Ungowekhethelo

Kukhona udonga olukhulu endlini yethu yokuphumula. Ngiluyekile nje kanjalo ngokuba ngenza kancane (kancane kakhulu) ngenxa yomsebenzi engiwenzayo. Njengomthwebuli wezithombe, ngingathanda ukubona omunye wemisebenzi yami kuloluya donga.

Ukungeza ekugcwaliseni udonga olungenalutho nasekuhambisaneni nomoya noma nendawo, nginethemba elimbaxambili. Okokuqala, isihloko sizozikhulumela. Ukuthi sizoshiya umuzwa omusha waso kanye nalowo obukayo. Okwesibili, nokungabalulekile kakhulu, isithombe sizokhuluma ngekhono lomthwebuli, ngendlela yokukhangisa ngomsebenzi wami.

Bonke abazalwane, noma amakristu (ehlangene) – Labo ngabantu ababone abakulethayo evangelini, noma kwivangeli, okubi. Abantu abacelile bamukela ukuxolelwa nguNkulunkulu, abantu abaphendukile kukho konke okuphambene nalokhu asebekufuna, ukuba ngabalandeli abalalelala ngokwenza, belandela inkosi ebusayo, uJesu waseNazaretha – Bayigugu emehlweni kaNkulunkulu.

Amakristu angumsebenzi kaNkulunkulu wobungcweti. Ngamanye amazwi, ngenkathi uyibukisisa eyobukristu noma ubheka ekubeni ngumkristu, kulapho ukhula khona ngokujulile, ubona ukumangaza kwabahlengiwe nokuthi mukhulu kangakanani umhlengi.

Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubuphristi basebukhosini, isizwe esingcwele, abantu abangabakaNkulunkulu, ukuze nishumayele ngobuhle balowo owanibiza, ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo”. 1 KaPhetro 2:9

UNkulunkulu ukukhethile ngokwenjongo yakhe mzalwane. Ukwahlukanisile kukho konke okudaliwe wakwenzela umsebenzi ongowekhethelo – Ukuba yithuluzi likaNkulunkulu nomsebenzi kumbono wakhe noma akuhlosile. Ukunikeze isimo sasezulwini esahlukile sobungcwele, mahhala. Konke lokhu uNkulunkulu akwenza kithi naqhubeka ukukwenza ngathi, ukwenzela thina – ekwenzela intokozo yethu enkazimulweni yakhe.

Kepha lokho akusikho engikuzwayo (mina mzalwane), ngisho nebandla imbala. Akubukeki kunjalo. Lelo qiniso lingaphikiseka ngenxa yokubuka indlela yokungcweliswa. Kepha akususi lokho uNkulunkulu akushoyo nakubonayo kithi. Uyabona lapho singcweliswa, Kanye nomsebenzi ophelele wendodana yakhe esandleni sakhe sokunene. Ngakho-ke, kumele sisebenze ngaphezu kwemizwa yethu ukubona nokuthakasela lokhu uNkulunkulu akubonayo akuthakasele – umsebenzi wakhe ophelele kithi esikuKristu.

Mzalwane, ungowekhethelo. Bengingeke ngiyazi incazelo ephelele yaleligama elisetshenziswa ngunkosikazi wami ukuba bengingachithi isikhathi naye, ngimuvumela angikhombise ukuthi uqonde ukuthini uma ethi ngingowekhethelo kuye. Ukukusho kwakhe Kanye nendlela angikhonza ngayo impela kungenza ngizizwe ngingowekhethelo. Ezikhathini lapho ngingazizwa ngingowekhethelo, ngiyazi kuyiqiniso ngokuba usengikhombisile kaninginingi.

Angeke ubone ukuthi ubaluleke kanjani (ngendlela elungile) kuNkulunkulu uma ungamuboleki indlebe (umlalele) Kanye nesikhathi sakho ukuze ezokukhombisa. Qiniseka ukuzenzela isikhathi sekhethelo ukuzwa kuNkulunkulu nokwamukela kuye. Ukwengeza nje, awuthi ngikugqugquzele mzalwane ukuba uye ezwini lenkosi ngenxa yalokho uNkulunkulu akwenzela kona ngaphambi kokuba ucabange ukuthi kumele uphendule kanjani. Vumela uNkulunkulu kuqala akukhonze, ngaphambi kokuba ucabange ukuthi wena ungamkhonza kanjani (NgokukaMathewu 20:28). Ungowekhethelo kuye. Uyakuthokozela ukukukhonza.

Previous
Previous

Ibhayibheli libabuka kanjani abesifazane? (isiqephu sokuqala)

Next
Next

How Does the Bible View Women? (Part 1)