Khosela ngaphansi kwephiko lakhe – NgokukaLuka 13:34
“Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe. Kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho, njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga”
NgokukaLuka 13:34
Isihloko esisodwa esilokhu sivela kwithestamente elidala, kubaphrofethi sivela enkosini ngukwahlulela kukaNkulunkulu. Kepha, esikhathini esiningi izindaba zokwahlulela kukaNkulunkulu bezihambisana nesimemo sokubuyela kuNkulunkulu, ukhosele kuye.
Kulengxenye yombhalo engaphezulu, sibona uJesu enza okufanayo – isimemo sokuphenduka. Ekuqaleni kwesihloko, uJesu uxwayisa amaJuda ngokwahlulela kukaNkulunkulu okuzobehlela uma bengaphenduki. UNkulunkulu uyaveza ukuthi ube nesineke kanjani nabo ukuthi baphenduke, bathele izithelo, ubatshela ngomfanekiso wesihlahla somkhiwane.
UJesu uyaqhubeka nokubhekana nabaholi bamaJuda abangamuvumeli ukuba afinyelele kwabakhile eJerusalema ngezindaba zakhe ezimnandi njengoba sazi ngokungqubuzana kwemibono phakathi kukaJesu nabaholi bamaJuda okwaholela ekutheni bamubulale.
UJesu wayexwayisile amaJuda kwimibhalo engemuva ngokwahlulela okuzayo, simubona lapha eveza ubumnene benhliziyo njengokuba esebenzisa isithombe sesikhukhukazi esifuna ukuvikela amachwane engozini ngokuwafihla ngaphansi kwamaphiko aso. Sike sasibona futhi lesi sithombe kwithestamente elidala ngenkathi umbhali wehubo ekhuluma ngokukhosela emaphikweni kaNkulunkulu. Amahubo 57:1 “Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe, ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho, zize zidlule izinhlekelele.
Kulelivesi uJesu ukhalela iJerusalema, ngokuba bengazimisele ukukhosela kuye ngenxa yokwahlulela okuzayo. Uyazi ukuthi uma bengekho ngaphansi kwamaphiko akhe basengcupheni abavikelekile ngosuku lokwahlulela. Anginaso isiqiniseko sokuthi uzizwa kanjani uma ucabanga ngosuku lokwahlulela noma mawucabanga ngokwahlulela kukaNkulunkulu. Abantu abaningi abahlaliseki kahle uma bezwa ngokwahlulela kukaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi abaningi bazi uNkulunkulu njengonothando, abamucabangi njengomahluleli.
Kuyadingeka-nje kushiwo ukuthi loNkulunkulu othandayo ulungile, okusho ukuthi othandweni lakhe kumele aveze ubulungiswa. Ngenxa yokuthi uthando lwangempela aluthokozi esonweni (1 KwabaseKorinte 13:6). Ngakho-ke uNkulunkulu angeke ayekele isono singajeziswa. Ukugcizelela ukuthanda ubulungiswa bukaNkulunkulu kumavangeli, sibona uJesu ekhuluma kakhulu ngokwahlulela kukaNkulunkulu esihogweni kunasezulwini.
Futhi-ke, ubufakazi uJesu anabo ngathi singuluntu ngukuthi siyizoni. Ngakho-ke, uma uNkulunkulu olungile futhi othandayo ehlulela isono, sizakuhlulelwa. Yingakho uJesu egcwele isihawu esikhalela njengokuba wenza ngeJerusalema. Kungesikho lokho kuphela, ube esesimemela ukuba sigijimele endaweni yokuphephela enguye, ukuze sizophepha (phansi kwamaphiko akhe) ekwahluleleni kukaNkulunkulu okuzayo.
Kungani kumele sithembe kuJesu ukuthi asivikele ekwahluleleni kukaNkulunkulu? Njengokuba uJesu kulengxenye esiyibukayo ezwini esendleleni eya eJerusalma (NgokukaLuka 13:22), akayile lapha kovakasha nje noma ukungcebeleka, kepha ukubhekana nokwahlulela kukaNkulunkulu ngenxa yethu esiphambanweni. Uyafa ngenxa yezono zethu ukuze sizokhosela ethunzini lamaphiko akhe siphephe.
Ngakho-ke, labo phakathi kwethu ababeke ithemba labo kuJesu, sinethemba lokuthi angeke sibhekane nokwahlulela kukaNkulunkulu ngokuba uJesu wabhekana nakho endaweni yethu, manje sesiphephile ngaphansi kwamaphiko akhe. Kepha uma ungakakholwa nguJesu, awuphephile olakeni lukaNkulunkulu, ngakho-ke uma ungaphenduki, kanjalo uyakubhubha (vs 1).