Ungaphumula, kulesikhathi sonyaka esisele? (Eksodusi 33:14)
Sisesikhathini lapho abaningi bethu bekhathele, bethakasele ngokulangazelela isikhathi sokuphumula.
Kuyini ukuphumula? Kumele siphumule kanjani? Kungabe sisho ukuncipha kwesikwenzayo? Noma singakhuluma ngokuphumula uma sinenqwaba yomsebenzi emahlombe ethu?
Kukhona uhlobo lokuphumula olungatholwa ngisho onemisebenzi engaphezu kwezimpilo eziyizigidigidi ehlane. Kungukuphumula okufana nokusencwadini i-Eksodusi 33:14.
“USimakade wathi: “ngizohamba nawe mina uqobo, futhi ngiyakukuphumuza.”
Nakhu okubonakalayo maqondana nalokhu kuphumula:
Ukuphumula kufuna ukulalela kokwethemba
Manje-ke, ukuphumula uNkulunkulu akuthembisa u-Israyeli, lokhu kuphumula okufunwa nguMose – kwakulele ekutheni bona bathembeke futhi balalele izwi likaNkulunkulu. Labo abangalalelanga uNkulunkulu, kepha abaphambuka – uNkulunkulu uthi abasoze bangena ekuphumuleni kwakhe (KumaHebheru 4:3).
Ngamanye amazwi, lokhu akusikho ukuphumula ongakuthola ngendlela othanda ngayo. Ngukuphumula okubona isidingo sonikeza ukuphumula okwengeziwe, okwanelisa umphefumulo wakho. Kujulile kunokuphumula nje emisebenzini yakho.
Ukuphumula akusikho-nje okwenyama
Esinye sezizathu uMose afuna isiqiniseko sobukhona bukaNkulunkulu kungenxa yokuthi wayazi ukuthi uNkulunkulu uthembise kuphi ukuphumula, akusikho okwenyama noma okomzimba. UMose wazi ukuthi uNkulunkulu wayengathembisi ukuphumula emsebenzini – ukuphumula ekuluseni, ukuphumula ekucosheni imana, ukuphumula ekwakheni amatende, njll. – Kunalokho, isithembiso sikaNkulunkulu sokuphumula sasingaphezu kokuphumula komzimba, kwakungukuphumula komphefumulo.
Ukuphumula kungokwakaMoya
Ukuphumula komphefumulo uNkulunkulu ayekuthembisa – kusho ukuphumula kulokhu:
Ukudideka – Ukuthi ungubani uNkulunkulu wabo nokuthi bamukhonze kanjani.
Ukukhathazeka – Ngezinto abakhathazeka ngazo abangenaNkulunkulu.
Ingcindezi – yempilo yansuku zonke.
Imizamo yoluntu – Ukwazi izinto ezingezika Nkulunkulu kuphela, ngokuziba lezo ezambuliwe kithi.
Izitha – ezangaphakathi (isono) noma ezangaphandle (ukubola), noma ezakamoya (ububi).
Lokhu ngukuphumula uNkulunkulu akwethembisa uMose Kanye no-Israyeli. Kona lokhu kuphumula uNkulunkulu usethembisile kona kuJesu.
UMose wazi ukuthi ngaphandle kukaNkulunkulu phakathi kwabo – ukuphumula komzimba kungaba ngeminye yemizamo yomuntu yokuqhela noma ukubalekela izinkathazo zempilo. Kepha uma uNkulunkulu enabo – ukuphumula kwakamoya kuyakuchichima kuze kufike nasenyameni.
Kumele sikhethe
Wena nami kumele sikhethe. Njengamakholwa, Akushiwo ukuthi angeke sibhekane nezingqinamba zempilo, kepha singazikhethela indlela esibhekana ngayo nalezo zingqinamba. Esingase sikwenze ngokwemvelo ngukugijima sihambe sifuna usizo, sizame ukuzisiza.
Singaphendula ngokwesaba nokutatazela, noma siphumule ebukhoneni benkosi. Singachitha isikhathi sethu sikhathazeke, noma sithembe ukuthi inkosi izosinakekela. UJesu wathi, “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; yikhona imiphefumulo yenu iyakufumana ukuphumula. Ngokuba ijoka lami alinzima, nomthwalo wami ulula.” (NgokukaMathewu 11:28)
Manje-ke, uzosenza kanjani isiqiniseko sokuthi uphumule ngokwanele kulamaholidi kakhisimusi?
Kulabo abasebenzayo, abangakazothola ukuphumula komzimba manje – yithi ngikukhuthaze ukuba usebenzise ukudinga kwakho ukuphumula kukudonsele kuloyo ongakunika ukuphumula komphefumulo wakho.
Qonda ukuthi ngisho ngabe bekuthiwa unikeziwe ukuphumula kwenyama noma komzimba – ubungeke uphumule uma ungenaso isiqiniseko nokuphepha empilweni. Isiqiniseko nokuphepha okutholakala ebukhoneni bukaNkulunkulu.
Kulabo abazobe bengasebenzi, abazobe bephumula – sebenzisa isikhathi sakho sokuphumula komzimba ukuba sikukhombe kulowo ozimisele ukunika ukuphumula komphefumulo. Akuthi ukuhamba noma ukuvakasha kwakho, isikhathi somndeni, Kanye nazo zonke izinto ezinhle ohlela ukuzenza zishumayele kuwe ngomdali wazo okunika zona.
Ungavumeli ukuba ukuphumula kwakho komzimba kudale uqhekeko phakathi kwakho noNkulunkulu. Noma ngabe ukuphi – langazelela ngokufuna ukuphumula kwakamoya kuNkulunkulu.
Sengivala, nayi imibono emithathu yokuthi ungafuna kanjani ukuphumula komphefumulo wakho; Bheka kokudlule, udumise, khuleka ngokwamanje, ukhuleke ngokwezithembiso zikaNkulunkulu ngomusa ozayo.
Bheka kokudlule, udumise
Kuvamise ukuthiwa izinto sizibona kancono uma sezidlulile. Kulesi sikhathi, ngasekupheleni konyaka, yisikhathi esihle kakhulu sokubheka emuva ubuyekeze.
Kulabo benu ababhala phansi – lesi yisikhathi sokufunda, ukuze uzozibonela wena ubufakazi bobukhona bukaNkulunkulu, ukunakekela kwakhe, uthando analo ngawe. Kulabo abathatha izithombe – Yehla kumakhalekhukhwini wakho, ubuke inyanga nenyanga ukuthi uNkulunkulu ukuthathephi kulonyaka – ubonge.
Akudingeki ukuba ubuyekeze izikhathi ezinhle kuphela. Ngisho nezikhathi ezinzima, ungamdumisa ngoba izinhlupheku kumakristu azisizo ezeze. Zisidonsela eduze kukaNkulunkulu zilungise umuntu. Unazo zonke izizathu zokudumisa uNkulunkulu. Ngokakho, mudumise!
Khuleka ngokwamanje
Akukaze kungabikho lutho oludinga ukukhulekelwa. Khulekela ukuphumula kwakho. Khulekela ibandla lakho, khulekela abaholi bebandla lakho Kanye nemindeni yabo. Khulekela abangane – bathumelele imiyalezo eqondene nabo, hlampe kungakabi ngukhisimusi (ungahambisi lemiyalezo ekotshelwayo) futhi buza ukuthi ungabakhulekela kwini. “Ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleke ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke” (Kwabase-Efesu 6:18).
Khuleka ngokwezethembiso zikaNkulunkulu ngomusa ozayo
Kwenye inkathi ngikuthola kulula kakhulu ukubuka umusa odlule – ukufa kukaJesu esiphambanweni ngibe nokubonga kunokubuka izethembiso ezizayo ngibe nokwethemba. Kepha uNkulunkulu ukufuna kokubili kithi.
Konke ukunakekela kukaNkulunkulu okwedlule kumele kusiqinise ethembeni kwizethembiso zakhe ezizayo ukuze sizobhekana nempilo entsha onyakeni omusha ngethemba, sigxile kwizethembiso zikaNkulunkulu.
Ngikhulekela ukuba uthole loluhlobo lokuphumula lufanelwe ukufunwa.