UNkulunkulu, umsindisi wethu nomahluleli (u-Amose 1:1-2:3)

Bengifunda incwadi ka-Amose ngilungiselela intshumayelo eqhubekayo osihloko sayo sithi; u-Amose: inkosi iyabhonga imelene nokungalungi. Ngithole kunzima. Ngizithole ngibona uhlangothi lukaNkulunkulu engingafisi ukubhekana nalo.

Nayi imicabango yami:

U-Amose umemezela ukuthi inkosi yanele yizizwe ngenxa yezono ezenziwa kuluntu, ngakho-ke uzohlasela (U-Amose 1:3 – 2:3).

1:2 “USimakade uyabhonga eziyoni, azwakalise izwi lakhe eJerusalema. Amadlelo abelusi ayagagadeka, nesicongo seKharmeli siyabuna.

UNkulunkulu uzakuhlasela.

USimakade uyabhonga. Yiziphi izinto ezibhongayo? Amanzi ayaduma ngokuhlokoma, ibhubesi liyabhonga. Ngicabanga ukuthi u-Amose lapha  isithombe afuna sisibone esebhubesi elibhongayo.

Uqhubeka nalowo mqondo kwisahluko 3:4, “Ibhubesi lingabhodla yini ehlathini uma lingabambe nyamazane na? Ibhongo lengonyama lingagwavuma yini uma lingabambe lutho na?”

Futhi, Qaphela lapho kuqhamuka khona lokhu kubhonga, kuqhamuka eziyoni, kuvela eJerusalema. Likuphi iJerusalema? likaJuda lapho khona inkosi ithiwa yingonyama yesizwe sikaJuda. Ngakho-ke inkosi – ingonyama iyabhonga. Kepha kusho ukuthini lokho? Uyazi ukuthi uma ibhubesi libhonga, akusikho okungelutho. Selikulungele ukuhlasela. UNkulunkulu usekulungele ukuhlasela. Lokho kusho incithakalo (“amadlelo abelusi ayagagadeka”) okwakunamandla (“nesicongo seKharmeli”) kuphelelwa ngamandla.

Angikaze ngilizwe ibhubesi libhonga ngilibone. Angazi bangaki kini asebeke balibona, kanti nalapho kuhlala khona izilwane ababali. Ngikhuluma ngokulizwa libhonga esiqiwini lapho linesizathu sokubhonga.

Esengike ngalizwa lalikumabonakude khona maduze nje ngibukele ifilimu i-Narnia, the lion, the witch and the wardrobe, kwindawo lapho u-Aslan ebhongela inkosazane yeqhwa, kwangethusa! Kangakanani ukwethusa nokusabeka kuloyo ozwa esesiqiwini. U-Amose ufuna abafundi bakhe bakuqonde lokhu. USimakade uyabhonga. Yethuka, ube nokwesaba okukhulu ngokuba usekulungele ukuhlasela. Awusaphephile. Ngiyathanda indlela umnumzane uTomnus akubeka ngayo kwifilimu. Wathi kuLucy, “Uyibhubesi elilungile, kepha akaqeqeshiwe”.

Ukubhonga kukaSimakade emelene nezizwe Kanye namacala azo kuluntu kumele kusiholele ekukholweni lokhu okulandelayo, futhi sizindle ngakho:

Okokuqala kokudlinza: UNkulunkulu unguNkulunkulu wezizwe.

U-Amose uyakuveza lokhu ekugcineni kwevesi lesishiyagalombili uma ethi uNkulunkulu “inkosi uSimakade”. Ngakho ungobusa ngaphezu kwakho konke. Njengokuba omunye umhumushi ethi, “Ngizwa isisindo sokukholelwa kuNkulunkulu oyedwa ongaphezu kwakho konke” okubizwa nge “Monotheism” ngolukaJoji. Ngakho-ke, izizwe, isizwe sethu sinesibopho kuye yena yedwa, hhayi ngisho onkulunkulu baso, ngokuba munye uNkulunkulu. Yebo bayazibophezela ngaphansi kwegunya labantu kepha ngaphezu kwakho konke enkosini.

Ngakho-ke uma kungase kube khona okubuzayo; uNkulunkulu angabahlulela kanjani abantu okungesibo abakhe? Kulula nje, uNkulunkulu unguNkulunkulu wezizwe.

Okwesibili kokudlinza: UNkulunkulu uyanakekela.

Omunye wemibuzo ejwayeleke kakhulu ngoNkulunkulu yilona: “UNkulunkulu ukuvumela kanjani ukuhlupheka?”bengixoxa nosemuncanyana nje ngolesihlanu obenemibuzo eminingi.

Ngizizwe sengathi  ngikumabona kude kwenye yezinhlelo ezivuthayo lapho uphendula khona imibuzo evuthayo noma ngisenyuvesi ngiphekwa ngemibuzo ebhekiswe kumfundisi. Ubelokhu ededele intululwane yemibuzo. Umbuzo owodwa esihlale kuwo isikhathi eside; “UNkulunkulu uzivumela kanjani izinto ezimbi kangaka kuba zenzeke kubantu?” umbuzo engimbona ukuthi uyamthinta yena ngqo. Uqhubeke wathi, “UNkulunkulu angavumela kanjani ukuthi umama wami nogogo wami baphatheke kabi ngalenyandlela nguhulumeni wobandlululo?”

Waqhubeka wathi “kwenze ukuthi impilo yethu ibe ngubunzima obuqhubekayo, kube yimpilo yokuzama, sizama ukudla, sizama imali, nasesikoleni kunzima. Impilo inzima kakhulu.

UNkulunkulu uvumela kanjani ukuthi abantu baphathe ngesihluku abanye abantu? Kepha engikutholile ngukuthi kukhona umbuzo noma ukuzitshela okuthize emva kwalombuzo.

Nokhu-ke, Kungabe uNkulunkulu unendaba? Ngakho kuzwakala kanjena, “UNkulunkulu angakuyekela kanjani ukuhlupheka okunjena, kungabe akanandaba?” Kungabe uNkulunkulu unendaba uma umuntu wesifazane edlwengulwa, kungesiye umuntu oyedwa, kepha edlwengulwa ngabaningi njengokuba sike sezwa ezindabeni kulamasonto adlule? Kunzima kangakanani lokho! Kungabe uNkulunkulu unendaba uma abesifazane bezwiswa ubuhlungu, behlukunyezwa, bebulawa? Kungabe uNkulunkulu unendaba umu umuntu ethunjwa, adayiswe, ayoba yisigqila socansi? Kungabe uNkulunkulu unendaba uma izingane zibulawa zisasesiswini, zenziwe izicucu zize zikhishwe? Kungabe uNkulunkulu unendaba uma abagqekezi besebenzisa udlame olungenasidingo? Kungabe uNkulunkulu unendaba uma abangakwazi ukuzimela, abangenacala, abantu bebulawa kwimpi yasezweni laseRashira nase-Eukraine? Kungabe uNkulunkulu unendaba nokucwasa nokuhlaselwa kwabokufika ezweni lethu?

U-Amose uthi yebo unendaba, kakhulu kangangokuba uzakwahlulela labo abenza lobo bubi bamacala asabekayo kwabanye abantu. Yena uqobo lwakhe uzobhekana nabo. Kuso sonke lesiqeshana, uNkulunkulu uthi, “ngiyakumisa…,ngiyakuthumela umlilo…”.

Singakwethemba ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ngenxa yezizathu ezimbili:

  1. UNkulunkulu unedumela elaziiwayo.

Ucabanga ukuthi ngubani owaguqisa inkosi uFaro owayenze abantu bakhe izigqila? nguNkulunkulu. Waphakamisa uFaro, wamehlisa futhi ekhombisa amandla akhe ezweni (KwabaseRoma 9:16 & i-Eksodusi 9:16). Ucabanga ukuthi ngubani owaguqisa u Hitler? Yinkosi umninimandla wonke. Ucabanga ukuthi ngubani owaqeda ukuthenga nokuthengiselana abantu abayizigqila? Yinkosi umninimandla wonke.

Ucabanga ukuthi ngubani owaqeda imigomo nemithetho yokubandlululwa ngokwebala? NguNkulunkulu inkosi ephezu kwakho konke. Buka idumela lakhe, wazi ukuthi unendaba, ngakho-ke uzobhekana nababi.

  1. Igama lakhe “ungogcina isethembiso”.

Okhulumayo yinkosi uNkulunkulu. Akazigqashuli izethembiso zakhe. Ngakho-ke akusiwo umbuzo wokuthi ‘uma kungenzeka’ kepha ‘uma sekwenzeka’. Yima isibindi, uNkulunkulu unendaba, uyakuqeda ngobubi, ungaba nesiqiniseko salokho ngenxa yodumo lwakhe Kanye negama lakhe ekufezeni izethembiso zakhe.

Okwesithathu kokudlinza: Izwe limudinga kangakanani uNkulunkulu, ukuba limuzwe ekhuluma, esebenzisa ibandla lakhe.

Njengokuba sibona izizwe kulengxenye esifunda kuyo, kunzima ukubuka ububi bazo. Ukuphathana ngobulwane. Kungashiwo okufanayo ngesizwe sethu namuhla. Yilokhu okwenzekayo uma engekho uNkulunkulu ezinhlizweni zabantu. Abantu bezwa ubuhlungu. Abantu kumele bamazi uNkulunkulu webhayibheli. Imigomo elungile iza ngokwazi uNkulunkulu. Kungabe awuvumi? Lokhu kulele kithina – ibandla, njengoba kwakunjalo ngo-Israyeli – ibandla lokuqala. Kumele sifunde izexwayiso zikaNkulunkulu ezizweni, zisiphaphamise siye kwimiphefumulo.

Ngakho njengebandla sidinga ukuzibuza ukuthi kungabe senza okwanele yini ukubhekana nalesi sidingo? Kungabe wenza okwanele? Kungabe siyabakhomba abantu kuJesu Kristu ongaguqula izinhliziyo zabo azilethe kubudlelwane obulungile noNkulunkulu kuze kube sebudlelwaneni obuhle nabanye. Kumele siqale lapha. Futhi kuyasiza ukukhuluma nokubuza imibuzo enzima yesimo sethu, yizinhlanganyelo zemiphakathi, abaqashi, abasebenzi, othisha nababafundisa kwezemfundo ephakeme uma sibona bungekho ubulungiswa, kunokuba siyekele abantu benze kabi kwabanye singenzi lutho ukubanqanda. Lapho khona kunamacala abhekiswe kubantu, ububi bunyuka, uthi;  “kusho inkosi umninimandla onke.”

Okwesine kokudlinza: ungagangeli kuNkulunkulu.

Awukwazi ukusuka kulengxenye ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyazidlalela, akadumele ngalezi zinto. Uyazikhulumela nje. Uveza ukukhathazeka kwakhe. Kufana nokuthi, uyakhonkotha nje kodwa akalumi. Ungakwenzi lokho. Lamazwi ka-Amose kumele abe yisexwayiso kithi. Asizohlala ezonweni nje kuphele kanjalo, izinto ezimbi nezisabekayo esizenzayo, abanye bayakwazi lokhu engikhuluma ngakho. Ngiyacela, mfowethu nodadewethu, UNGADLALI NGALONKULUNKULU! Angeke kube kuhle ngawe.

Ngakho-ke wenzenjani uma uNkulunkulu ebhonga emelene nawe? Uya kuNkulunkulu. Uya kwingonyama eyiwundlu, uphenduke, ukholwe kuye.

Uya kuJesu umucele akuxolele. Yileso sizathu asizela. Weza emhlabeni wethu eminyakeni engaphezu kwezigidi ezimbili eyedlule, wabhekana nesisindo sonke solaka lukaNkulunkulu nokwahlulela kwakhe. Ukuze mina nawe singabe sisabhekana nakho. Ibhubesi liyabhonga – amehlo akhe abhekene ngqo nawe. Uma uKristu engeke abe ngumsindisi wakho, impela uyoba ngumahluleli wakho.

Kwangathi izwi likaNkulunkulu lingathela izithelo kuwe.

Previous
Previous

Iqiniso ngesono: Izifundo kwincwadi KaJakobe 1

Next
Next

The Truth about Sin: Lessons from James 1