Iqiniso ngesono: Izifundo kwincwadi KaJakobe 1
Isifundo sokuqala: Isono asiveli kuNkulunkulu.
Makangabi bikho muntu othi uma elingwa, athi: “Ngilingwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angelingwe ngokubi, naye luqobo kalingi muntu” (EkaJakobe 1:13).
UNkulunkulu akalingeli abantwana bakhe ekoneni. Kuso sona lesi sahluko, ivesi lesi-2-4 lithi;
“Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. Ukukhuthazela makube nomphumela opheleleyo, ukuze nibe ngabakhulile nabapheleleyo, nabangaswele lutho.”
Kulamavesi sibona ngokusobala ukuthi uNkulunkulu uyasivumela thina bantwana bakhe ukuba sidlule ekulingweni okuhlukene. Hhayi njengesono esisiholela ekufeni (vs. 15), lezi zilingo ziyintuba yokulungisisa ukholo lwethu. UNkulunkulu usithembisile ukuthi uma sihlala sigxile kuye noma sivivinywa, siyokwamukela umqhele wokuphila (vs. 12), futhi siyazi ukuthi uNkulunkulu uyazigcina izethembiso zakhe, kungenjengesono esithembisa ubumnandi, kepha siqhubekele silethe inhlungu.
Uvesi 17 kulesi sahluko uthi, “izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuyise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.”
UNkulunkulu ungubaba olungile opha izipho ezinhle. Isono asilungile, isono sihlezi sifuna ukunxeshezelwa, isono sisengamela ngokudliwa ngunembeza Kanye nehlazo, isono siyasiqhelisa sisibeke sodwana. Ngakho-ke, isono asiveli kuNkulunkulu.
Isifundo sesibili: Isono sivela kwizimfuno zethu.
Kepha yilowo nalowo muntu ulingwa, ahuhwe yizinkanuko zakhe, futhi ahuheke (EkaJakobe 1:14)
Singaqophisana ngamazwi sizame ukunikeza isizathu sokuthi kungani sona, kepha iqiniso lithi sona ngoba sifuna ukona. Sona ngokwentando yethu. Leli yiqiniso esimanqika ukulivuma, kepha ekugcineni yiqiniso. Isono siyabambelela kakhulu kithi ukuze sizokwengamela ukufuna kwethu ukona, sidinga ukufuna noma ukulangazelela okukhulu kakhulu nokuhle; kumele silangazelele uNkulunkulu nezwi lakhe kakhulu. Ivesi lama-21 lithi; “Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nobubi okukini, namukele ngobumnene izwi elitshalwe kini, elinamandla okusindisa imiphefumuo yenu.” Izwi likaNkulunkulu liyisihlangu sethu maqondana nesono. Izwi likaNkulunkulu lihlanzekile, uma silokhu sizindla ngalo, izinhliziyo zethu ziyavikeleka ezonweni zokugabadela.
Isifundo sesithathu: isono siyabulala.
Ukulangazelela uma sekukhulile kuzala isono, isono uma sesikhulile siletha ukufa (EkaJakobe 1:15)
UJakobe uthi, “uma isono sesikhulile sizala ukufa, ukuze isono sikhule, kumele sondliwe. Kwenye inkathi, izono zethu sizibiza “izono ezincane” futhi singazinaki, noma sicabange ukuthi sizokwazi ukuzilawula. Kepha iqiniso lithi azikho “izono ezincane”.
Okokuqala, uNkulunkulu uyasizonda isono, futhi ubuka isono njengesono ngisho ngabe kuthiwa “sincane” kangakanani emehlweni ethu. Okwesibili, lezi zono “ezincane” uma sezondliwe, ziyakhula, ngankathi zikhula siyaqala sibone ukuthi asikwazi ukuzilawula. Ekukhuleni ziletha ukufa. UNkulunkulu waxwayisa u-Adamu no-Eva ngobubi besono wathi, “Ungazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini, kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.” (Igenesise 2:16-17). Kepha abalalelanga bona badla, kwathi ngesono, ukufa kwangena ezweni. Isono sifuna ukusiphatha, sisongamele size sisibulale. Kumele siyeke ukusithatha kancane isono namandla aso okubhubhisa. Isono siyabulala.
Izindaba ezimnandi!!
Esiphambanweni, uKristu wanqoba isono Kanye nokufa. Asisezona izigqila zesono, ngokuba amandla esono agqashuliwe. Ukufa akusenawo amandla phezu kwethu esikuKhristu.
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu ubaba wethu nasenkosini uJesu Khristu, owazinikela ngenxa yezono zethu ukuze asisindise kulesi sikhathi samanje esibi ngokwentando kaNkulunkulu ubaba wethu – KwabaseGalathiya 1:3-4.
Ngakho-ke ngiyafakaza enkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ngobuze bengqondo yabo. Kepha manje seningukukhanya enkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, ngokuba isithelo sokukhanya sisebuhleni bonke, ekulungeni naseqinisweni; nihlolisise ukuthi kuyini okuthandekayo enkosini – Kwabase-Efesu 4:17; 5:8-10.
Ngakho-ke bulalani amalunga enu asemhlabeni: ubufebe, ukungcola, ukuhuheka, inkanuko embi, umhobholo, nokukhonza izithombe.
Nembethe omusha, owenziwa musha njalo ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo – KwabaseKolose 3:5&10.