UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe – Amahubo 115:3

Kwake kwaba nesikhathi empilweni yami lapho ngezwa khona sengathi konke kuyabheda, akuhlangani. Ngangingenathemba. Ngangisendaweni emnyama ngiphatheke kabi kabi. Ngahluleka ukuzibamba ekuzindleni ngokuthi uNkulunkulu ukuphi kukho konke lokhu. Kungabe wayethuli? Kungabe kukhona ayekwenza ngalesi simo? Kwafika imibuzo eminingi engqondweni yami. Kwaba sengathi umngani wami wazi ukuthi kwenzekani ekhanda lami ngenkathi engithumelela lelivesi, kepha uNkulunkulu wayazi. Kusukela ngalolosuku leli liyivesi lami engivamise ukuya kulo. Linendlela yokungehlisa umoya.

UNkulunkulu wethu usezulwini

Ngaphambi kwezinto eziningi, lamazwi nje angibeka endaweni yami. UNkulunkulu ulaphaya phezulu, mina ngilapha phansi. Mukhulu kakhulu, mina ngingomncane. Yize noma engenaso isimo esibonakalayo, engenasimo somzimba esikanye nathi, singenaso ngisho isithombe sakhe njengoba abanye benezonkulunkulu babo, kepha unendawo eqinisekileyo enkazimulweni, indawo ekhethekileyo. Ukweliphakeme, ezulwini, embethe amandla nobukhosi. Ulawula umhlaba nazo zonke izidalwa ezikuwo. U Spurgeon uthi uNkulunkulu wethu ulapho “ekumele abe khona; elalele yonke imisindo yabantu yeze. Kepha ebuka phansi ethuli kubenzi bebhabheli”

Wenza konke ngokuthanda kwakhe

Akahlezi nje kuphela ezulwini engenzi lutho. Ebukhulwini bakhe, wenza konke ngokuthanda kwakhe. Akukho ngisho omuphoqayo ukuthi enze akuzondayo. Uyathokoza kwakwenzayo, uthola injabulo kukho konke akwenzayo.

Lelivesi lingifundisa ukuthi akukho okwenzeka empilweni yami okumethusayo uNkulunkulu, akukwazi nje ukuba lokho kungenzeka. Kuphephile ukwethemba yena, ukufanele ukuthenjwa yithi. Kuludumo ukubizwa ngomntwana kaNkulunkulu onjena.

Nakhu ukuphendula okuhle kuka John Piper “Ngakho-ke, masime ngokumangala. Asithuthumele ngokuba ukudumisa kwethu akuyi kongaphezukonke kuphela, kepha insindiso yethu ngokufa kukaKristu imi kulokhu: “UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe”.

Previous
Previous

Do versus Done - It is finished/Kufeziwe (19:30 John)

Next
Next

Kungesilo elinye ivangeli