Impilo ephilwe kahle-(izaga 1:1-7)
Sonke sithanda impilo emnandi. Sonke sifuna ukuthi ibhalwe kumlando kamufi ize igxivizwe nakwitshe lesikhumbuzo ukuthi siphile kahle. Buka ezinkundleni zokuxhumana, qaphela lokhu okubhaliwe, ukuthi ngandlela thize - kunikeza umqondo ocashile“ wempilo emnandi ephilwe lapha”. Sonke sifuna impilo emnandi ekujuleni kwethu ngokuba siyazi ukuthi sasidalelwe okukhulu kunalokhu esikubonayo, ezinye zezindlela okubonakala ngako ukuthi siyafisa ukuphila kahle, sifuna ukuphila impilo enhle noma emnandi.
Iyini impilo emnandi? Wazi kanjani uma uphila kahle? Ubani owabekayo ukuthi kuyini ukuphila kahle?
Ngokwezwe elisizungezile - impilo emnandi impilo yenkululeko, isiqiniseko nokuvikeleka. Impilo enhle ingasho ukuzinza: ingasho umsebenzi nomholo okwanelisayo. Ingasho ukushada kanye nokuba nomndeni wakho - lapho uzizwa usekhaya. Impilo emnandi ingasho ukuthi uyakwazi ukuthatha amaholidi angapheli, ungakhathazeki ngalutho. Impilo emnandi ingasho ukuthi unobudlelwane obuhle nabanye emphakathini, ingasho ukuthi izidingo zakho uyazithola - awudingi lutho. Impilo emnandi ingasho ukuthi unokuthula nokwaneliseka -awukhathazeki, awesabi, awuminyaniseki awunakho nokufisa. Impilo emnandi ingasho izinto ezahlukahlukene kubantu abahlukene. Kepha, ukujula kokufisa kuyafana - sasidalelwe okukhulu futhi siyafisa nokuphila kahle.
Kungabe uNkulunkulu uthini maqondana nalokhu?
Kusukela ekuqaleni, kwincwadi ka Genesise, sasidalelwe ukuzwa ubudlelwane obungenasici noNkulunkulu, nemvelo kanye nabanye abantu. UNkulunkulu wayesidalele ukuba siphile impilo ephilwe kahle, esilungele nemukhazimulisayo. Ngebhadi-ke ngenxa yesono (ukungalaleli imiyalo kaNkulunkulu kusukela ku Adamu no Eva), impilo yaqala yaguquka kulokhu ekwakumele ibe yikho. Ngenxa yesono impilo igcwele izinhlupheko, ukukhala kanye nobuhlungu. Umasibuka kwincwadi yezaga, uNkulunkulu odale konke nowazi ukuthi izwe limi kanjani usinikeza ukuhlakanipha okuza ngokwazana naye ukuthi sihambe kanjani kulomhlamna.
1Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli,
2zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa,
nokwahlukanisa amazwi okuqonda,
3nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha,
nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,
4nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha,
nezinsizwa ukwazi namasu,
5ukuze ohlakaniphileyo ezwe,
aqhubeke ekufundeni,
noqondileyo athole iziluleko ezinhle
6ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo,
namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.
Ukufinqa:
uNkulunkulu ngencwadi yezaga uthi ukuphila kahle ukuba nokuhlakanipha. Ukukhanyiseleka ngempilo nezimo esihlangabezana nazo. Ukuthola iziyalo ukuthi sihambe kanjani siphile noma siziphathe kanjani ezimweni ezahlukahlukene. Impilo ephilwe kahle enokuhlakanipha kokwazi okulungile, nokushintsha ulwazi lube yizenzo. Impilo ephilwe kahle iyimpilo yokubhekana nokungalungile, ukungabi nobulungiswa kanye nokuzihlanganisa nabantu abalungile. Impilo ephilwe kahle yimpilo yokuthobeka wazi ukuthi uhlezi ukhula ufunda futhi udinga ukuhlakanipha nokukhanyiseleka kuzo zonke izigaba zempilo ukuze uphile kahle. Konke lokho sikunikwa nguNkulunkulu - owaziyo ukuthi izwe lisebenza kanjani.
ukuphila kahle ukuphila ngokuhlakanipha - ukuhlakanipha ukwazi ukuthi umhlaba kaNkulunkulu usebenza kanjani. Ukuphila kahle kusho ukwazi iNkosi, ukuzonda ekuzondayo nokuthanda ekuthandayo. Kungukuhlala kwimiyalo ayinikezayo. Ukuhlakanipha kuqinisekisa ukuthi uhlala kahle, awuhlezi umelene nohlelo lukaNkulunkulu lokuphila impilo elungile. Kuthiwa uyisiwula uma uphila ngendlela ephambene nebekwe nguNkulunkulu. Impilo yobuwula iholela ebunzimeni, usizi nokuhlupheka kanye nemiphumela enzima.
ukuhlakanipha kusinikeza imigomo nolwazi lokuthi siphile kanjani ezimweni ezahlukene zempilo. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, noma kukhona isono nobunzima kusinikeza injabulo nokwaneliseka kulezo zimo.
Uqhubeka athi:
7Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
Lokhu kuhlakanipha kutholakala ekubeni nobudlelwane nomdali wezwe esiphila kulo. Izaga zichaza ukusaba uNkulunkulu. Ukuba nobudlelwane noma ukusaba uNkulunkulu njengokwazi ukuthi ngoMkhulu kunazo zonke izinto. Ukuphendula kwethu kulolu lwazi ukumethemba nokuba nobudlelwane naye, nokumethemba ngezimpilo zethu sisaphila kulomhlaba simazi njengomdali.
Impilo ephilwe kahle impilo yokuhlakanipha okuza ngokubona ukuthi iNkosi ingaphezulu kwakho konke futhi inendlela yokuthi impilo ihamba kanjani. Ukuhlakanipha kuyasisiza ukuthakasela impilo ngendlela kaNkulunkulu, siphile nempilo iNkosi efuna siyiphile.