Kungesilo elinye ivangeli
Muva nje ngikhumbuzeke ukuthi ivangeli liyasisindisa futhi lisigcine sisindisiwee. Ayikho enye into engaletha ukuthula phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, isikhulule kumshophi onzima wokulahlwa kuphela ivangeli likaJesu.
Ivangeli lisinika isiqiniseko sokuphila okuphakade. Ivangeli liyisisekelo sokukholwa kwethu – ngaphandle kwalo, inkolo yobukhrestu ayikho, nokukholwa kwethu kuyize/akunamsebenzi. Kungenxa yevangeli ukuthi amakhrestu aphila impilo ehlukile kunaleyo yezwe. Ivangeli lenza amakholwa aqhakaze njengezinkanyezi ezweni lobubi elimnyama. Izwe libenza inhlekisa libathi; ngabangasile noma abahlanyayo; izwe liyabahlasela libazingela ngokuba lidinwa yilokhu ivangeli elikusho ngoJesu.
Ivangeli ngumyalezo kaJesu Krisru, lakhelwe kwabazibonela abaqinisileyo futhi liphinde lifakazelwe yizibhalo. Impio yakhe, ukufa, ukuvuka Kanye negunya alinikeziwe ngumdali, uNkulunkulu okukuye konke kumi, izinto ezisezulwini nasemhlabeni kwinkazimulo yegama lakhe nokubuyiselwa kwendalo yakhe.
“3 Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhrestu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo, 4 nokuthi wambelwa, wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo, 5 nokuthi wabonwa nguKhefase, wayesebonwa ngabayishumi nambili. 6 Nokuthi emveni kwalokho, wabonwa ngabazalwane abangaphezu kwama-500 ngasikhathi sinye, iningi labo elisaphila namanje, kodwa abanye sebalala. 7Emveni kwalokho, wabonwa nguJakobe wayesebonwa ngabaphostoli; 8 Ekugcineni kwabo bonke, wabonwa nayimi enginjengozalwe kungakabi yisikhathi.
(1 KwabaseKorinte 15:3-8)
Kanye
16 Ngokuba konke kwadalwa ngayo; okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo, nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso, noma izikhulu, noma iziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona. 17 Yona ingaphambi kwakho konke, zonke izinto zibambene zimi ezindaweni zazo ngayo. 18 Yona iyinhloko yomzimba, ibandla; iyisiqalo, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke. 19 Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo, 20 nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini. (KwabaseKholose 1:16-20).
Kwabaningi abangakholwa, igazi likaJesu elaphalala esiphambanweni ngumyalezo ontekenteke. Kepha kithi abahlengiweyo ngegazi lakhe, ivangeli lingamandla kaNkulunkulu okusindisa kuwo wonke okholwayo. UNkulunkulu ushaya indiva ubuhlakani babantu ngomyalezo olula wevangeli ukuze kungabikho muntu ozibongayo, kepha ukuthi amandla akhe okusindisa ngomyalezo wakhe ezoba seqhulwini uma abantu befika ekukholweni.
Njengoba ngikhumbuzekile ngokubaluleka namandla okungabukeka njengomyalezo olula nje. Nginesiqiniseko sokuthi ngenxa yalomyalezo, kunethemba lempilo emva kokufa ngokuba ukufa kunqotshiwe ngokuvuka kukaKhrestu ekufeni. Ovukweni lakhe, uJesu uyinkosi ngaphezu kokufa nenkosi yakho konke ezulwini nasemhlabeni. UJesu ubeka konke ngaphansi kokubusa kwakhe, ngalokho egcwalisa injongo nezinhlelo zikaNkulunkulu.
Masime siqinile kulomyalezo. Asime siqinile, simelane nayo yonke imimoya yezimfundiso, amacebo adukisayo Kanye nefilosofi, ukucabanga kwabantu Kanye namasiko angayisi ekhomba kuJesu Khrestu. Masingapheli amandla noma sishawe ngamahloni okumemezela uKhrestu ngeqiniso sisabhekise amehlo ethu kwisiqiniseko Kanye nethemba esinalo evangelini.