Igama Lakhe Malingcweliswe
Igama lakhe inkathi edlule, nekhona nezayo.
Ukuguquka kwazo inzinkathi zonyaka
Kusuka lithwasa ihlobo kuye eNkwindla.
Izethembiso zakudala, nokufezeka kwazo endulo.
Imiphumela yazo namuhla eletha ithemba elisha lakusasa.
Igama lakhe, u-Nguye!
Izolo, namuhla, kusasa, naphakade.
Ukugcwala kwesikhathi, izinti zewashi zime ngohlangothi.
Ngokuhamba kwesikhathi awethu amagama asithela ngokuvela.
Ngelakhe igama nangaphezu komkhathi isikhathi siyavela.
Akaphili esikhathini, elakhe igazi liphuma ohlangothini.
Iminyaka owesifazane esesikhathini,
Ngokuthinta umphetho wengubo yakhe esixukwini
Ukufa egazini lakhe kwaphelelwa isikhathi
Ngoba umthetho wokufa usesikhathi
Ngaphandle kwaso kuphelelwa ubuthi
Yingakho futhi
Abakuye egameni benokuphila kwafuthi.
Ngakho masingakhali bazalwane,
Masingcwelise igama lakhe.
Ngoba ekufeni nasekuphileni,
Uma sikholwa egameni lakhe,
Ezulwini elingenasikhathi sobonana futhi.