Bhekani iwundlu elingenasici

Ngokungangabazeki izwe esiphila kulo lingcoliswe yisono. Asibathandi abanye ngendlela efanele, nathi futhi asikaze siluthole uthando olungenamgomo. Asisakwazi ngisho ukubala izikhathi lapho abantu besona. Sonile uma sizama ukuzibambela mathupha, sizama ukuzivikela thina, sibe “yinkosi” phezu kwempilo yethu. Sibuye sigodle uthando lwethu ngenxa yokuthi kuke kwadlalwa ngalo, kulula ukufuna ukuziphindiselela noma ukucasuka ngenxa yezinto esidlule kuzo esingeke sakhuluma ngazo. Sigwema ukukhuluma ngenxa yokuthi sibona ukuthi ngeke sisaqondwa futhi lokho kusenza sizizwe singamkelekile. Sibe sesiyekelela noma sithande kafushane ngoba sesijwayele isisho esidala, “uma samukela abantu empilweni yethu abanye bayaphuma”. Sengike ngachitha isikhathi sami ngibeke isandla esihlathini ngacwebisa amehlo ngicabanga “kungani izinhliziyo zethu zingaphumuli kwizethembiso ezizayo?” kungenzeka bengibuka uNkulunkulu izwi lakhe  kanye nezithembiso zakhe ngamehlo afana nengibuka ngawo izwe elingizungezile. Ukumbuka njengomama okhohliwe ukunakekela, noma ubaba ongavikeli noma engizalwa naye ongangibekeli ukudla uma ngibuya esikoleni.  Noma nje njengomuntu onikeziwe amandla, kodwa ohlukumezayo. Asizange sibekwe phambili ngakho nathi siyahluleka ukubeka abanye phambili, ngakho akuthusi ukuthi izethembiso zeNkosi zibonakala zinzima ukuzibamba kuthina abezinhliziyo ezephukileyo.

 

Kepha ngithanda ukukumema ukuba ubheke indodana kaNkulunkulu eyabeka ukuphila kwayo phansi ngenxa yami nawe ukuze silwazi uthando okunzima ukuthi izingqondo zethu zabantu zilubambe noma ziluqonde, uthando olungenamigomo. Uthando olungenamigomo asilukholwa. Bheka iwundlu elungenasici! Akafani nathi uma kuza kwezothando. Akafani nathi esithanda uma kulula ukuthanda labo abeseduze nathi. Wasithanda kuqala thina singakamuthandi. Bheka ingonyama yakwa Juda, impande kaDavide eze ezweni ukuba yisihlengo sabo bonke. UnguNkulunkulu ongcwele, ukumcabanga ngenye indlela ngungukuzakhela okuhlukile. Wasidala wasithanda. Uthando akusiyo into ayenzayo, yena uluthando. Mina nawe kumele sizibonele yena ngokwethu ngokubamba izwi lakhe. Singakaluboni uthando lukaNkulunkulu olulungile ngokwethu, angeke sikwazi ukuthanda abanye ngokulungile noma sithole uthando kubo. Lokhu akukusha siyazi ngokufunda ibhayibheli ukuthi indalo yonke iyabubula kungathi ngemihelo kuze kube kulesiskhathi (KwabaseRoma 8:22), kuze kube yilolo suku ibubulela usuku lapho isono siyosuswa. Ibubulela lolo suku esiyoma ngalo phambi kukaNkulunkulu sihlabelela igama elisha, sithi: “Ufanele wena ukuyithabatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakhoabavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,” (Isambulo 5:9). Ngalolosuku asiyikukhathazeka ngokwamukeleka ngokuba siyobe siphambi komnikazi wokuphila, siyobe sanelisekile sigcwele indumiso simangazwe ubuhle nenkazimulo obungakaze bacatshangwa yinhliziyo yethu ngaphambilini.

 

Ake sikhuleke simucele ukuba avule amehlo enhliziyo yethu, simangale yilelizwe uma siliqhathanisa naye. Kwangathi ububi balelizwe bungasisondeza kuye usuku nosuku, esihlangana nakho noma okusehlelayo kusikhombise ukuthi ungcwele thina sibabi. Konke esikwenzayo kusikhombise ukuthi ngisho ubulima bakhe kungukuhlakanipha okungamakhulukhulu kunokuhlakanipha kwethu. Ngiyakumema ukuba udlinze ngalokhu.

Previous
Previous

Emgedeni

Next
Next

Behold the untainted lamb