibukeka njengesahluko 2 esifingqiwe, isahluko 2 sinokugxila sinwebe ekudalweni komuntu.
Ngifuna ukugxila eqinisweni elibalulekile. Siyalibona kwisahluko 1:26-28.
27. UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze yena, wabadala owesilisa nowesifazane.
28. Wababusisa wathi: “zalanani nande, nigcwalise umhlaba; niwubuse. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane ezinwabuzela emhlabeni.
Sitshelwa ngazo zonke izilwane uNkulunkulu azenza, abantu wabenza ngomfanekiso wakhe, bafana naye, ukuze baveze yena, bamele yena ezweni alidalile. Isibonelo, isithombe owasithatha sifana nawe. Kungenzeka ukuba yisibonelo esingaqinile kangako lesi ngokuba kuNkulunkulu akunjalo ngqo, kuthe ukuba banzi ngokujula kulokhu okumelwe noma okuvezwayo. Buka umsebenzi abawunikezwayo; ukuba babuse phezu kwayo yonke into uNkulunkulu ayenzile. Bobabili, owesilisa nowesifazane benziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, beseduze komunye. Lesi yisiqalo, sesiyabona ukuthi owesilisa nowesifazane benziwe ngokulinganayo, bobabili babalulekile futhi banesidima.
Lokhu kukodwa kumele kuthulise yonke eminye imibono.
Yize noma owesilisa nowesifazane benziwe ngokulinganayo, benziwe ngendlela ehlukile omunye komunye. Lithi “wabadala owesilisa nowesifazane”, inkosi yabona ukuthi kuhle kakhulu! UNkulunkulu wayekuhlosile ukuthi owesilisa nowesifazane bahluke, kwakuyingxenye yokudala kwakhe okuhle. Kwisahluko 2, siyabona okumele bakwenze nendima yabo ichazwa kabanzi, indoda ibekwa engadini ukuba iyinakekele, futhi siyatshelwa ukuthi owesifazane wadalwa ukuba abe ngumsizi olungele u-Adamu, abe ngumsizi wakhe. Manje-ke lapha, yilapho khona abantu beqala ukwesaba! Kungabe owesifazane wayedalelwe ukuba yikhambi lesizungu sika-Adamu, ecatshangwe ngamuva? Futhi yini elungile noma enhle ngokuba ngumsizi? Imibuzo ezwakalayo! Kepha ake ngikuyise emuvana, kwivesi 26 no 27 kwisahluko 1; uNkulunkulu wadala owesilisa nowesifazane ngomfanekiso wakhe, ukuze babuse phezu kwendalo ngokubambisana ebudlelwaneni. Lokhu kusho ukuthi uma sebehlangene, kwakheka isithombe esisodwa esenziwa ngukwahlukana kwabo.
Owesifazane akacatshangwanga ngemuva, wayeyingxenye yohlelo kusukela kwasekuqaleni, ukuba abe ngumfanekiso kaNkulunkulu, abuse Kanye nowesilisa ngaphezu kwemvelo. Igama “Umsizi” alehliseli phansi ukubukeka noma ukubaluleka kowesifazane. Akusho ukutho owesilisa uyinkosi, owesifazane uyisisebenzi. Kusho ukuthi owesilisa wayengeke akwazi ukwenza lokhu okwakumele akwenze ngaphandle kowesifazane. Udlala indima ebalulekile kwicebo likaNkulunkulu lokudala, udlala indima engenakususwa ngalutho. Uletha into owesilisa angenayo bese ehlanganyela naye.
UMoya Ongcwele ungumuntu wesithathu ebuthathwini bukaNkulunkulu, uNkulunkulu ubaba, uNkulunkulu indodana noNkulunkulu uMoya Ongcwele – unguNkulunkulu, munye ebuthathwini. UMoya Ongcwele unguNkulunkulu ngokupheleleyo, umnini mandla onke. Kepha uJesu uthi “ungumsizi” wethu; “Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami. Ngiyakucela kubaba ukuba aniphe omunye umduduzi ukuze ahlale kini kuze kube phakade,” NgokukaJohane 14:15-16). Lena yindima kaMoya Ongcwele; kungabe iyamehlisa ezingeni likaNkulunkulu ubaba noNkulunkulu indodana ngoba enendima ehlukile kuneyabo? Cha. Indima yakhe ibaluleke kakhulu ekusindisweni kwethu.
Ngendlela efanayo, abesifazane, babalulekile futhi banesidima njengomfanekiso kaNkulunkulu nangendima abayinikwe nguNkulunkulu.
U-Phylicia Masonheimer wabhala kahle, ngizovala ngokucaphuna amazwi akhe:
“KuNkulunkulu, abesifazane bayalingana. Bayinjula yendalo, okokugcina, okuhle kakhulu. Kumele babe ngumsizi kowesilisa ngokobudlelwane obuvele ekuqaleni. Siyingxenye yomsebenzi njengoba nowesilisa eyiyo; sihlanganyela emsebenzini enezithelo, sidala kabusha, senzise okukaNkulunkulu kulomhlaba! Sinamandla, lolosizo lwezempi oluzela ukuzosiza ukugcwalisa umyalo omkhulu.”