Ngenxa YeGama Lakhe
Okuhle nomusa kuyangilandela.
Noma unembeza ungilahla ngecala, okuhle akudeli ukunginamathela.
“Kanjani, kunamahora angangeziduli zabasali awabulele?
Ubufakazi nampu, imiphumela engatholakalanga!
Cha, okwenzekile akufani nobekudaliwe,
Ngakho okuhle akumfanele, lo uphambukile!”
Ngithwale isiphambano nami uqobo ngizibethele.
Hleze ngithole ukuphumula, kade unembeza usina uzibethela.
Kwaphuma Izwi lakhomba umhlatshelo.
Labiza abasindwayo nabakhathele ukuba bazidele.
Wathi yena uyakwazi ukubaphathela abathwalele.
Wathi okwakhe ukuphila kungokwabafile,
Ngoba bona abasakwazi ukuziphilela.
Yize bephila, kodwa amacala abo, embula ingubo abembathise eyamakhaza.
Wangethula inyanda, kwaphemba ilangabi lemfudumalo.
Elakhe igama laba ngumhlatshelo emakhasini omlando.
Laphenduka isiphethu samagama aletha ukuphila kwabafile.
Ngaye kwabuya amandla okusebenza kusakhanya
Imiphumela yaqala yavela obala
Kuthe noma kufika ukuzigqaja, ngakhumbula:
Elami igama selaba isichasiso segama lakhe,
Noma sezivulwa inzincwadi,
Nelami igama loba inani esibalweni semisebenzi yakhe emihle.
Yingakho okuhle, nasebubini esigoni kungilandela,
Kungenxa yeGama Lakhe.