Ibhayibheli libabuka kanjani abesifazane – ingxenye yesibili

Kwingxenye edlule kulesihloko, sibuke incwadi kaGenesise, ukuqala kwesikhathi, sathola ukuthi abesifazane badalwa bebalulekile, benesidima njengomfanekiso kaNkulunkulu; badalwa ngenjongo nobuhle, nendima ebalulekile ekumele bayidlale ekudalweni nasembusweni kaNkulunkulu njengokuba sizobona mafushane.

Kepha konakala kuphi? Sizithola kanjani esimweni sokuphila esiphukile/esibi, lapho khona ubudlelwane phakathi kowesilisa nowesifazane bujijiwe, okuholela kuzo zonke izinkinga esibhekana nazo namuhla? Sikubona kahle okwenzeka kubazali bethu bokuqala, bekhetha ukwephula umthetho kaNkulunkulu ensimini, bahluleka ngukumethemba, ukwethemba amazwi akhe, incazelo yakhe Kanye nemingcele yakhe. Lokho kusaqhubeka nanamuhla. Yiso leso sizathu kukhona impikiswano, kuphendukezelwa iqiniso libe ngamanga.

Lokhu akusali kungenayo imiphumela; ubudlelwane phakathi koluntu noNkulunkulu bumoshekile. Sibona ukuqala ukulwela ukufuna ukubusa noma ukuba ngaphezulu njengomunye wemiphumela kuvesi-16, kwisahluko sesithathu encwadini kagenesise. Kepha-ke, ikhona eminye imiphumela eminingi; ukucindezelwa kwabesifazane, ukudideka ngobulili, ukulahleka kokuchazwa kobudoda Kanye nobufazane (ukubala okumbalwa), zonke lezinto zibuyela emuva ekuweni komuntu kwincwadi kagenesise isahluko 3. Isono saletha ukungahleleki nokuxakeka, Kanye nezwe elingase lingabathandisisi noma libaphathe kahle abesifazane, nokucwaswa ngokobulili. Kepha uyabona, lokhu kwakungekho ezweni eladalwa nguNkulunkulu ekuqaleni. Zonke lezi zinto zize njengomphumela wokushiya uNkulunkulu, kahle-hle ukushiya ubuhle uqobo, kushiyeke abantu belahlekile, bengazazi bona nenjongo ababedalelwe yona ekuqaleni.

Ukuhlengwa Kanye nabesifazane

Yithi ngikusondeze encwadini kagenesise 3:15; sibona into enhle, ithemba phakathi kokwahlulelwa:

Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.

Sekukhona uhlelo lokuhlenga kulolubishi, lifaka owesifazane! Lapha kuyaqalwa ukuvezwa uhlelo lukaNkulunkulu lensindiso, khona lapho izinto zibheda, imininingwane iyavezwa, sibona owesifazane, nendima yakhe ehlukile yokuzala umntwana izoba yingxenye yohlelo lokusindisa uluntu. Imbewu ekukhulunywa ngayo lapha nguKhristu, uzakuchoboza ikhanda lenyoka (ukwahlulwa nomubi), “ishaye isithende”, kusho ukufa kwakhe okuzoholela ekunqobeni (qaphela umehluko phakathi kokuchoboza nokushaya). Futhi siyazi ukuthi uJesu (imbewu) wazalwa ngowesifazane, ukuze ezosizuzela ukusindiswa kwethu. UNkulunkulu wakhetha owesifazane ukudlala indima ebaluleke kakhulu ensindisweni. Cabange nje lokho! LoNkulunkulu angamelana kanjani nabesifazane?

Uma ukusindiswa ekugcineni kuza ngokuvuka kukaJesu, siyabona ukuthi abesifazane babaliwe njengabanesipho sempilo ngokulinganayo. UJesu wezela abesilisa nabesifazane. Abesilisa nabesifazane bangamadodana (izindlalifa) ndawonye kuKhristu. Abesilisa nabesifazane babizelwe ukuholela abanye kuJesu esenza umbuso wakhe emhlabeni. UMoya upha izipho zakhe kwabesilisa nabesifazane, abasebenzise ngokungamandla. kwithestamente elidala, umlando webandla Kanye nanamuhla. Ngenxa kaJesu, uNkulunkulu ubuka abesifazane njengabekhethelo, amadodakazi athandekayo, akukho okuncane kunalokho. Lona ngumumo ophezulu kakhulu, ukubizwa ngendodakazi/umntwana kaNkulunkulu umninimandla onke. Yilungelo elimangalisayo. “Ake nibheke uthando olungaka, asinike lona ubaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo!” – 1 KaJohane 3:1 (buka futhi incwadi KwabaseGalathiya 3:26-29; NgokukaJohane 3:16, 1 KaPhethro 3:7; KwabaseRoma 16:1, 3, 6, 12, 13). Ubalulekile kuNkulunkulu, futhi uma ulandela uJesu, ngifuna ukukukhumbuza ukuthi uyindodakazi ethandwayo. UNkulunkulu ukubuka kanjalo. Uyilowo muntu inguna phakade. Futhi ufuna ukukusebenzisa emhlabeni ngokwenkazimulo yakhe.

UNkulunkulu usasebenza uhlelo lakhe nezinjongo zakhe namhlanje, zifaka phakathi abesifazane. Kungasikho okwacatshangwa kamuva, kepha njengalabo abebehlezi beyingxenye yohlelo lwakhe. Ubuyisela umfanekiso wakhe kuKhristu, ukuthi baphinde futhi baveze inkazimulo yakhe njengokuba wayezimisele kwasekuqaleni. Ngenxa yalokhu, siyabona ukuthi kunezindima ezahlukene ekumele zidlalwe  ngamadodana namadodakazi kaNkulunkulu, njengoba kwaknjalo ekuqaleni. Lokho akukashintshi. Kunabesifazane abaningi ebhayibhelini (kwithestamente elidala nelisha) abasetshenziswe nguNkulunkulu ngendlela emangazayo futhi abayizibonelo ezinhle zokukholwa. USara, uDebhora, uRuthe, u-Esteri, uRahabi, uMariya, u-Anna, u-Elizabethi, uPriska, uLidiya, kunohlu encwadini yabaseRoma 16, njll.

UJesu nabesifazane

Izincwadi zevangeli zigcwele izibonelo ezinhle zokuthi uJesu wabaphatha kanjani abesifazane nokuthi lokho kwaba namthelela muni kubo. Cabanga ngowesifazane wamakha enani – Yini ngoJesu eyayingenza lona owesifazane agcobe uJesu ngamakha enani phambi kwalabo ababembuka kabi. Yini eyaholela ekukhonzeni kwakhe ngalendlela nothando?

Uthini ngowesifazane owayenomopho? Uyazi ukuthi wayethathwa njengongcolileyo, ngakho-ke wayengavunyelwe ukuhlanganyela nabanye ezindaweni zabantu, angisayiphathi eyokubathinta, ngoba wayezothelela loyo amthintile ngokungcola? Kuleyondaba, uJesu wayebiziwe ngokuphuthuma ukuyophulukisa umntwana wentombazane owayefa, kwakukhona abantu bemungungile. Kepha ngenkathi emuthinta lona owesifazane, ukuphendula kwakhe kuyanyakazisana impela, kwamangaza ngesihawu. Okokuqala nje, wema ngenxa yakhe, wasondela kuye ngothando nesihawu. Wamubona, waba nendaba naye nesimo sakhe. Akacasukanga ukuthi umthintile.

Sibona abesifazane abalandela uJesu benikela emsebenzini wakhe; abanye balabo abesifazane babengabokuqala ukubona ukuvuka kukaJesu! UNkulunkulu wasebenzisa owesifazane ukuba ngowokuqala ukumemezela ukuthi uJesu uvukile kwabafileyo, ngale kokuthi ubufakazi babesifazane babungathathelwa phezulu, akabanga nendaba nalokho.

UJesu wabeka impilo yakhe phansi ngenxa yabesifazane. Lokho kukutshelani ngomumo wakhe mayelana nabesifazane?

Ngakho-ke, kungabe ibhayibheli libabuka kanjani abesifazane? Kungabe limelene nabesifazane? Ngingasho ukuthi kunobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi lokho akusilo iqiniso, akusondele ngisho ukusondela. Kahle-hle kuyaphikisana.

Previous
Previous

Ungaphumula, kulesikhathi sonyaka esisele? (Eksodusi 33:14)

Next
Next

How Does the Bible View Women? (Part 2)