Emgedeni

Uma echaza uthi sisemgedeni

Unesineke ekusilandiseni ngokuphila kude nasemgedeni

Isineke sakhe sisabuwulana kwabasemgedeni

Uqalaphi ukuchazela inhlanzi ngokujula kolwandle nokusabalala komkhathi

Akakhathali nangokucamela kwewashi

Akadikibali noma sesimkhomba ngophakathi, noma singamnaki

Uthi lomgede awuyazi imisebe yelanga

Esikubiza ngokukhanya ukujwayelwa kwamehlo nezithunzana zengqondo

Uthi nokukhanya esikucela kwabadala ngempepho emsamo nasemathempelini

Konke ukubiza ngemidlalo kaqedisizungu yasemgedeni.

Uthi ijulile imidlalo yabantu abangaboni, ayinamsuka nasiphetho, ukuhleka nokuqiniselana imihlathi kuyefana ebumnyameni

Okwakobanike ukutshelwa ebusheni bakho,

Ekukhuleni kwakho, nasekufeni imbala

Ukuthi ukuphila nezithukuthuku zakho konke kungumdlalo ongenanzuzo. Konke ize leze.

Uma ezichaza yena uthi ungumnikazi wensimu

La kuphumela khona lomgede.

Umema bonke abamlalelayo, bamethembe ekuphileni okunenzuzo ekukhanyeni kwelanga lokulunga

Previous
Previous

Christian Giving: Why Tithing is not a Christian Mandate

Next
Next

Bhekani iwundlu elingenasici