Ekufuneni iqiniso
Sonke siphila sifuna noma sibheka iqiniso. Ukufuna uthando lwangempela, ubungane bangempela, injongo yeqiniso. Singabakha incazelo, kuyingxenye yendlela esakhiwe ngayo ukufuna incazelo Kanye neqiniso. Lokhu kusenza sehluke kokunye okudaliweyo nguNkulunkulu. Ulwazi lweqiniso lunomthelela kwindlela esiphila ngayo, injongo yethu Kanye nezinqumo esizithathayo empilweni. Ukuphila ngaphandle kweqiniso kuholela empilweni engenanjongo, impilo engenancazelo.
Iqiniso yisimo noma izinga lokuba neqiniso, okuhambisana neqiniso elingaguquki Kanye nokungokoqobo. Ukuthi ngiyaphila kuliqiniso eliqinisekiswa ngukuthi ngiyaphefumula, ngiyanyakaza, nginomthambo, ngiyadla, Kanye nokunye. Amaqiniso agcizelela noma afaka isigxiviso ekutheni “ngiyaphila”, kuliqiniso. Esikhathini samanje, iqiniso liphelelwa yisisekelo noma umongo walo ngenxa yamaqiniso aphasiswayo. Iqiniso liba ngelomuntu ngokwesipiliyoni somuntu, imizwa yakhe Kanye noma ngendlela abuka ngayo impilo. Alisekho iqiniso elimiyo. Uyazakhela incazelo yakho ngendlela ozikhethela ngayo.
Noma ngabe kuthiwa sikunakile noma asikunakile, sonke sinolwazi olusobala lokuthi singabadaliweyo; ulwazi lwethu lufushane, luyakhawuka ngenxa yesikhathi nendawo Kanye nokungakwazi ukwenza okuthile ngomzimba.
Ukwahluleka noma ukukhawuka kwethu kusikhomba kokuthize noma umuntuu othize ongesithi, ophethe isikhiye seqiniso elilangazelelwa ngumphefumulo wethu phakathi kithi. Sifuna ukujabula, siyazi ekujuleni kwethu ukuthi impilo njengamanje akusiyo impilo engabe yiyo, akusikho lokhu okwakumele ibe yikho. Sasidalelwe okungaphezulu kwalokhu. Mhlazane sathola lokhu esasidalelwe kona, siyothola ukuphila impilo enenjongo yangempela, ngokweqiniso langempela. Ngakho-ke izinqumo esizenzayo noma ukukhetha esikukhethayo, okusigqugquzelayo, ubuzwe bethu Kanye nendlela esenza ngayo kuyobe sekuhambisana ngokweqiniso.
Njengalabo abazenzela incazelo ngokokudalwa, sibuka kwezesayensi, uBuddha, u-Allah Kanye noNKulunkulu maqondana naleliqiniso eliguqula umphefumulo linikeze nokuphila. Siphinde sibuke kithi uqobo, ubuzwe bethu noma ukuthi singobani, ubulili bethu esizenzele bona. Ziningi izinto ezithi ziliqiniso lapha ngaphandle futhi ezithi ziholela empilweni yeqiniso. Kodwa-ke, ekuhambeni kwesikhathi ziholela ekukhathazekeni okukhulu, ukuphoxeka Kanye nesiyaluyalu (Amahubo 16:4). Isono sesiguqule iqiniso, kwaholeleka ekufuneni ingqikithi neqiniso ezintweni, kungesiye uNkulunkulu osidalileyo u-Yahweh. UnguNkulunkulu ozambulile wazeka yena Kanye nohlelo lakhe lambulwa kithi. (I-Eksodusi 3:13-15).
“NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala…”
- I-Eksodusi 34:6
Namhlanje ukhuluma kithi ngendodana yakhe uJesu Kristu.
“UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaphrofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi, ekugcineni kwalemihla ukhulume kithina ngendodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe. Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene somkhulu kweliphezulu, seyaba nkulu kunezingelosi, ngjengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.”
-KumaHeberu 1:1-4
Ungubani loJesu?
Uyindlalifa ngaphezu kwayo yonke indalo kaNkulunkulu. Ekhona kusukela kwingunaphakade. UNkulunkulu umunikezile igunya kuzo zonke izinto ezisezulwini nezisemhlabeni wonke. Izinto zonke zimi ngaye. Weza oluntwini (esonweni soluntu ekufuneni kwalo iqiniso nokwaneliseka kokuzama) Ezoluhlangula ebugqileni besono, nokufa, nokwahlulela ukuba babuyisane noNkulunkulu ukuze bezoba nokuphila, futhi babe nakho kuchichime. Wakwenza lokhu ngokubeka phansi ukuphila kwakhe (NgokukaJohane 10:9-11, NgokukaJohane 12:44-50, KumaHeberu 2:14-18).
Inkosi isikhulumile futhi yasikhombisa ukuthi ukuphila kwangempela Kanye nenjongo kutholakala kuphi: kwindodana yakhe uJesu Kristu. Imfihlakalo yentando yakhe Kanye nohlelo lokuzayo ukwambulile kithi. Nina enikholwayo, qhubekani nikuye ngokukholwa nguye. Ngokuba labo abasafuna noma asebetholile ukuphumule emifuleni yesikhashana, mabafune yena, ongumfula wamanzi okuphila okuphakade, phendukelani kuye lisekhona ithuba, ngokuba siyeza isikhathi sokubuya kwakhe, lapho liyobe lingasekho ithuba.
“Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kubaba ngaphandle kwami.” (NgokukaJohane 14:6)
Akekho umuntu ongathola ukukhululwa, impilo Kanye neqiniso elisuthisa umphefumulo ngaphandle kukaJesu Kristu.